Eksodusi
15 Ngaleso sikhathi uMose nama-Israyeli baculela uJehova le ngoma: +
“Mangiculele uJehova ngoba uye waphakama kakhulu. +
Ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle. +
2 UJah* ungamandla ami nezikhwepha zami, ngoba uyangisindisa. +
Lona uNkulunkulu wami, ngizomdumisa; + uNkulunkulu kababa, + ngizomphakamisa. +
3 UJehova uyiqhawe elinamandla. + NguJehova igama lakhe. +
4 Izinqola zikaFaro nebutho lakhe ukuphonse olwandle, +
Namaqhawe akhe ekhethelo acwiliswe oLwandle Olubomvu. +
5 Amanzi agubhayo abamboza; behlela ekujuleni njengetshe. +
6 Isandla sakho sokudla, Jehova, sinamandla amakhulu; +
Isandla sakho sokudla, Jehova, singaphihliza isitha.
7 Ngobukhulu bakho obubabazekayo ungabawisa labo abakuvukelayo; +
Uthumela intukuthelo yakho evuthayo, ibadla ibaqede njengezinhlanga.
8 Ngomoya ophuma emakhaleni akho amanzi abuthelwa ndawonye;
Ama, avimba izikhukhula;
Amanzi agubhayo ajiya phakathi nolwandle.
9 Isitha sathi: ‘Ngizobajaha! Ngizobafica!
Ngizohlukanisa impahla ephangiwe ngize nganeliseke!
Ngizohosha inkemba yami! Isandla sami sizobanqoba!’ +
11 Ubani onjengawe, Jehova, + phakathi konkulunkulu?
Ubani onjengawe, omkhulu ngobungcwele? +
Lowo okumele esatshwe ngezingoma zokudumisa, Lowo owenza izimangaliso. +
12 Welula isandla sakho sokudla, umhlaba wabagwinya. +
13 Ngothando lwakho oluqotho uhole abantu obathengile; +
Ngamandla akho uzobaqondisa endaweni yakho engcwele yokuhlala.
15 Ngaleso sikhathi abaholi bakwa-Edomi bayokwethuka,
Bonke abakhe eKhanani bayophela amandla. +
16 Ukwesaba novalo kuyokwehlela phezu kwabo. +
Ngenxa yobukhulu bengalo yakho bayokuma banganyakazi njengetshe
Size sidlule isizwe sakho Jehova,
Size sidlule isizwe sakho osenzile. +
17 Uyosiletha usitshale entabeni yefa lakho, +
Indawo emisiwe oyilungisele ukuba uhlale kuyo Jehova,
Indawo engcwele Jehova, izandla zakho eziyimisile.
18 UJehova uyobusa njengenkosi kuze kube phakade naphakade. +
19 Lapho amahhashi kaFaro kanye nezinqola zakhe zempi namabutho akhe agibele amahhashi kungena olwandle, +
UJehova wabuyisa amanzi olwandle phezu kwabo, +
Kodwa abantu bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomile benqamula ulwandle.” +
20 UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wadlala ithamborini, bonke abesifazane bamlandela namathamborini bedansa. 21 UMiriyamu wacula enanela emadodeni ethi:
“Culela uJehova ngoba uphakeme kakhulu. +
Ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.” +
22 Kamuva uMose wahola ama-Israyeli ewasusa oLwandle Olubomvu, aya ehlane laseShuri ahamba ehlane izinsuku ezintathu, kodwa awawatholanga amanzi. 23 Afika eMara, *+ kodwa awakwazanga ukuphuza amanzi aseMara ngoba ayebaba. Yingakho yaqanjwa ngokuthi iMara. 24 Ngakho abantu baqala ukububula ngoMose, + bathi: “Sizophuzani?” 25 Wakhala kuJehova, + uJehova wamqondisa esihlahleni esincane. Lapho uMose esiphonsa emanzini, amanzi aba mtoti.
Kuleyo ndawo uNkulunkulu wabamisela umthetho necala eliwumhlahlandlela, wabavivinya. + 26 Wathi: “Uma uzolilalelisisa izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine yonke imithetho yakhe, + ngeke ngehlisele kuwe nesisodwa sezifo engizehlisele kwabaseGibhithe; + ngoba mina Jehova ngiyakwelapha.” +
27 Ngemva kwalokho bafika e-Elimi, lapho kwakukhona iziphethu zamanzi ezingu-12 nezihlahla zesundu ezingu-70. Ngakho bamisa amatende lapho ngasemanzini.