Numeri
6 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 2 “Khuluma nama-Israyeli uthi kuwo, ‘Uma owesilisa noma owesifazane enza isifungo esikhethekile sokuphila njengomNaziri *+ kuJehova, 3 kufanele adede ewayinini nakwezinye izinhlobo zotshwala. Akufanele aphuze uviniga wewayini noma uviniga wanoma yibuphi utshwala. + Akufanele aphuze noma yiluphi uketshezi olwenziwe ngamagilebhisi, noma adle amagilebhisi, kungakhathaliseki ukuthi masha noma omisiwe. 4 Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe kufanele angadli lutho olwenziwe ngamagilebhisi, kusukela kwangavuthiwe kuze kube semakhasini.
5 “‘Zonke izinsuku zesifungo sobuNaziri bakhe akufanele ikhanda lakhe liphucwe. + Kufanele abe ngcwele ngokuyeka izinwele zekhanda lakhe zikhule kuze kuphele izinsuku ahlukaniselwe uJehova ngazo. 6 Akufanele asondele kumuntu* ofile phakathi nazo zonke izinsuku ahlukaniselwe uJehova ngazo. 7 Ngisho noma kungashona uyise noma unina noma umfowabo noma udadewabo, akufanele azingcolise + ngoba uphawu lobuNaziri bakhe kuNkulunkulu wakhe lusekhanda lakhe.
8 “‘Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova. 9 Kodwa uma kungenzeka othile afe ngokuzumayo eceleni kwakhe + angcolise izinwele eziwuphawu lokuhlukaniselwa kwakhe uNkulunkulu,* kumele aphuce ikhanda lakhe + ngosuku ahlanzwa ngalo. Kufanele aliphuce ngosuku lwesikhombisa. 10 Ngosuku luka-8 kufanele alethe amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi emnyango wetende lokuhlangana. 11 Umpristi uyolungisa elinye libe umnikelo wesono nelinye libe umnikelo oshiswayo, amenzele isihlawulelo ngenxa yesono sakhe + ngokuqondene nomuntu ofile. Ngemva kwalokho kumele angcwelise ikhanda lakhe ngalolo suku. 12 Kumele aphinde azihlukanisele uJehova ngezinsuku zobuNaziri bakhe, futhi uyoletha iwundlu leduna elingakawuqedi unyaka libe umnikelo wecala. Nokho, izinsuku zangaphambili ngeke zibalwe ngoba wabungcolisa ubuNaziri bakhe.
13 “‘Nawu umthetho ophathelene nomNaziri: Lapho kuphela izinsuku zobuNaziri bakhe, + uyolethwa emnyango wetende lokuhlangana. 14 Kumele awulethe lapho umnikelo wakhe kuJehova: iwundlu leduna eliphile kahle elingakawuqedi unyaka lizoba umnikelo oshiswayo, + iwundlu elilodwa lensikazi eliphile kahle elingakawuqedi unyaka lizoba umnikelo wesono, + inqama eyodwa ephile kahle izoba umhlatshelo ohlanganyelwayo, + 15 ubhasikidi wolofu bezinkwa ezingenamvubelo abamise okwesongo abenziwe ngofulawa ocolekile oxutshwe namafutha, nezingcezwana ezingenamvubelo ezigcotshwe ngamafutha, nomnikelo wako wokudla okusanhlamvu + neminikelo yako ephuzwayo. + 16 Umpristi uyokuletha phambi kukaJehova anikele umnikelo wakhe wesono nomnikelo wakhe oshiswayo. 17 Uyonikela kuJehova ngenqama ibe umhlatshelo ohlanganyelwayo kanye nobhasikidi wolofu bezinkwa ezingenamvubelo, umpristi uyoletha umnikelo wayo wokudla okusanhlamvu + nomnikelo wayo ophuzwayo.
18 “‘Ngemva kwalokho, umNaziri kumele aphuce ikhanda lakhe *+ emnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda ezikhule ngesikhathi sobuNaziri bakhe azifake emlilweni ongaphansi komhlatshelo ohlanganyelwayo. 19 Umpristi kumele athathe isiphanga esibilisiwe + senqama, ulofu wesinkwa esingenamvubelo esimise okwesongo kubhasikidi nocezwana olulodwa lwesinkwa esingenamvubelo, akubeke ezandleni zomNaziri ngemva kokuba esephuce uphawu lobuNaziri bakhe. 20 Umpristi kumele akuzulise njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova. + Kuyinto engcwele yompristi, kanye nesifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze womnikelo. + Ngemva kwalokho, umNaziri angaliphuza iwayini.
21 “‘Nawu umthetho ngomNaziri + owenza isifungo: Uma enza isifungo futhi enawo amandla okwenza umnikelo kuJehova ongaphezu kwalokho okufuneka kumaNaziri, kumele afeze isifungo sakhe ngenxa yomthetho wobuNaziri bakhe.’”
22 UJehova wabe esethi kuMose: 23 “Khuluma no-Aroni namadodana akhe, uthi, ‘Nansi indlela okufanele nibusise + ngayo abantu bakwa-Israyeli. Nithi kubo:
24 “Kwangathi uJehova angakubusisa + futhi akulonde.
25 Kwangathi uJehova angenza ubuso bakhe bukhanye kuwe + futhi kwangathi angaba nomusa kuwe.
26 Kwangathi uJehova angaphakamisela ubuso bakhe kuwe, akunike ukuthula.”’ +
27 Kumele babeke igama lami phezu kwabantu bakwa-Israyeli + ukuze ngibabusise.” +