U-Isaya
25 O Jehova, unguNkulunkulu wami.
Ngiyakuphakamisa, ngidumisa igama lakho,
Ngoba wenze izinto ezimangalisayo, +
Izinto owawuzihlosile* kusukela endulo, +
Ngeqiniso nangokwethembeka. +
2 Ngoba wenze idolobha laba yinqwaba yamatshe,
Idolobhana elinezivikelo eziqinile laba yincithakalo.
Umbhoshongo wezifiki awuselona idolobha;
Ngeke uphinde wakhiwe kabusha.
4 Ngoba ube yisiphephelo kophansi,
Isiphephelo kompofu ekucindezelekeni kwakhe, +
Isiphephelo esiphephweni esinemvula,
Umthunzi ekushiseni. +
Lapho ulaka lwabanonya lunjengesiphepho esinemvula esishaya odongeni,
5 Njengokushisa ezweni eliwugwadule,
Uyawuthulisa umsindo wezihambi.
Njengokushisa okudanjiswa ithunzi lefu,
Ingoma yabanonya iyathuliswa.
6 Kule ntaba + uJehova wamabutho uyokwenzela zonke izizwe
Idili lezibiliboco, +
Idili lewayini elimnandi,*
Idili lokudla okumnandi okunomnkantsha,
Lewayini elimnandi, elihluziwe.
7 Kule ntaba uyosusa* umgubuzelo ogubuzele zonke izizwe,
Nesembozo* eselukelwe phezu kwazo zonke izizwe.
8 Uyogwinya* ukufa kuze kube phakade, +
INkosi EnguMbusi uJehova iyosula izinyembezi ebusweni babo bonke abantu. +
Iyosusa ihlazo labantu bayo kuwo wonke umhlaba,
Ngoba uJehova ngokwakhe ukhulumile.
9 Ngalolo suku bayothi:
“Bheka! Lona nguNkulunkulu wethu! +
Lona nguJehova!
Sithembele kuye.
Masijabule sithokoze ngensindiso yakhe.” +
10 Ngoba isandla sikaJehova siyohlala kule ntaba, +
UMowabi uyonyathelwa endaweni yakhe +
Njengotshani bunyathelwa buze bube umquba.