Duteronomi
15 “Njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, kufanele nikhulule abantu ezikweletini zabo. + 2 Nansi indlela yalokho kukhulula: Wonke umuntu okweletwayo uyokhulula umakhelwane wakhe esikweletini asenzile. Akufanele axine umakhelwane wakhe noma umfowabo ukuba akhokhe, ngoba kuyobizwa ngokuthi ukukhululelwa uJehova. + 3 Ungasixina isifiki ukuba sikhokhe, + kodwa akufanele umkhokhise umfowenu noma yini akukweleta yona. 4 Nokho, akekho okufanele abe mpofu phakathi kwenu, ngoba nakanjani uJehova uyokubusisa + ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ukuba ulithathe, 5 kuphela nje uma ulilalelisisa izwi likaJehova uNkulunkulu wakho futhi uwugcina ngokucophelela wonke lo myalo engikunika wona namuhla. + 6 Ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa njengoba nje ekuthembisile, futhi wena uyotshelekisa* ezizweni eziningi, kodwa ngeke kudingeke uboleke; + uyobusa phezu kwezizwe eziningi, kodwa zona ngeke zibuse phezu kwakho. +
7 “Uma omunye wabafowenu eba mpofu phakathi kwenu kwelinye lamadolobha enu ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ungayenzi lukhuni inhliziyo yakho noma umvalele isandla umfowenu ompofu. + 8 Ngoba kufanele umvulele isandla sakho ngokukhululekile + futhi kumele nakanjani umboleke* noma yini ayidingayo noma ayiswele. 9 Qaphela ukuba ungabi nalo mbono omubi enhliziyweni yakho, ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka wokukhulula, ususondele,’ + bese uncisha umfowenu ompofu, ungamniki lutho. Uma ekhala ngawe kuJehova, kuyoba isono kuwe. + 10 Kufanele umnike ngesandla esivulekile, + akufanele* umnike ububula, ngoba kungenxa yalesi sizathu uJehova uNkulunkulu wakho eyobusisa zonke izenzo zakho nayo yonke imizamo yakho. + 11 Ngoba bayohlale bekhona abantu abampofu ezweni. + Yingakho ngikuyala ngithi, ‘Kufanele umvulele isandla ngokukhululekile umfowenu ohluphekile nompofu ezweni lakini.’ +
12 “Uma udayiselwa omunye wabafowenu, owesilisa noma owesifazane ongumHebheru, futhi esekukhonze iminyaka eyisithupha, kufanele umkhulule ngonyaka wesikhombisa. + 13 Uma kwenzeka umkhulula, ungamhambisi elambatha. 14 Kufanele umuphe ngokukhululekile okuthile okuvela emhlanjini wakho wezimvu nezimbuzi, esibuyeni* sakho nasesikhamweni sakho samafutha nesewayini. Kufanele umuphe njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekubusisile. 15 Khumbula ukuthi waba isigqila ezweni laseGibhithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhulula. Yingakho ngikuyala ukuba wenze lokhu namuhla.
16 “Kodwa uma ethi kuwe, ‘Ngeke ngisuke kuwe!’ ngoba ekuthanda wena nomndeni wakho, njengoba ebejabule ngesikhathi enawe, + 17 kufanele uthathe usungulo ulufake endlebeni yakhe luphumele esicabheni, abe isigqila sakho ukuphila kwakhe konke. Kufanele wenze okufanayo nangesigqilakazi sakho. 18 Ungakubheki njengento enzima lapho umkhulula bese ekushiya, ngoba inkonzo akwenzele yona iminyaka eyisithupha yayilingana nenani eliphindwe kabili kwelesisebenzi esiqashiwe, futhi uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile kukho konke okwenziwe.
19 “Kufanele ungcwelise wonke amazibulo angamaduna emhlanjini wakho wezinkomo nasemhlanjini wakho wezimvu nezimbuzi, uwangcwelisele uJehova uNkulunkulu wakho. + Akukho msebenzi okumele wenziwe ngezibulo lomhlambi wakho wezinkomo,* futhi akumele ugunde izibulo lomhlambi wakho wezimvu nezimbuzi. 20 Wena nomndeni wakho kufanele nilidle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho unyaka nonyaka endaweni uJehova ayoyikhetha. + 21 Kodwa uma linesici—lilunyonga, impumputhe, noma isiphi isici esibi—akumele ulenze umhlatshelo kuJehova uNkulunkulu wakho. + 22 Kufanele ulidlele ngaphakathi emadolobheni* akho, umuntu ongcolile nohlanzekile ngokufanayo, njengokungathi bekuyinsephe noma indluzele. + 23 Yigazi lalo kuphela okungamelwe ulidle; + kufanele ulithululele emhlabathini njengamanzi. +