U-Isaya
9 Nokho, ubumnyama ngeke bube njengalapho izwe lalicindezeleke khona, njengasesikhathini sangaphambili lapho izwe lakwaZebhuloni nezwe lakwaNafetali laliphathwa ngendelelo. + Kodwa kamuva uNkulunkulu uyobangela ukuba ihlonishwe indlela eya olwandle, esifundeni saseJordani, iGalile lezizwe.
2 Abantu ababehamba ebumnyameni
Babone ukukhanya okukhulu.
Labo abahlala ezweni lobumnyama obukhulu,
Ukukhanya kuye kwakhanya kubo. +
3 Wenze isizwe saba nabantu abaningi;
Usenze sathokoza kakhulu.
Siyathokoza phambi kwakho
Njengalapho abantu bethokoza ngesikhathi sokuvuna,
Njengalabo abahlukanisa impango ngenjabulo.
4 Ngoba uliphihlize laba yizicucu ijoka lomthwalo wabo,
Induku esemahlombe abo, ubhoko lwenduna,
Njengasosukwini lukaMidiyani. +
5 Wonke amabhuzu azamazamisa umhlaba lapho enyathela
Nazo zonke izingubo ezicwiliswe egazini
Ziyoba ukudla komlilo.
Igama lakhe kuyothiwa uMeluleki Omangalisayo, + uNkulunkulu Onamandla, + uYise Ongunaphakade, iSikhulu Sokuthula.
Nokuthula ngeke kuphele, +
Esihlalweni sobukhosi sikaDavide + nasembusweni wakhe
Ukuze umiswe uqine + futhi ulondolozwe
Ngobulungisa + nangokulunga, +
Kusukela manje kuze kube phakade.
UJehova, umholi wamabutho asezulwini, uzokwenza lokhu ngenxa yentshiseko yakhe.
9 Bonke abantu bayolazi
—U-Efrayimi nezakhamuzi zaseSamariya—
Abathi ngenxa yokuziphakamisa kwabo nangenxa yokweyisa kwenhliziyo yabo:
Izihlahla zomsikhamori zigawuliwe,
Kodwa sizosebenzisa imisedari esikhundleni sazo.”
11 UJehova uyovusa izitha zikaRezini ukuba zimelane naye
Uyogqugquzela izitha zakhe ukuba zithathe isinyathelo,
12 ISiriya empumalanga namaFilisti entshonalanga, *+
Bayomshwabadela u-Israyeli ngemilomo evulekile. +
Ngenxa yakho konke lokhu akayekanga ukuthukuthela,
Kodwa isandla sakhe sisalokhu seluliwe ukuze abashaye. +
16 Labo abahola lesi sizwe bayasinhlanhlathisa,
Nalabo abaholwayo badidekile.
17 Yingakho uJehova engeke ajabule ngezinsizwa zabo,
Ngeke abe nasihe ezintandaneni nakubafelokazi babo
Ngoba bonke bayizihlubuki nabenzi bokubi +
Imilomo yabo ikhuluma okungenangqondo.
Ngenxa yakho konke lokhu, akayekanga ukuthukuthela,
Kodwa isandla sakhe sisalokhu seluliwe ukuze abashaye. +
18 Ngoba ububi buvutha njengomlilo,
Bushisa izihlahla zameva nokhula.
Buyothungela ihlathi ngomlilo,
Lishunqe ifu lentuthu.
Akekho oyosindisa ngisho nomfowabo.
20 Umuntu uyosika inyama ngakwesokudla
Kodwa uyolokhu elambile;
Umuntu uyodla ngakwesobunxele
Kodwa ngeke asuthe.
Yilowo nalowo uyodla inyama yengalo yakhe,
21 UManase uyoshwabadela u-Efrayimi,
No-Efrayimi ashwabadele uManase.
Bobabili bayomelana noJuda. +
Ngenxa yakho konke lokhu, akayekanga ukuthukuthela,
Kodwa isandla sakhe sisalokhu seluliwe ukuze abashaye. +