Impi KaJehova Yamaqhawe Angamasosha Esikhathi Esigcwele
“[Yiba yi]sosha elihle likaKristu Jesu. Akukho-sosha elithi lisempini, libuye lihileleke ekuphileni okuvamile ngoba kumelwe likulungele ukusetshenziswa yilowo owalibuthayo.”—2 Thimothewu 2:3, 4, “The Jerusalem Bible.”
1, 2. Yiluphi ubizo ngabashumayeli olwakhishwa eminyakeni eyi-100 edlule, futhi kwaba namuphi umphumela?
KUFUNEKA ABASHUMAYELI ABAYI-1 000.” Lesihloko savela ephephandabeni elithile eminyakeni eyi-100 edlule, kodwa lesimemezelo esingavamile sasingeyona ingxenye ye“saziso” sanoma yiliphi nje iphephandaba. Ngaphezu kwalokho, ukusabela kwaba ngaphezulu kakhulu kokwakulindelwe umnyathelisi. Ngubani owenza lolubizo, futhi ngobani abasabela? Futhi, wena uhileleke kanjani namuhla?
2 Kwakuphakathi nonyaka wawo wesibili wokunyatheliswa lapho umagazini manje owaziwa emhlabeni ngokuthi INqabayokulinda wawunobizo olushukumisayo lwabashumayeli. Kodwa lapha kwakungafunwa abafundisi ababezogcwalisa amapulpiti amasonto. IBhayibheli alivezi nakancane isimo esinjalo ngalabo abayokhonza njengabashumayeli besigijimi sikaNkulunkulu. Kunalokho, ngo-1881 abanyathelisi beNqabayokulinda babefuna abantu ababezimisele “ukuya emadolobheni amakhulu namancane, ngokwekhono lakho, njengamaColporteurs noma abaVangeli.” Ubizo lwalungolwalabo ababezimisele futhi bekwazi ukuchitha isikhathi sabo esigcwele ekushumayeleni amaqiniso eBhayibheli. Abasabela baqala njengeqenjana elincane, kukhona abambalwa lapha nalaphaya, kwaze kwathi ngo-1885 bafinyelela ama-300. Nokho manje sebeye bakhula baba izinkulungwane, amashumi ezinkulungwane, baze bafinyelela isilinganiso sabayizi-151 180 ngo-1981.
3. Igama okubizwa ngalo abashumayeli abanjalo liye lashintsha kanjani?
3 OFakazi BakaJehova abasababizi abanjalo abashumayeli besikhathi esigcwele ngokuthi amacolporteurs, okuyigama lesiFulentshi elaligcizelela ingxenye eyodwa kuphela yomsebenzi wabo, ukusakaza amaBhayibheli nezincwadi ezihlobene nalo. Lokhu kumane nje kuyingxenye ethile yomsebenzi oyinhloko. Kukhona elinye igama elinikeza incazelo egcwele ngokwengeziwe ngomsebenzi walempi engokomoya yabavangeli, abathwele “izindaba ezinhle.” (2 Thimothewu 2:3, 4; Luka 8:1; 10:1) Lelogama ngelithi “iphayona.”
Amasosha Angamaphayona Empini Engokomoya
4. Siyini isizinda nencazelo yegama elithi “iphayona”?
4 Kungani igama elithi “iphayona” liyigama elifanelekile loFakazi BakaJehova abakwaziyo ukuba abashumayeli besikhathi esigcwele? Leligama ekuqaleni lalinokuhlobana okuthile nempi, lisho isosha, nakuba kungelona isosha elivamile elihamba ngezinyawo. Lalichaza unjiniyela wempi, owayehamba ngaphambi kwempi akhe amabholoho, imigwaqo nemisele. Njalo-ke, “ukuphayona” kwasho ukulungiselela noma ukuvula indlela, futhi “iphayona” kwakungumuntu owayehola, owayephikelela phambili naphezu kobunzima noma ukuphikiswa, njengoba kwenza izifiki zokuqala ezahlala eNorth American West. Leligama lisikisela umuntu onesibindi, ophikelela phambili aze afinyelele emgomweni wakhe. Yeka ukuthi lokhu kuyincazelo enhle kanjani ngalabo abazidelile ama“sosha” kaJesu Kristu esikhathi esigcwele!a
5. Kungani amaKristu engase abizwe ngokuthi ama“sosha”? (Filemoni 2; Filipi 2:25)
5 Wonke amaKristu eqiniso angafaniswa namasosha ahileleke empini engokomoya. (1 Thimothewu 6:12; 2 Thimothewu 4:7; Juda 3) Sinesitha esivamile esifuna ukusibhubhisa—uSathane. Uye wahlela impi yakhe engabonakali yamademoni, kanye nesimiso sakhe esibi sezinto esibonakalayo, kwaba yimpi esabekayo yokuphikisa abafundi beqiniso bakaKristu. Nokho, emhlabeni wonke, amaKristu ayizi-2 300 000 ayasabela emyalweni ophefumlelwe othi: “Melanani naye [uDeveli] niqinile ekukholweni.” (1 Petru 5:9) Laba ngoFakazi BakaJehova labo, nakuba bebuthakathaka futhi bengabalulekile bona ngokwabo, nokho bayaphumelela empini engokomoya ngokumelene nesitha sabo esesabekayo.—Jakobe 4:7, 8, 10.
6. Kukanjani futhi igama elithi “isosha” liyigama elifanelekile ngamaKristu?
6 Isosha elisempini linento eyodwa kuphela engqondweni yalo, impi engaphambi kwalo. Alinakuvumela ukuba liphazanyiswe yizinto ezingabalulekile kangako. Umphostoli uPawulu wathi kumngane wakhe ongumKristu owayesemncane, uThimothewu: “Bekezela ekuhlanganyeleni kwakho izinhlupheko, njengesosha elihle likaKristu Jesu. Akukho-sosha elithi lisempini libuye lihileleke ekuphileni okuvamile, ngoba kumelwe likulungele ukusetshenziswa yilowo owalibuthayo.” (2 Thimothewu 2:3, 4, JB) Nokho, uPawulu noThimothewu babengewona amadoda empi esizwe esithile noma umbuso wezwe. EkaW. E. Vine’s iAn Expository Dictionary of New Testament Words ithi elithi “isosha” lapha lisho “ngokungathekisa umuntu okhuthazelela ubunzima endleleni kaKristu.”
7. Iyiphi indima amaphayona aye aba-nayo empini yamaKristu angamasosha angokomoya?
7 Phakathi kwalamaKristu ayizigidi angamasosha aphumelelayo kukhona iqembu elihamba phambili, izikhonzi zesikhathi esigcwele. Abaningi babo ngokuqinisekile baye ba“phayona” ngomqondo wokuthi baye bahamba ngaphambi kwempi, bevula indlela. Ngokuvamile amaphayona aye aya ezindaweni lapho izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu omisiwe zingakaze zishunyayelwe khona. Ezinye izithunywa zevangeli ezingamaphayona ziye zaya kwamanye amazwe lapho kwadingeka khona ukuba zifunde amasiko ezingawajwayele nezilimi ezinzima, zibhekana nokungaphatheki kahle, izifo nezinkolo zobudemoni. Ziye zakha amabhuloho okuwela kuzo zonke lezizinkinga, zahlasela ngezikhali ezingokomoya futhi zamisa “izikaniso” eziye zaqhubeka zaba ngamabandla aqinile. Ziye zavula indlela eya ezindaweni lapho eminyakeni embalwa kamuva yonke impi yamasosha angamaKristu ishumayela khona isigijimi sikaKristu senkululeko engokomoya.—Isaya 60:22.
8. Kungayiphi inzuzo ukuba nezisebenzi zokuzithandela kulempi engokomoya? (Abahluleli 7:3)
8 Ngonyaka odlule kwakukhona, ngokwesilinganiso, izi-151 180 zalamasosha esikhathi esigcwele ensimini yezwe lonke inyanga ngayinye. Bonke bayizisebenzi zokuzithandela futhi abekho kubona abangamasosha akhokhelwayo. (IHubo 110:3) Lokho kufanelekile, ngoba amasosha angeniswé kunoma iyiphi impi engathandi, noma asebenzela inzuzo, ngokuvamile aba-manqikanqika uma impi isishisa. Aphelelwa isibindi bese eyeka ukulwa noma abuyele emuva. Kodwa uma amaphayona eyizisebenzi zokuzithandela ezingatholi-nzuzo, kungani-ke enikela ngesikhathi sawo esigcwele kulapho kukhona izigidi zamaKristu azinikezele ezingenzi kanjalo? Ingabe kusho ukuthi baphayona ngoba balindele ukuba esikhathini esizayo bathole umvuzo omkhudlwana kunalabo abazimo zabo zibavumela ukuchitha nje kuphela amahora acishe abe yi-10, angama-20, noma angama-30 inyanga ngayinye enkonzweni? Qha, amaphayona aqotho azikhandla ngokwawo ngalendlela njengesibonakaliso sokuzinikela kwawo komphefumulo wonke kuJehova uNkulunkulu. Njengawo wonke amaKristu azinikezele ngempela, afuna ukwenza konke angakwenza ekukhonzeni uNkulunkulu wethu onothando. Ngobani-ke abangaphayona nokumelwe baphayone? Siza ucabangele isimo sakho nombono wakho.
Ukubala Izindleko
9. Kungani amanye amaKristu engase angakwazi ukuphayona?
9 Njengoba umuntu ehlaziya ukuthi angakwazi yini noma kumelwe yini abe isikhonzi esiyiphayona, kunezici eziningana okumelwe zicatshangelwe. Ngokusobala, izimo zakhe ekuphileni ziyoba nethonya. Kukhona izibopho okumelwe zize kuqala kunokushumayela isikhathi esigcwele. (Duteronomi 24:5) Umphostoli uPawulu waloba ukuthi umKristu ongabondli abendlu yakhe ngezidingo zezinto ezibonakalayo “ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.” (1 Thimothewu 5:8) Ngakho-ke, kwabanye, izibopho zomkhaya zingase zenze ukuphayona kungabi nokwenzeka okwamanje. Izimo ezithe ukwehluka ziphathelene nempilo nobudala. Nalezi kumelwe zicatshangelwe, nakuba kukhona abaningi abanempilo ebuthakathaka, noma abagugile, abakhonza njengamaphayona.
10. Ukholo luhileleke kanjani ekuphayoneni?
10 Futhi, isosha eliyiphayona kumelwe libe nokholo oluqinile, ngoba ukukhonza kulesosikhundla akulula. UPawulu uhlanganisa ngokuqondile ukholo olunjalo nokumemezela obala komKristu iqiniso, eloba: “Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.” (1 Thimothewu 6:12) Nakuba ukholo lufuneka kuyo yonke impi kaNkulunkulu, nokho kukhona umahluko phakathi kokubonisa ukholo emsebenzini wokushumayela ngezikhathi ezithile nokwenza kanjalo amahora amaningi usuku ngalunye. Nokho, kungashiwo ukuthi ukuhlanganyela njalo ekukhulumeni ngeqiniso kwabanye kungalwandisa ukholo lomuntu.—2 Thesalonika 1:3.
11. (a) Onke amaKristu anikela ngahlobo-luni lomnikelo? (b) Yimuphi umnikelo owengeziwe ongase ufuneke ekuphayoneni?
11 Kukhona futhi indaba yomnikelo. Ngomqondo othile yonke inkonzo eyenzelwa uNkulunkulu ngenhlanzeko nangobuqotho ingacatshangelwa njengokunikela umnikelo kuye. (Heberu 13:15) Ngakho-ke, ukuphayona ngesisusa esihle—sokudumisa uNkulunkulu nokusiza abanye abantu ukuba baphunyuke ekugqilazweni yisimiso sikaSathane—ngokuqinisekile kungumnikelo omuhle. Nokho ukuphayona kuhilela futhi umnikelo ngakolunye uhlangothi. Isikhathi leso umKristu ayesisebenzisela iminako yomuntu siqu kumelwe, lapho eseyiphayona, asisebenzisele ekushumayeleni nasekufundiseni. Isikhathi esasisetshenziselwa ukuthola nokukhokhela izinto ezibonakalayo manje kungase kudingeke ukuba sincishiswe. Yebo, ukuzinikezela komuntu siqu kuhilelekile ekuphayoneni. Izinkulungwane zamaphayona ziye zeneliswa ukulinganisela isimo sazo esingokomnotho nesingokwezinto ezibonakalayo—zisebenza umsebenzi wokuziphilisa usuku olulodwa, ezimbili noma mhlawumbe ezintathu ngesonto ukuze zizondle ngokwazo nokho zibe zinesikhathi esenele senkonzo yazo.—2 Thimothewu 2:4.
Ukwenza Okwengeziwe—Njengoba Kwakwenza AmaNaziri
12. Kungani abanye bephayona, futhi amaIsrayeli athile asendulo ayekwazi kanjani ukwenza okwengeziwe ekukhonzeni kwawo?
12 Abaningi abaye bathatha inkonzo yobuphayona baye bashukunyiswa isifiso sokwenza okwengeziwe. Akusona isifiso sokuncintisana noma sokuqhosha sokwenza okwengeziwe kunabafowabo nodade abangamaKristu, kodwa yisifiso sokwenza okwengeziwe ekubonakaliseni uthando ngoJehova nangomakhelwane babo. (Mathewu 22:37-39) Sinesibonelo esithakazelisayo esingokweBhayibheli kumaNaziri. Amadoda nabesifazane abangamaIsrayeli asendulo bakhonza ngokuzithandela njengamaNaziri, okuyigama elivela kwelesiHeberu elithi na·zirʹ, elisho ozinikezele, ohlukanisiwe, okhethiwe. Ukuba umNaziri kwakufuna ukwenza isifungo, kodwa akumelwe sikufanise lokhu nesinqumo somKristu sokuphayona, ngoba lokho akusihileli isifungo esiba nezibopho ezingathi sína. Nokho, singacabanga ngokuthile ukufana okufundisayo phakathi kwamaNaziri namaphayona.
13, 14. (a) Chaza esinye sezibopho kumaNaziri. (b) Yikuphi ukufana okukhona kulokhu namaphayona?
13 UmIsrayeli owayengenela ngokuzithandela ukukhonza njengomNaziri wayamukela izibopho ezithile ezazisiza ukugcizelela isimo sakhe sokuba ngo“hlukanisiwe” noma “okhethiweyo” ekukhonzeni uJehova. Esinye isibopho sasihilela ukudla nokuphuza, njengoba kuchazwe kuNumeri 6:3, 4. UmNaziri wayengenakuluphuza uphuzo oludakisayo noma izithelo zomvini. (IHubo 104:15) Nakuba kwakukhona isilinganiso esithile sokuzenqabela okuthile, akukho-kudla okudingekile okwakwenqatshelwe. Ngakho-ke lesisibopho asizange sibangele ubuhlungu.
14 Amaphayona aphumelelayo enza ukuphila kwawo ukuba kusekelwe enkonzweni yawo ephumela ekudumiseni uNkulunkulu, awakusekeli ezintweni ezibonakalayo njengokudla noma izimpahla zokunethezeka. Lokhu kuyinto ebalulekile ebangela ukuba kube-khona injabulo ejulile nehlala njalo ehawukelwa ngabantu abaningi labo, ngokwesimo sezinto ezibonakalayo, ababonakala sengathi banokuphila “okungcono.” (Qhathanisa noLuka 12:16-21.) Ukuphila ukuphila okulula noma okunokulinganiselwa okuthile ngokwezinto ezibonakalayo kungase futhi kulethe izinzuzo ezivamise ukunganakwa. Izazi zezempilo zibika ngezingozi ezinhlobonhlobo zokudla okucebe kakhulu kanye nophuzo. Kodwa iphayona elivamise ukuba nokudla okulula nje, nakuba kungokulinganiselwe nokunempilo, nelihlanganisa lokho nokuhamba kakhulu endlini ngendlu lishumayela, ngokunokwenzeka liyoba nempilo engcono. Abantu abanamakhaya amakhulu, izinto eziningi ezisamishini yesimanje, nezinye izimpahla eziningi, bayazi ukuthi lezizinto zihambisana nobuphikelelayo “ubuhlungu bekhanda,” noma izinkinga. Ukufana okukhona phakathi kukaNumeri 6:3, 4 nokuphayona kungokufaneleke ngempela ukuba sicabange ngakho.
15. Yisiphi isibonelo esikhona esibophweni ngezinwele zomNaziri?
15 Isibopho sesibili samaNaziri sasingukuthi kwakungamelwe agunde izinwele zamakhanda awo. (Numeri 6:5) Izinwele zawo ezinde zaziyisibonakaliso somqhele abanye ababeyowabona ngaso. UPawulu kamuva waloba ukuthi izinwele ezinde zowesifazane ongumKristu zaziyisikhumbuzo sesimo sakhe ngasekuzithobeni. (1 Korinte 11:3-15) Lapho sicabanga ngezinwele ezinde zomNaziri, ngeke yini sivume ukuthi umzalwane noma udade ongumKristu ovuma ngokuzithandela ukuphayona ubonakalisa, ngokwezinga eliphawulekayo, ukuzithoba kuJehova uNkulunkulu? Izithakazelo eziningi zomuntu siqu zibekelwa eceleni noma zenziwa zibe ngezingabalulekile ukuze inkonzo kube yiyona enakekelwa kuqala. Iphayona lifunda ukwethembela kuNkulunkulu, ukuzithoba kuNkulunkulu.
16. Yini esingase siyiqonde ngesimo samaNaziri ngasezidunjini zabafileyo?
16 Imfuneko yokugcina yamaNaziri yayiwukuthi kwakungamelwe athinte isidumbu sofileyo, ngisho nesihlobo esiseduze njengomzali uma ayengase afe. (Numeri 6:6, 7) Ngaleyondlela umNaziri kwakumelwe ahlale engcwele futhi ehlanzekile, engangcoliswanga. (Qhathanisa nemfuneko ngompristi omkhulu ekuLevitikusi 21:10, 11.) Namuhla akukho-mKristu, kuhlanganise noma yiliphi iphayona, ovinjelwe ukuba alungiselele noma abe-khona emngcwabeni wesihlobo esiseduze. Kodwa, njengamaNaziri, amaphayona afuna ukugwema noma isiphi isenzo esingabazekayo noma inkambo engase iwenze angafaneleki. Afuna ukuba yizibonelo. Futhi uma iphayona, eliwuthandayo umkhaya walo, lisesabelweni esikude futhi ngaleyondlela lingakwazi ukuwuvakashela kaningi kangangoba bekungase kube nokwenzeka uma izimo bezehlukile, lithola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi uJehova uyawuqaphela lomnikelo.
17. Kungani ukuba umNaziri kwakungamane nje kuyisikwana elithile elingokwenkolo? Kuthiwani ngokuphayona?
17 IBhayibheli libonisa ukuthi umIsrayeli owayeba ngumNaziri wayengamane nje enza isikwana elithile elingokwenkolo. Kunalokho, wayengenela inkambo ethile ebalulekile neyenelisayo yokuphila, ngoba uNkulunkulu wakhuluma ngonjalo umuntu njengo‘philela uJehova njengomNaziri.’ (Numeri 6:2, NW) Ngokufanayo, inkonzo yobuphayona namuhla iyindlela yokuphila futhi ejabulisayo ngempela!
‘Ingabe Ngingaphayona?’
18. Yimuphi umbuzo sonke okumelwe siwubuze? Ngani?
18 Wonke amaKristu amunye ekukhulekeleni uNkulunkulu. Siyimpi eyodwa yamasosha alwela iqiniso. Kumelwe kube yisifiso sethu ukwenza konke esingakwenza kulokhokulwa. Kuyisifiso sethu ukwenza konke esingakwenza. Ngakho-ke, omunye nomunye wethu angase abuze umbuzo ofaneleke kakhulu kulesikhathi: ‘Ingabe ngingakhonza njengephayona?’ Ekucabangeni ngalokho, isihloko esilandelayo sizokusiza ukuba ubone ukuthi uJehova angakusekela kanjani uma ukwazi ukuhlanganyela enkonzweni yobuphayona.
[Umbhalo waphansi]
a Njengenye yezincazelo ngaphansi kwelithi “iphayona,” iWebster’s Third New International Dictionary ithi: “isisebenzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova.”
INGABE UKUGXILISILE ENGQONDWENI UKUTHI . . .
□ Kungani izikhonzi zesikhathi esigcwele zibizwa ngokufanelekile ngokuthi amaphayona?
□ Kungani iBhayibheli lifanisa amaKristu namasosha?
□ Yiziphi izinto okumelwe ucabange ngazo ngokuqondene nokuba yiphayona?
□ AmaNaziri asinikeza kanjani isibonelo ngokuphathelene namaphayona?
[Isithombe ekhasini 13]
Kukanjani amaKristu ngokufanelekile efaniswa namasosha angamaqhawe?
[Isithombe ekhasini 15]
Kungani ukukhonza njengephayona kungase kusize ekuletheni injabulo nempilo enhle?