Eyokuqala YeziKronike
11 Ngokuhamba kwesikhathi wonke ama-Israyeli aqoqana kuDavide eHebroni, + athi: “Siyizihlobo zakho zegazi. *+ 2 Ezikhathini ezedlule lapho uSawule eseyinkosi, nguwe owawuhola u-Israyeli emikhankasweni yakhe yempi. + UJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Uyokwelusa abantu bami u-Israyeli, ube umholi phezu kwabantu bami u-Israyeli.’ ” + 3 Ngakho wonke amadoda amadala akwa-Israyeli eza enkosini eHebroni, uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova. Ngemva kwalokho agcoba uDavide waba inkosi phezu kuka-Israyeli, + ngokuvumelana nalokho uJehova akusho ngoSamuweli. +
4 Kamuva uDavide nawo wonke u-Israyeli baya eJerusalema, okungukuthi eJebusi, + lapho kwakuhlala khona amaJebusi. + 5 Abakhe eJebusi baklolodela uDavide bathi: “Awusoze wangena lapha!” + Noma kunjalo, uDavide wasithatha isigodlo saseZiyoni, + manje esesiyiDolobha LikaDavide. + 6 UDavide wathi: “Noma ubani oyobulala amaJebusi kuqala uyoba induna* nesikhulu.” UJowabe + indodana kaZeruya wakhuphuka kuqala futhi waba induna. 7 UDavide wabe esehlala esigodlweni. Yingakho sabizwa ngokuthi iDolobha LikaDavide. 8 Waqala ukwakha idolobha nhlangothi zonke, kusukela eNdundumeni* kuze kufike nasezindaweni eziyizungezile, uJowabe wavuselela yonke enye ingxenye yedolobha. 9 UDavide wayelokhu eba mkhulu, + uJehova wamabutho wayenaye.
10 Yilaba abayizinhloko zamaqhawe kaDavide anamandla amsekela kakhulu ebukhosini bakhe, kanye nawo wonke u-Israyeli, ukuze amenze inkosi ngokuvumelana nezwi likaJehova ngokuqondene no-Israyeli. + 11 Yilolu uhlu lwamaqhawe kaDavide anamandla: UJashobeyamu + indodana yomHakimoni othile, inhloko yalaba abathathu. + Wabulala amadoda angu-300 ngomkhonto ngasikhathi sinye. + 12 Wayelandelwa u-Eleyazare + indodana kaDodo umAhohi. + Wayephakathi kwamaqhawe amathathu anamandla. 13 WayenoDavide ePhasi-damimi, + lapho amaFilisti ayeqoqene khona ukuze aye empini. Manje kwakukhona insimu eyayigcwele ibhali, abantu babebalekile ngenxa yamaFilisti. 14 Kodwa yena wama phakathi nensimu wayilwela, waqhubeka ebulala amaFilisti, uJehova wabenza banqoba. *+
15 Abathathu ezinduneni ezingu-30 behlela edwaleni, baya kuDavide emgedeni wase-Adulamu, + ngesikhathi ibutho lamaFilisti limise amatende eSigodini* SamaRefa. + 16 Ngaleso sikhathi uDavide wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhetlehema. 17 UDavide wathi: “Uma nje ngingaphuza amanzi omthombo osesangweni laseBhetlehema + ngingajabula kakhulu!” 18 Lapho bezwa lokho, laba abathathu bafohla bangena ekamu lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni owawungasesangweni laseBhetlehema bawaletha kuDavide; kodwa uDavide wenqaba ukuwaphuza, wawathululela phansi emhlabathini phambi kukaJehova. 19 Wathi: “Angisoze ngakwenza lokhu ngenxa yokuthi ngihlonipha uNkulunkulu! Ingabe kufanele ngiphuze igazi lala madoda abeke ukuphila kwawo engozini? + Ngoba abeke ukuphila kwawo engozini ukuze alethe la manzi.” Ngakho wenqaba ukuwaphuza. Lezi yizinto ezenziwa amaqhawe akhe amathathu anamandla.
20 U-Abhishayi + umfowabo kaJowabe + waba inhloko yamanye amathathu; wabulala abangaphezu kuka-300 ngomkhonto, futhi wayenedumela elinjengelabokuqala abathathu. + 21 Kulaba abanye abathathu, wayevelele kakhulu kunababili kubo, futhi wayeyinduna yabo; nokho akazange afike ezingeni labokuqala abathathu.
22 UBhenaya + indodana kaJehoyada wayeyindoda enesibindi* eyenza izenzo eziningi zobuqhawe eKabiziyeli. + Wabulala amadodana amabili ka-Ariyeli wakwaMowabi, wehlela emgodini wamanzi ngolunye usuku likhithika wabulala ibhubesi. + 23 Wabulala nomGibhithe owayemude ngendlela engavamile—engamamitha angaba ngu-2,23* ubude. + Nakuba lo mGibhithe ayephethe umkhonto onjengogodo lohlaka lokweluka indwangu, + waya kuye ephethe induku wafike wahlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngomkhonto wakhe. + 24 Lezi zinto zenziwa uBhenaya indodana kaJehoyada, wayenedumela elifana nelamaqhawe amathathu anamandla. 25 Nakuba ayevelele ngisho nakakhulu kunalaba abangamashumi amathathu, akazange afike ezingeni lalaba abathathu. + Nokho, uDavide wammisa ukuba aphathe onogada bakhe.
26 Amaqhawe anamandla amabutho empi kwakungu-Asaheli + umfowabo kaJowabe, u-Elihanani indodana kaDodo waseBhetlehema, + 27 uShamoti umHarori, uHelezi umPheloni, 28 u-Ira + indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, u-Abhi-yezeri + umAnathoti, 29 uSibhekayi + umHusha, u-Ilayi umAhohi, 30 uMaharayi + umNethofa, uHeledi + indodana kaBhahana umNethofa, 31 u-Ithayi indodana kaRibayi waseGibheya labakwaBhenjamini, + uBhenaya umPirathoni, 32 uHurayi wasemihosheni* yaseGahashi, + u-Abhiyeli umAriba, 33 u-Azimaveti umBhaharumi, u-Eliyaba umShahaliboni, 34 amadodana kaHashemi umGizo, uJonathani indodana kaShage umHarari, 35 u-Ahiyamu indodana kaSakari umHarari, u-Elifali indodana ka-Uri, 36 uHeferi umMekheti, u-Ahiya umPheloni, 37 uHeziro umKarmeli, uNaharayi indodana ka-Ezibayi, 38 uJoweli umfowabo kaNathani, uMibihari indodana kaHagiri, 39 uZeleki umAmoni, uNaharayi waseBheroti, isikhonzi esiphatha izikhali zikaJowabe indodana kaZeruya; 40 u-Ira umIthire, uGarebi umIthire, 41 u-Uriya + umHeti, uZabhadi indodana ka-Ahilayi, 42 u-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yabakwaRubeni, okwakunabangu-30 ngakuye; 43 uHanani indodana kaMahakha, uJoshafati umMithini, 44 u-Uzaya wase-Ashitaroti, uShama noJeheyeli, amadodana kaHothamu wase-Aroweri; 45 uJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo ongumThizi; 46 u-Eliyeli umMahavi, uJeribayi noJoshaviya amadodana ka-Elinahama, u-Ithima wakwaMowabi; 47 u-Eliyeli, u-Obede noJahasiyeli umMezoba.