U-Amose
3 “Bantu bakwa-Israyeli, yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngokuphathelene nani, ngokuphathelene nawo wonke umndeni engawukhuphula ngawukhipha ezweni laseGibhithe:
2 ‘Yinina kuphela enginazile kuyo yonke imindeni esemhlabeni. +
Yingakho ngiyonenza nilandise ngazo zonke iziphambeko zenu. +
3 Abantu ababili bayohamba yini ndawonye bengavumelananga?
4 Ibhubesi liyobhonga yini ehlathini libe lingenayo inyamazane?
Ibhubesi eliselincane liyowubanga yini umsindo endaweni yalo yokuhlala libe lingabambanga lutho?
5 Inyoni iyowela yini esicuphweni emhlabathini lube lungacushiwe ugibe?*
Isicupho siyaphakama yini emhlabathini sibe singabambanga lutho?
6 Uma kushaywa uphondo edolobheni, abathuthumeli yini abantu?
Uma kwenzeka inhlekelele edolobheni, kusuke kungeyena yini uJehova othathe isinyathelo?
7 Ngoba iNkosi EnguMbusi uJehova ngeke yenze lutho
Ngaphandle kokuba yambule imfihlo yayo ezincekwini zayo, abaprofethi. +
8 Libhongile ibhubesi! + Ubani ongeke esabe?
INkosi EnguMbusi uJehova ikhulumile! Ubani ongeke aprofethe?’ +
9 ‘Kumemezeleni emibhoshongweni eqinile yase-Ashidodi
Nasemibhoshongweni eqinile yasezweni laseGibhithe.
Nithi: “Qoqanani nimelane nezintaba zaseSamariya; +
Bonani iziyaluyalu eziphakathi kwalo
Nezenzo zokuphamba eziphakathi kwalo. +
10 Ngoba abazi ukuthi bangakwenza kanjani okulungile,” kusho uJehova,
“Labo ababekelela ubudlova nokubhujiswa emibhoshongweni yabo eqinile.” ’
11 Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo,
‘Isitha siyozungeza izwe, +
Siyokuqeda amandla,
Imibhoshongo yakho eqinile iyophangwa.’ +
12 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘Njengoba nje umalusi ehlwitha imilenze emibili noma isicucu sendlebe emlonyeni webhubesi,
Bayohlwithwa kanjalo nabantu bakwa-Israyeli,
Labo manje abahlezi eSamariya, emibhedeni ewubukhazikhazi nakosofa abahle.’ *+
13 ‘Yizwani futhi nixwayise indlu kaJakobe,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, uNkulunkulu wamabutho.
14 ‘Ngoba ngosuku engiyokwenza ngalo ukuba u-Israyeli alandise ngenxa yakho konke ukuvukela* kwakhe, +
Ngiyokwenza nokuba ama-altare aseBhethele alandise; +
Izimpondo ze-altare ziyonqunywa ziwele emhlabathini. +
15 Ngiyoshaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo.’