Eksodusi
29 “Yilokhu okufanele ukwenze ukuze ubangcwelise ukuba babe abapristi kimi: Thatha ithole leduna, izinqama ezimbili eziphile kahle, + 2 isinkwa esingenamvubelo, olofu bezinkwa abamise okwesongo abanamafutha, nezingcezwana ezingenamvubelo ezigcotshwe ngamafutha. + Kufanele ukwenze ngofulawa ocolekile kakolweni 3 ukufake kubhasikidi ukulethe phambi kwami ngobhasikidi + kanye nenkunzi nezinqama ezimbili.
4 “Uzoletha u-Aroni namadodana akhe emnyango wetende lokuhlangana, + ubageze ngamanzi. + 5 Ngemva kwalokho kufanele uthathe izingubo + ugqokise u-Aroni ingubo enezikwele, ijazi elingenamikhono le-efodi, i-efodi nesiqephu sesifuba futhi kufanele ibhande elilukiwe* le-efodi ulibophe uliqinise okhalweni lwakhe. + 6 Kufanele umthwese iduku lokushuqula futhi ubeke uphawu olungcwele lokuzinikezela* edukwini lokushuqula; + 7 uthathe amafutha okugcoba + uwathele ekhanda lakhe umgcobe. +
8 “Ngemva kwalokho usondeze amadodana akhe uwagqokise izingubo, + 9 ubabophe ngamabhande endwangu, u-Aroni kanye namadodana akhe, ubashuqulise emakhanda; ubupristi buzoba ngobabo njengomthetho waphakade. + Yile ndlela okufanele umise ngayo u-Aroni namadodana akhe ukuba babe abapristi. +
10 “Kufanele ulethe inkunzi phambi kwetende lokuhlangana, u-Aroni namadodana akhe bazobeka izandla zabo phezu kwenhloko yenkunzi. + 11 Uhlabe inkunzi phambi kukaJehova, emnyango wetende lokuhlangana. + 12 Uthathe ngomunwe elinye igazi lenkunzi uligcobe ezimpondweni ze-altare, + lonke elinye igazi ulithulule phansi e-altare. + 13 Uthathe wonke umhlwehlwe + omboze amathumbu, amafutha asesibindini, nezinso ezimbili namafutha akuzo, ukushise ukuze kushunqe phezu kwe-altare. + 14 Kodwa inyama yenkunzi nesikhumba sayo nomswani wayo, uzokushisa ngomlilo kude nalapho nihlala khona. Kungumnikelo wesono.
15 “Uzothatha inqama eyodwa, u-Aroni namadodana akhe kumele babeke izandla zabo enhloko yale nqama. + 16 Yihlabe le nqama uthathe igazi layo ulifafaze kuzo zonke izinhlangothi ze-altare. + 17 Yihlinze inqama ibe izingxenye, ugeze amathumbu + namanqina ayo, bese uhlela izingxenye zayo kanye nenhloko yayo. 18 Kumele uyishise yonke inqama, uyishunqise phezu kwe-altare. Ingumnikelo oshiswayo oya kuJehova, iphunga elimnandi. *+ Ingumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova.
19 “Ngemva kwalokho kufanele uthathe le enye inqama, u-Aroni namadodana akhe kufanele babeke izandla zabo phezu kwenhloko yayo. + 20 Uhlabe inqama futhi uthathe elinye igazi layo uligcobe endlebeni yesokudla ka-Aroni nasezindlebeni zesokudla zamadodana akhe nasezithupheni zabo nakobhozo bezinyawo zabo zesokudla, ufafaze igazi kuzo zonke izinhlangothi ze-altare. 21 Uthathe elinye igazi elise-altare namafutha okugcoba, + ukufafaze ku-Aroni nasezingutsheni zakhe nasemadodaneni akhe nasezingutsheni zawo, ukuze yena nezingubo zakhe namadodana akhe nezingubo zawo babe ngcwele. +
22 “Uthathe enqameni amafutha, umsila ononile, umhlwehlwe omboze amathumbu, amafutha asesibindini, izinso ezimbili namafutha akuzo + nomlenze wesokudla, ngoba iyinqama yokumisa u-Aroni njengompristi. + 23 Uthathe nesinkwa esiyindilinga, nolofu wesinkwa omise okwesongo onamafutha, nocezwana lwesinkwa kubhasikidi wesinkwa esingenamvubelo ophambi kukaJehova. 24 Kumele ukubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova. 25 Uzokuthatha ezandleni zabo ukushise e-altare, phezu komnikelo oshiswayo, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova. Kungumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova.
26 “Ngemva kwalokho uthathe isifuba senqama yokumisa umpristi, + enikelelwa u-Aroni, usizulise njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova, sizoba isabelo sakho. 27 Kufanele ungcwelise isifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze wesabelo esingcwele okuzulisiwe futhi okuthathwe enqameni yokumisa umpristi, + kulokho obekunikelelwa u-Aroni namadodana akhe. 28 Kufanele kube okuka-Aroni namadodana akhe ngomthetho waphakade okufanele ugcinwe ama-Israyeli, ngoba kuyisabelo esingcwele futhi kuyoba isabelo esingcwele okufanele sinikelwe ama-Israyeli. + Kuyisabelo sawo esingcwele asinika uJehova esivela emihlatshelweni yawo ehlanganyelwayo. +
29 “Izingubo ezingcwele + zika-Aroni ziyosetshenziswa amadodana akhe + ngemva kwakhe lapho egcotshwa futhi emiswa njengabapristi. 30 Umpristi ozongena esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe futhi ongena etendeni lokuhlangana ukuba akhonze endaweni engcwele uyozigqoka izinsuku eziyisikhombisa. +
31 “Uzothatha inqama yokumisa umpristi ubilise inyama yayo endaweni engcwele. + 32 U-Aroni namadodana akhe bazodla + leyo nyama yenqama kanye nesinkwa esikubhasikidi emnyango wetende lokuhlangana. 33 Kufanele badle izinto ezazinikelwe njengesihlawulelo ukuze bamiswe njengabapristi nokuba bangcweliswe. Kodwa umuntu ongagunyaziwe* akufanele azidle ngoba ziyizinto ezingcwele. + 34 Uma kukhona inyama yomhlatshelo wokumisa umpristi nesinkwa okusale kwaze kwaba sekuseni, kumele nikushise ngomlilo. + Akumele kudliwe ngoba kuyinto engcwele.
35 “Kufanele wenze ngale ndlela ku-Aroni namadodana akhe, ngokuvumelana nakho konke engikuyale ngakho. Uzothatha izinsuku eziyisikhombisa ukubamisa njengabapristi. + 36 Uzonikela inkunzi yomnikelo wesono nsuku zonke ngenjongo yokuhlawulelwa, uhlanze i-altare esonweni ngokulenzela isihlawulelo, kumele uligcobe ukuze ulingcwelise. + 37 Uzothatha izinsuku eziyisikhombisa ukwenzela i-altare isihlawulelo, kumele ulingcwelise ukuze libe i-altare elingcwelengcwele. + Noma ubani othinta i-altare kumele abe ngcwele.
38 “Yilokhu ozokunikela e-altare: amawundlu amabili eduna anonyaka owodwa, usuku nosuku. + 39 Elilodwa uzolinikela ekuseni, elinye ulinikele uma sekuhwalele. *+ 40 Ingxenye yeshumi ye-efa* likafulawa ocolekile ohlanganiswe nengxenye yesine yehini* lamafutha omnqumo, nomnikelo ophuzwayo wengxenye yesine yehini lewayini, kuzohambisana newundlu leduna lokuqala. 41 Elesibili uzolinikela uma sekuhwalele,* kanye nomnikelo ofanayo wokudla okusanhlamvu nophuzwayo onjengowasekuseni. Uzokunikela kube iphunga elimnandi,* umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. 42 Kufanele kube umnikelo oshiswa njalo kuzo zonke izizukulwane zenu emnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngizozibonakalisa khona kini ukuze ngikhulume nawe lapho. +
43 “Ngizozibonakalisa lapho kuma-Israyeli futhi lizongcweliswa ngenkazimulo yami. + 44 Ngizongcwelisa itende lokuhlangana ne-altare futhi ngizongcwelisa u-Aroni namadodana akhe + ukuze babe abapristi kimi. 45 Ngizohlala* phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, ngibe uNkulunkulu wabo. + 46 Nakanjani bazokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibhithe ukuze ngihlale phakathi kwabo. + NginguJehova uNkulunkulu wabo.