KwabaseGalathiya
4 Manje ngithi uma nje indlalifa iseyingane ayihlukile encekwini, nakuba iyinkosi yazo zonke izinto, 2 kodwa ingaphansi kwabaqondisi nabaphathi kuze kube usuku uyise alumisa kusengaphambili. 3 Ngokufanayo nathi, lapho siseyizingane, sasigqilazwe izinto zezwe zokucathula. + 4 Kodwa lapho kufika ukuphela kwaleso sikhathi, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa owesifazane + futhi eyayingaphansi komthetho, + 5 ukuze ibakhulule ngokubathenga labo abangaphansi komthetho, + ukuze samukelwe njengamadodana. +
6 Ngenxa yokuthi ningamadodana, uNkulunkulu uthumele umoya + weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu + futhi usenza simemeze sithi: “Abha,* Baba!” + 7 Ngakho ngamunye wenu akaseyona inceku kodwa useyindodana; uma eyindodana, uyindlalifa futhi ngoNkulunkulu. +
8 Noma kunjalo, ngesikhathi ningakamazi uNkulunkulu, naniyizigqila zalabo abangebona ngempela onkulunkulu. 9 Kodwa njengoba senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho, njengoba senaziwa uNkulunkulu, kwenzeka kanjani ukuba niphinde nibuyele ezintweni zokucathula ezibuthakathaka + neziwubala nifune ukubuye nibe izigqila zazo futhi? + 10 Nigcina ngokucophelela izinsuku nezinyanga + nezinkathi neminyaka. 11 Nginovalo lokuthi imizamo yami yokunisiza ibe yize.
12 Bazalwane ngiyanincenga, yibani njengami, ngoba nami nganginjengani. + Aningonanga. 13 Kodwa niyazi ukuthi ngathola ithuba lokuqala lokumemezela izindaba ezinhle kini ngenxa yokugula kwami. 14 Nakuba isimo sami sempilo sasiwuvivinyo kini, aningiphathanga ngendelelo noma ningenyanye;* kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu. 15 Iphi leyo njabulo enaninayo? Ngoba ngiyanifakazela ukuthi, uma kwakungenzeka, ngabe nakopolota namehlo enu nanginika wona. + 16 Ngakho-ke, ingabe sengiyisitha senu ngoba nginitshela iqiniso? 17 Banifuna ngazo zonke izindlela, kodwa abanifuneli injongo enhle; bafuna ukunihlukanisa nami, ukuze nibe nogqozi lokubalandela. 18 Nokho, kuhle ngaso sonke isikhathi ukuba umuntu anifune ngentshiseko enenjongo enhle, kungabi kuphela lapho nginani, 19 bantwanyana bami, + engiphinde ngaba sezinhlungwini zokunibeletha, kuze kube yilapho uKristu akheka kini. 20 Kodwa bengingafisa ukuba ngibe kanye nani njengamanje, ngikhulume ngendlela ehlukile, ngoba ngididekile ngenxa yenu.*
21 Ngitsheleni, nina enifuna ukuba ngaphansi komthetho, Aniwuzwa yini uMthetho? 22 Ngokwesibonelo, kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye encekukazini + nenye kowesifazane okhululekile; + 23 kodwa lena yencekukazi empeleni yazalwa ngendlela engokwemvelo, *+ lena enye yowesifazane okhululekile yazalwa ngesithembiso. + 24 Lezi zinto zingase zibe isenzakalo esingumfanekiso; ngoba laba besifazane basho izivumelwano ezimbili, esinye esaseNtabeni iSinayi, + esizala abantwana bobugqila, futhi singuHagari. 25 UHagari usho iSinayi, + intaba ese-Arabhiya, uhambelana neJerusalema lanamuhla, ngoba lisebugqileni nabantwana balo. 26 Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, futhi lingumama wethu.
27 Ngoba kulotshiwe ukuthi: “Thokoza, wena wesifazane oyinyumba; memeza kakhulu ngenjabulo, wena wesifazane ongenazo izinhlungu zokubeletha; ngoba abantwana bowesifazane olahliwe baningi kakhulu kunabalowo onomyeni.” + 28 Manje nina bazalwane, ningabantwana besithembiso njengoba ayenjalo no-Isaka. + 29 Kodwa njengoba nje ngaleso sikhathi lowo owazalwa ngendlela engokwemvelo* aqala ukushushisa lowo owazalwa ngomoya, + kunjalo namanje. + 30 Noma kunjalo, uthini umbhalo? “Xosha lesi sigqilakazi kanye nendodana yaso, ngoba indodana yalesi sigqilakazi ayisoze yaba indlalifa kanye nendodana yowesifazane okhululekile.” + 31 Ngakho bazalwane, asibona abantwana besigqilakazi kodwa singabowesifazane okhululekile.