U-Isaya
50 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Siphi isitifiketi sedivosi + sikanyoko, engimlahlile?
Noma, ubani enginithengise kuye kulabo engibakweletayo?
2 Pho kungani bekungekho muntu lapha lapho ngifika?
Kungani kungasabelanga muntu lapho ngibiza? +
Ingabe isandla sami sifushane kakhulu ukuba sikhulule,
Noma anginawo yini amandla okukhulula? +
Izinhlanzi zayo ziyabola ngenxa yokungabi khona kwamanzi,
Ziyafa ngenxa yokoma.
4 INkosi EnguMbusi uJehova inginike ulimi lwabafundisiwe, *+
Ukuze ngiyazi indlela yokuphendula* okhathele ngezwi elifanele. *+
Ingivusa njalo ekuseni;
Ivusa indlebe yami ukuze ilalele njengabafundisiwe. +
Angizange ngiphendukele kolunye uhlangothi. +
6 Umhlane wami ngawunika abangishayayo,
Nezihlathi zami labo abancothula intshebe.
Ubuso bami angizange ngibufihlele izinto ezilulazayo nokukhafulelwa ngamathe. +
7 Kodwa iNkosi EnguMbusi uJehova iyongisiza. +
Yingakho ngingeke ngizizwe ngilulazekile.
Yingakho ngimise ubuso bami baba njengetshe eliqinile, +
Ngiyazi ukuthi ngeke ngihlazeke.
8 Lowo othi ngilungile useduze.
Masime ndawonye.*
Ngubani ofuna ukungimangalela?
Makasondele kimi.
9 Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova iyongisiza.
Ngubani oyongilahla ngecala?
Bheka! Bonke bayoguga njengengubo.
Bayodliwa yinundu.
Ubani oye wahamba ebumnyameni obukhulu, kungekho ukukhanya?
Makathembele egameni likaJehova futhi ancike kuNkulunkulu wakhe.
11 “Bhekani! Nina nonke enokhela umlilo,
Enenza kuqhashe izinhlansi,
Hambani ekukhanyeni komlilo wenu,
Phakathi kwezinhlansi enizenze zavutha.
Yilokhu eniyokuthola esandleni sami:
Niyolala phansi ngobuhlungu obukhulu.