Levitikusi
12 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 2 “Tshela ama-Israyeli, uthi, ‘Uma owesifazane ekhulelwa futhi azale umfana, uyoba ongcolile izinsuku eziyisikhombisa, njengoba nje esuke engcolile ngezinsuku zokungcola lapho esesikhathini. + 3 Ngosuku luka-8, ijwabu lenyama yomntwana liyosikwa. + 4 Owesifazane uyoqhubeka ezihlanza izinsuku ezingu- 33 ngenxa yegazi elimlahlekele. Akufanele athinte noma yini engcwele futhi akufanele angene endaweni engcwele kuze kuphele izinsuku zokuhlanzwa kwakhe.
5 “‘Uma ezala intombazane, uyoba ongcolile izinsuku ezingu-14, njengalapho esesikhathini. Uyoqhubeka ezihlanza izinsuku ezingu-66 ngenxa yegazi elimlahlekele. 6 Lapho ziphela izinsuku zokuhlanzwa kwakhe ngenxa yendodana noma indodakazi, uyoletha kumpristi emnyango wetende lokuhlangana iwundlu leduna elingakawuqedi unyaka libe umnikelo oshiswayo + nephuphu lejuba noma ihobhe libe umnikelo wesono. 7 Umpristi uyoliletha phambi kukaJehova amenzele isihlawulelo, ahlanzeke ekopheni kwakhe. Lowo umthetho ophathelene nowesifazane ozala umfana noma intombazane. 8 Kodwa-ke uma engeke abe namandla emvu, kumele athathe amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, + elinye kube elomnikelo oshiswayo elinye kube elomnikelo wesono, umpristi amenzele isihlawulelo, ahlanzeke.’”