ElikaDavide.
103 Ngizomdumisa uJehova;
Konke okungaphakathi kimi makudumise igama lakhe elingcwele.
2 Ngizomdumisa uJehova;
Kwangathi ngingeze ngakukhohlwa konke akwenzile. +
3 Uthethelela zonke iziphambeko zakho, +
Elaphe zonke izifo zakho; +
4 Usindisa ukuphila kwakho egodini +
Akuthwese umqhele wothando lwakhe oluqotho nesihe. +
5 Ukwanelisa ngezinto ezinhle + ukuphila kwakho konke,
Ukuze ubusha bakho buvuselelwe njengobokhozi. +
6 UJehova ubabonisa ukulunga + nobulungisa
Bonke abacindezelekile. +
7 Wamazisa uMose izindlela zakhe, +
Wazisa ngisho namadodana ka-Israyeli izenzo zakhe. +
8 UJehova unesihe nozwela, +
Uyephuza ukuthukuthela futhi uchichima uthando oluqotho. +
9 Ngeke ahlale ebheka amaphutha, +
Noma ahlale ecasukile kuze kube phakade. +
10 Akenzanga kithi ngokwezono zethu, +
Akasilethelanga lokho okusifanele ngokweziphambeko zethu. +
11 Ngoba njengoba amazulu ephakeme kunomhlaba,
Kanjalo uthando lwakhe oluqotho lukhulu kulabo abamesabayo. +
12 Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga,
Uzibeke kude kangako izono zethu. +
13 Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe,
NoJehova ubabonise umusa labo abamesabayo. +
14 Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, +
Ekhumbula ukuthi siluthuli. +
15 Izinsuku zomuntu ofayo zinjengezotshani; +
Uqhakaza njengembali yasendle. +
16 Kodwa lapho kuvunguza umoya, ayibe isaba khona,
Njengokungathi ayikaze ibe khona.
17 Kodwa uthando lukaJehova oluqotho kulabo abamesabayo +
Luhlala kuze kube phakade,
Nokulunga kwakhe esizukulwaneni sabo, +
18 Kulabo abagcina isivumelwano sakhe +
Nakulabo abayigcina ngokucophelela imiyalo yakhe.
19 UJehova usimise saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini; +
Nobukhosi bakhe bubusa yonke into. +
20 Dumisani uJehova, nonke nina zingelosi zakhe + ezinamandla amakhulu,
Enifeza izwi lakhe, + enilalela izwi lakhe.
21 Dumisani uJehova, nonke mabutho akhe, +
Nina zikhonzi zakhe ezenza intando yakhe. +
22 Dumisani uJehova, nonke nina ndalo yakhe,
Ezindaweni zonke zombuso wakhe.
Umphefumulo wami mawudumise uJehova.