IzAga
6 Ndodana yami, uma wenze isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu sikamakhelwane wakho, +
Uma wenze isivumelwano* nomuntu oyisihambi, +
2 Uma uye wabanjwa yisithembiso osenzile,
Wabanjwa amazwi omlomo wakho, +
3 Yenza lokhu, ndodana yami, uzikhulule,*
Ngoba uwele esandleni sikamakhelwane wakho:
Hamba uzithobe, umncengisise, unxuse umusa wakhe. +
4 Ungavumi ukuba amehlo akho afikelwe ubuthongo,
Noma ukuba amehlo akho ozele.
5 Zisindise njengenyamazane esandleni somzingeli,
Nanjengenyoni esandleni somcuphi wezinyoni.
7 Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi,
8 Ilungisa ukudla kwayo ehlobo, +
Ibuthe ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.
9 Uyolala lapho kuze kube nini vila ndini?
Uyovuka nini ebuthongweni?
10 Ukulala kancane, ukozela kancane,
Ukusonga izandla kancane ukuze uphumule, +
11 Ukuhlupheka kuyobe sekukufikela njengesela,
Nokuswela kuyokufikela njengomuntu ohlomile. +
15 Ngenxa yalokho, uyokwehlelwa inhlekelele ngokuzumayo;
Ngomzuzwana nje uyokwephulwa angabe esalapheka. +
16 Kukhona izinto eziyisithupha uJehova azizondayo;
Yebo, ziyisikhombisa izinto ezinengekayo kuye:
17 Amehlo aqhoshayo, + ulimi olunamanga + nezandla ezichitha igazi elingenacala, +
18 Inhliziyo eceba amacebo amabi + nezinyawo ezigijimela ebubini,
19 Ufakazi wamanga ophafuza amanga, +
Nanoma ubani odala imibango phakathi kwabafowabo. +
21 Kubophele enhliziyweni yakho njalo;
Kubophele entanyeni yakho.
25 Ungabufisi ubuhle bakhe enhliziyweni yakho +
Noma umvumele akubambe ngamehlo akhe ayengayo,
26 Ngoba umuntu uze asale nesinkwa esisodwa ngenxa yowesifazane oyisifebe, +
Kodwa umfazi wenye indoda* uyokwenza umuntu alahlekelwe ukuphila kwakhe okuyigugu.
27 Umuntu angawanqwabelanisa yini amalahle avuthayo esifubeni sakhe kodwa izingubo zakhe zingashi? +
28 Noma, umuntu angahamba yini phezu kwamalahle ashisayo kodwa izinyawo zakhe zingashi?
30 Abantu abalideleli isela
Uma leba ukuze lizisuthise lapho lilambile.
31 Kodwa lapho libanjwa, liyokhokha ngokuphindwe kasikhombisa;
Liyokhipha yonke impahla eyigugu yendlu yalo. +