Eyesibili YamaKhosi
5 Manje uNahamani induna yempi yenkosi yaseSiriya, wayeyindoda eyaziwayo, nenkosi yakhe yayimhlonipha ngoba uJehova wayesebenzise yena ukusiza iSiriya linqobe izitha zalo.* Wayeyiqhawe, nakuba ayenochoko.* 2 Ngolunye usuku, lapho amaSiriya eyohlasela ezweni lakwa-Israyeli, afike athumba intombazanyana eyaba yincekukazi yomkaNahamani. 3 Le ntombazanyana yathi kumkaNahamani: “Ukube nje inkosi yami ibingaya kumprofethi + oseSamariya! Khona-ke ubeyoyelapha ochokweni lwayo.” + 4 Ngakho wahamba* wayobikela inkosi yakhe ngalokho intombazane yakwa-Israyeli eyayikushilo.
5 Inkosi yaseSiriya yathi: “Hamba khona manje! Ngizothumela incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Ngakho wahamba, ephethe amathalenta* esiliva ayishumi, namashekeli* egolide angu-6 000 nezingubo zokugqoka eziyishumi. 6 Wafika elethe leyo ncwadi enkosini yakwa-Israyeli, eyayithi: “Kanye nale ncwadi, ngithumele uNahamani inceku yami kuwe, ukuze umelaphe ochokweni lwakhe.” 7 Lapho nje inkosi yakwa-Israyeli iqeda ukufunda le ncwadi, yaklebhula izingubo zayo yathi: “NginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale nokuba ngiphilise? + Ngoba uthumela lo muntu kimi, uthi ngimelaphe ochokweni lwakhe! Nani niyazibonela ukuthi ufuna sixabane.”
8 Kodwa lapho u-Elisha umuntu kaNkulunkulu weqiniso ezwa ukuthi inkosi yakwa-Israyeli yayiklebhule izingubo zayo, ngaso leso sikhathi wathumela umyalezo enkosini, wathi: “Uziklebhuleleni izingubo zakho? Ngicela umthumele lapha kimi ukuze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.” + 9 Ngakho uNahamani wafika ngamahhashi akhe nangezinqola zakhe zempi wama phambi komnyango wendlu ka-Elisha. 10 Nokho, u-Elisha wathumela isithunywa ukuba sithi kuye: “Yana eJordani + ufike ugeze khona kasikhombisa, + isikhumba* sakho sizolapheka, uhlanzeke.” 11 Kwamthukuthelisa lokhu uNahamani wasuka wahamba, ethi: “Bengizitshela ukuthi, ‘Uzophuma eze kimi, ame lapha abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, azulise isandla sakhe phezu kwendawo enochoko ukuze alwelaphe.’ 12 Ayingcono yini i-Abana neFariphari, imifula yaseDamaseku, + kunayo yonke imifula yakwa-Israyeli? Ngingegeze yini kuyo ngihlanzeke?” Ngakho waphenduka wahamba ethukuthele.
13 Izinceku zakhe zasondela kuye zathi: “Nkosi yami,* ukube umprofethi ubekuyale ukuba wenze into enzima, ubungeke yini uyenze? Kangakanani-ke njengoba emane wathi kuwe, ‘Geza uhlanzeke’?” 14 Ngakho wehla wacwila* eJordani kasikhombisa ngokwezwi lomuntu kaNkulunkulu weqiniso. + Ngemva kwalokho isikhumba* sakhe selapheka saba njengesikhumba somfana omncane, + wahlanzeka. +
15 Ngemva kwalokho waphindela kumuntu kaNkulunkulu weqiniso, + yena nabo bonke abantu bakhe,* wafike wama phambi kwakhe wathi: “Manje sengiyazi ukuthi akukho Nkulunkulu nomaphi emhlabeni, ukwa-Israyeli kuphela. + Manje ngicela wamukele isipho* esivela encekwini yakho.” 16 Nokho, u-Elisha wathi: “Ngifunga uJehova engimkhonzayo,* ngeke ngisamukele.” + Wamncenga ukuba asamukele, kodwa wenqaba. 17 Ekugcineni uNahamani wathi: “Uma ungasamukeli, inceku yakho mayinikwe umhlabathi wakule ndawo ongathwalwa yiminyuzi emibili, ngoba inceku yakho ngeke iphinde inikele umnikelo oshiswayo noma umhlatshelo kunoma yibaphi abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova. 18 Kodwa kwangathi uJehova angayithethelela inceku yakho kulokhu nje kuphela: Lapho inkosi yami iyokhothama ethempelini* likaRimoni, ibambelela engalweni yami, ngakho nami kudingeka ngikhothame ethempeleni likaRimoni. Lapho ngikhothama ethempelini likaRimoni, kwangathi uJehova angayithethelela inceku yakho ngenxa yalokhu.” 19 U-Elisha wathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Lapho esesukile kuye futhi esehambe ibangana, 20 uGehazi + isikhonzi sika-Elisha umuntu kaNkulunkulu weqiniso + wathi enhliziyweni yakhe: ‘Inkosi yami imyekile lo mSiriya onguNahamani + ngokungakwamukeli lokho akulethile. Ngifunga uJehova, ngizogijima ngimlandele ngithathe okuthile kuye.’ 21 Ngakho uGehazi wagijima walandela uNahamani. Lapho uNahamani ebona umuntu egijima emlandela, wehla enqoleni yakhe wamhlangabeza wathi kuye: “Ingabe konke kuhamba kahle?” 22 Wathi: “Konke kuhamba kahle. Inkosi yami ingithumile, ithi, ‘Kusanda kufika kimi izinsizwa ezimbili zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi emadodaneni abaprofethi. Ngicela uzinike ithalenta lesiliva nezingubo ezimbili zokugqoka.’ ” + 23 UNahamani wathi: “Wathathe abe mabili amathalenta.” Waqhubeka emncenga, + wafaka amathalenta amabili esiliva nezingubo ezimbili zokugqoka ezikhwameni ezimbili, wakunikeza izikhonzi zakhe ezimbili zakuphatha zahamba phambi kwakhe.
24 Lapho efika e-Ofeli,* wakuthatha esandleni sazo wakubeka endlini, wawadedela la madoda ahamba. Ngemva kokuba esehambile, 25 yena wangena wama eduze kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi Gehazi?” Kodwa yena wathi: “Inceku yakho ayizange iye ndawo.” + 26 U-Elisha wathi kuye: “Ucabanga ukuthi angazi yini ukuthi ulandele le ndoda ebilapha nokuthi yehlile enqoleni yayo yakuhlangabeza? Ingabe lesi yisikhathi sokwamukela isiliva noma sokwamukela izingubo noma izihlahla zeminqumo noma insimu yamagilebhisi noma izimvu noma izinkomo noma izinceku noma izincekukazi? + 27 Manje uchoko lukaNahamani + luzonamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade.” Masinyane waphuma phambi kwakhe, enochoko, emhlophe njengeqhwa. +