UZefaniya
2 Ngaphambi kokuba isinqumo sifezeke,
Ngaphambi kokuba usuku ludlule njengamakhoba apheshulwa umoya,
Lungakafiki phezu kwenu ulaka lukaJehova, +
Lungakafiki phezu kwenu usuku lwentukuthelo kaJehova,
3 Funani uJehova + nonke nina abamnene* bomhlaba,
Enenza ngokuvumelana nesinqumo sakhe sokulunga.*
Funani ukulunga, funani ubumnene.*
Mhlawumbe* niyovikelwa ngosuku lwentukuthelo kaJehova. +
I-Ashidodi liyoxoshwa emini bebade,
I-Ekroni liyosishulwa. +
5 “Maye kulabo abahlala ngasogwini lolwandle, isizwe samaKhereti! +
Izwi likaJehova limelene nani.
O Khanani, lizwe lamaFilisti, ngizokubhubhisa,
Kuze kungasali muntu ohlala kuwe.
6 Ugu lolwandle luyoba ngamadlelo,
Lube nemithombo yabelusi nezibaya zamatshe zezimvu.
Ebusuku bayolala ezindlini zase-Ashikeloni.
8 “Ngikuzwile ukuhlambalaza kukaMowabi + nenhlamba yabakwa-Amoni, +
Abaklolodele isizwe sami, ngokuzikhukhumeza basongela ukuthatha indawo yaso. +
9 Ngakho-ke ngiyafunga,” kusho uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli,
“UMowabi uyoba njengeSodoma, +
Abakwa-Amoni babe njengeGomora, +
Indawo yezimbabazane, umgodi kasawoti nehlane eliyincithakalo. +
Izinto zabo ziyothathwa abantu bami abasele,
Abasele esizweni sami bayobaphuca izinto zabo.
10 Yilokhu abazoba nakho esikhundleni sokuziqhenya kwabo, +
Ngoba baklolodele abantu bakaJehova wamabutho, baziphakamisa.
11 UJehova uyokwesabeka* kubo;
Ngoba uyoqeda* bonke onkulunkulu basemhlabeni,
Zonke iziqhingi zezizwe ziyomkhothamela, *+
Yileso naleso sisendaweni yaso.
12 Nina maTopiya, nani niyobulawa yinkemba yami. +
13 Uyokwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, abhubhise i-Asiriya,
Uyokwenza iNineve libe yincithakalo, + lome njengogwadule.
14 Imihlambi iyolala phakathi kwalo, zonke izinhlobo zezilwane zasendle.*
Ivuba nengungumbane kuyolala phakathi kwezihloko zezinsika zalo.
Kuyozwakala umsindo wezinyoni zicula efasiteleni.*
Izitubhu ziyoba incithakalo;
Ngoba uyokwembula amapulangwe omsedari.
15 Leli yidolobha eliqhoshayo elalihleli ngokulondeka,
Elalithi enhliziyweni yalo, ‘Yimi yimi, akekho omunye.’
Yeka ukuthi seliyinto eshaqisa kanjani,
Seliyindawo yokulala izilwane zasendle!
Wonke umuntu odlula ngakulo uyoshaya ikhwela anikine ikhanda.” +