Yibani Yizisebenzi Zokuvuna Ezijabulayo!
“Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—MATHEWU 9:37, 38.
1. Yini esisiza ukuba siphikelele ekwenzeni intando kaNkulunkulu?
LAPHO sikhumbula usuku esabhapathizwa ngalo njengenye yezinceku zikaJehova, eminyakeni embalwa noma eminingi edlule, kungase kube sengathi bekuyizolo nje. Ukuphila kwethu esikunikezele kwagxila ekudumiseni uJehova. Njengoba sithengisisa ithuba lokusiza abanye ukuba bezwe futhi mhlawumbe bamukele isigijimi soMbuso, ukukhonza uJehova ngenjabulo kwaba yinto esiyikhathalela ngokuyinhloko. (Efesu 5:15, 16) Kuze kube namuhla, sithola ukuthi isikhathi siyashesha lapho simatasa, ‘sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) Nakuba siba nazo izinkinga, injabulo yethu ekwenzeni intando kaJehova isiqhubezela phambili.—Nehemiya 8:10.
2. Yini enomthelela enjabulweni esiba nayo emsebenzini wokuvuna ongokomfanekiso?
2 NjengamaKristu, sisemsebenzini wokuvuna ongokomfanekiso. UJesu Kristu wakufanisa nokuvuna ukubuthwa kwabantu ukuze bathole ukuphila okuphakade. (Johane 4:35-38) Njengoba senza lowo msebenzi wokuvuna, kuzosikhuthaza ukuhlola injabulo yezisebenzi zokuvuna zokuqala ezingamaKristu. Sizobukeza izici ezintathu ezinomthelela enjabulweni esiba nayo emsebenzini wokuvuna wanamuhla. Yilezi (1) isigijimi sethu sethemba, (2) ukuphumelela kwethu ekufuneni (3) nesimo sethu sengqondo sokwakha ukuthula njengezisebenzi zokuvuna.
Sithunyiwe Ukuba Sibe Yizisebenzi Zokuvuna
3. Yini abalandeli bakaJesu bokuqala abathola kuyo injabulo?
3 Yeka indlela okwashintsha ngayo ukuphila kwezisebenzi zokuvuna zokuqala—ikakhulu abaphostoli bakaJesu abangu-11 abathembekile—ngo-33 C.E. mhla beya entabeni eGalile beyohlangabeza uKristu ovusiwe! (Mathewu 28:16) Lapho, kungenzeka kwakukhona ‘abafowethu abangaphezu kwamakhulu amahlanu.’ (1 Korinte 15:6) Umyalo uJesu abanika wona wawulokhu unkeneneza ezindlebeni zabo. Wabatshela: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Naphezu koshushiso olunzima, bathola injabulo enkulu emsebenzini wokuvuna lapho bebona kumiswa amabandla abalandeli bakaKristu ezindaweni ngezindawo. Ngemva kwesikhathi esithile, ‘izindaba ezinhle zase zishunyayelwa kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’—Kolose 1:23; IzEnzo 1:8; 16:5.
4. Zazinjani izimo lapho kuthunywa abafundi bakaKristu?
4 Ngaphambili enkonzweni yakhe eGalile, uJesu wayebize abaphostoli abangu-12 wabathuma ngokukhethekile ukuba bamemezele: “Umbuso wamazulu ususondele.” (Mathewu 10:1-7) Naye ngokwakhe ‘wayethathe uhambo oluya kuyo yonke imizi nemizana [yaseGalile], efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zombuso futhi elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka.’ UJesu wafikelwa yisihawu ngezixuku “ngoba zaziphundleke futhi zihlakazeke njengezimvu ezingenamalusi.” (Mathewu 9:35, 36) Ethinteke ngokujulile, wabe esetshela abafundi bakhe: “Yebo, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna [uJehova uNkulunkulu] ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Mathewu 9:37, 38) UJesu waqaphela isidingo esifanayo sezisebenzi zokuvuna eJudiya lapho inkonzo yakhe yasemhlabeni yayisisalelwe yizinyanga eziyisithupha kuphela. (Luka 10:2) Kuzo zombili izenzakalo, wathuma abalandeli bakhe njengezisebenzi zokuvuna.—Mathewu 10:5; Luka 10:3.
Isigijimi Sethu Sethemba
5. Luhlobo luni lwesigijimi esisimemezelayo?
5 Njengezinceku zikaJehova zanamuhla, sisabela ngenjabulo obizweni lwezisebenzi zokuvuna. Esinye sezici ezinomthelela omkhulu enjabulweni yethu ukuthi silethela abadangele nabacindezelekile isigijimi sethemba. Njengabafundi bakaJesu bekhulu lokuqala, yeka ilungelo esinalo lokumemezela izindaba ezinhle—isigijimi sethemba sangempela—kulabo ‘abaphundlekile nabahlakazeke njengezimvu ezingenamalusi’!
6. Yimuphi umsebenzi abaphostoli ababewenza ngekhulu lokuqala?
6 Lapho ligamanxa ikhulu lokuqala leminyaka, umphostoli uPawulu wayematasa eshumayela izindaba ezinhle. Futhi umsebenzi wakhe wokuvuna wawuphumelela impela, ngoba lapho ebhalela amaKristu aseKorinte cishe ngo-55 C.E., wathi: “Nginazisa izindaba ezinhle engazimemezela kini, enazamukela nani, futhi enimi kuzo.” (1 Korinte 15:1) Abaphostoli namanye amaKristu okuqala babeyizisebenzi zokuvuna ezikhuthele. Nakuba iBhayibheli lingasitsheli ukuthi bangaki abaphostoli abasinda ezigigabeni ezaphetha ngokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., siyazi ukuthi umphostoli uJohane wayesashumayela eminyakeni engaba ngu-25 kamuva.—IsAmbulo 1:9.
7, 8. Yisiphi isigijimi sethemba izinceku zikaJehova ezisimemezela ngokuphuthuma okukhulu manje kunanini ngaphambili?
7 Kwabe sekuqala amakhulu eminyaka okulawula kwabefundisi beLobukholwa, “umuntu ongenamthetho” oyisihlubuki. (2 Thesalonika 2:3) Nokho, ngasekupheleni kwekhulu le-19, labo ababefuna ukuvumelanisa ukuphila kwabo nobuKristu bokuqala basisukumela isigijimi sethemba, bamemezela uMbuso. Eqinisweni, kusukela kumagazini wokuqala (wango-July 1879 ngesiNgisi), isihloko salo magazini besilokhu sinamazwi athi “Isimemezelo Sokuba Khona KukaKristu,” “Isimemezelo SoMbuso KaKristu,” noma athi “Ememezela UMbuso KaJehova.”
8 UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini wamiswa ngo-1914, waphathiswa uJesu Kristu, futhi manje isigijimi sethemba sisimemezela ngokuphuthuma okukhulu kunanini ngaphambili. Ngani? Ngoba esinye sezibusiso zokubusa koMbuso siwukuphela kwalesi simiso sezinto esibi okuseduze. (Daniyeli 2:44) Yimuphi nje umyalezo ongaba ngcono kunalowo? Futhi iyiphi injabulo esingaba nayo edlula eyokuhlanganyela ekumemezeleni uMbuso ngaphambi kokuqala ‘kosizi olukhulu’?—Mathewu 24:21; Marku 13:10.
Ukuphumelela Ekufuneni Kwethu
9. Yimuphi umyalo uJesu awunika abafundi bakhe, futhi abantu basabela kanjani esigijimini soMbuso?
9 Esinye isici esinomthelela enjabulweni yethu njengezisebenzi zokuvuna yimpumelelo yethu ekufuneni labo ababa abafundi bese bezihlanganisa nathi emsebenzini wokuvuna. Ngo-31 kuya ku-32 C.E., uJesu wayala abafundi bakhe: “Kunoma yimuphi umuzi noma umuzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo.” (Mathewu 10:11) Akubona bonke abantu ababefaneleka, njengoba kwaboniswa yindlela abasabela ngayo esigijimini soMbuso. Nokho, abafundi bakaJesu bashumayela izindaba ezinhle ngentshiseko nomaphi lapho kwakukhona abantu.
10. UPawulu wabafuna kanjani abafanelekayo?
10 Ngemva kokufa nokuvuka kukaJesu, ukufunwa kwabafanelekayo kwaqhubeka ngomdlandla. UPawulu wabonisana namaJuda esinagogeni lawo kanye nabantu ababesemakethe e-Athene. Lapho eshumayela e-Areyophagu kulowo muzi waseGrisi, “amanye amadoda azihlanganisa naye futhi aba amakholwa, okwakukhona noDiyonisiyu phakathi kwawo, umahluleli wenkantolo yase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, kanye nabanye ngaphandle kwabo.” Nomaphi lapho uPawulu ayehamba khona, wayeyisibonelo nangokushumayela “obala nasendlini ngendlu.”—IzEnzo 17:17, 34; 20:20.
11. Yiziphi izindlela zokwenza inkonzo ezazisetshenziswa eminyakeni eminingi edlule?
11 Phakathi namashumi eminyaka okugcina ekhulu le-19, amaKristu agcotshiwe abafuna ngesibindi abafanelekayo. Esihlokweni esithi “Bagcotshelwe Ukushumayela,” i-Zion’s Watch Tower ka-July/August 1881 yathi: “Ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle . . . kuyaqhubeka ‘kwabathobekileyo’—labo abazimisele nabakwaziyo ukuzwa, ukuze kuvele phakathi kwabo umzimba kaKristu, izindlalifa ezikanye naye.” Izisebenzi zokuvuna zikaNkulunkulu zazivame ukuhlangabeza abantu bephuma ezinkonzweni zesonto, zibanike amapheshana anezigijimi ezingokomBhalo ezaziklanyelwe ukwenza abafanelekayo basabele kahle. Ngemva kokuhlaziywa kwempumelelo yale ndlela yokushumayela, i-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-May 15, 1903, yanxusa izisebenzi zokuvuna ukuba zisakaze amapheshana “endlini ngendlu, ekuseni ngamaSonto.”
12. Siye sayandisa kanjani impumelelo yomsebenzi wethu wokushumayela? Bonisa.
12 Eminyakeni yamuva, siye sandisa inkonzo yethu ngokukhuluma nabantu kwezinye izindawo ngaphandle kwasemizini yabo. Lokhu kuye kwaphumelela kakhulu emazweni lapho izimo zezomnotho nokuzilibazisa kwenza abantu bangabi semizini yabo ngezikhathi esivame ukufika ngazo. Lapho uFakazi othile waseNgilandi nayehamba naye bebona izivakashi njalo zigibela amabhasi zihambe ngemva kokuba sebhishi, baqunga isibindi sokugibela emabhasini bahambisele abagibeli INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngenyanga eyodwa, bahambisa omagazini abangu-229. Bayabika: “Asikwesabi ukushumayela ngasebhishi, ensimini yamabhizinisi, nanoma iyiphi enye inselele esingase sibhekane nayo ngoba siyazi ukuthi uJehova unathi njalo.” Bavula umzila kamagazini, baqala isifundo seBhayibheli, futhi bobabili baye bahlanganyela enkonzweni yobuphayona obusizayo.
13. Yiluphi ushintsho enkonzweni yethu oseludingeka kwezinye izindawo?
13 Njengoba ukufunwa kwabafanelekayo kuqhubeka, kwezinye izindawo kungase kudingeke siphinde sihlaziye inkonzo yethu ngokucophelela. Nakuba ngokuvamile oFakazi abaningi beshumayela endlini ngendlu ekuseni ngamaSonto, kwezinye izindawo bathola ukuthi ukuhambela abantu emizini yabo ekuseni akuphumeleli kangako ngoba abantu basuke besaphumule. Ngokushintsha isimiso sabo, oFakazi abaningi manje bafuna abafanelekayo ilanga seliphakeme, mhlawumbe ngemva kwemihlangano yobuKristu. Futhi lokhu kufuna kuye kwaba nezithelo ngempela. Ngonyaka odlule, inani labamemezeli boMbuso landa ngamaphesenti angu-2,3 emhlabeni wonke. Lokhu kudumisa iNkosi yokuvuna, kulethe injabulo nasezinhliziyweni zethu.
Londoloza Ukuthula Emsebenzini Wokuvuna
14. Isigijimi sethu sisihambisa sinasiphi isimo sengqondo, futhi ngani?
14 Esinye isizathu sokujabula kwethu sihlobene nesimo sengqondo sokwakha ukuthula esisibonisa emsebenzini wokuvuna. UJesu wathi: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyondlu; futhi uma indlu ifanele, ukuthula eniyifisela khona makwehlele kuyo.” (Mathewu 10:12, 13) Ukubingelela kwesiHeberu negama lako ngesiGreki saseBhayibhelini kunikeza umqondo othi ‘Kwangathi kungakuhambela kahle.’ Lesi simo sengqondo siqondisa indlela esikhuluma ngayo nabantu lapho sishumayela izindaba ezinhle. Sethemba ukuthi bayosabela kahle esigijimini soMbuso. Labo abasabela kahle banethemba lokubuyisana noNkulunkulu lapho bephenduka ezonweni zabo, baguquke bese benza intando yakhe. Ngokufanayo, ukuthula noNkulunkulu kuholela ekuphileni okumi phakade.—Johane 17:3; IzEnzo 3:19; 13:38, 48; 2 Korinte 5:18-20.
15. Singasilondoloza kanjani isimo sengqondo sokuthula lapho sithola ukusabela okungekuhle emsebenzini wethu wokushumayela?
15 Singakulondoloza kanjani ukuthula kwethu lapho sithola ukusabela okungekuhle? UJesu wayala: “Uma [indlu] ingafanele, ukuthula okuvela kini makubuyele kini.” (Mathewu 10:13) Ukulandisa kukaLuka ngokuthunywa kwabafundi abangu-70 kunala mazwi kaJesu: “Uma umngane wokuthula ekhona, ukuthula kwenu kuyohlala kuye. Kodwa uma engekho, kuyobuyela kini.” (Luka 10:6) Lapho sixoxa nabantu ngezindaba ezinhle, kuyafaneleka ukuba sikhulume ngomoya omuhle nangokuthula. Ukungasinaki komninikhaya, ukukhononda noma ukusikhakhabisa kwakhe kumane kuvumele isigijimi sethu sokuthula ukuba ‘sibuyele kithi.’ Kodwa akukho kulokhu okusiphuca ukuthula, okuyisithelo somoya ongcwele kaJehova.—Galathiya 5:22, 23.
Umgomo Omuhle Wezisebenzi Zokuvuna
16, 17. (a) Uyini umgomo wethu lapho senza izimpindelo? (b) Singabasiza kanjani labo abanemibuzo yeBhayibheli?
16 Njengezisebenzi zokuvuna siyajabula ukuba nengxenye ekubuthweni kwabantu ukuze bathole ukuphila okuphakade. Futhi yeka injabulo esiba nayo lapho umuntu esimshumayezayo esabela kahle, efuna ukufunda okwengeziwe, futhi eba “umngane wokuthula”! Mhlawumbe unemibuzo eminingi yeBhayibheli futhi asinakuyiphendula yonke ekuhambeleni okukodwa. Njengoba kungase kungafaneleki ukuhlala isikhathi eside ekuhambeleni kokuqala, yini esingayenza? Singaba nomgomo onjengalowo owatuswa eminyakeni engaba ngu-60 edlule.
17 “Bonke oFakazi BakaJehova kufanele bakulungele ukuqhuba izifundo zeBhayibheli.” Lawo mazwi ayesencwajaneni yesithathu kweziwuchungechunge ezithi Model Study ezanyatheliswa kusukela ngo-1937 kuya ku-1941. Aqhubeka athi: “Bonke abamemezeli [boMbuso] kufanele bakukhuthalele ukubasiza nganoma iyiphi indlela okungenzeka ngayo abantu abathakazelelwayo nababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso. Kufanele kwenziwe izimpindelo kulaba bantu, kuphendulwe imibuzo ehlukahlukene . . . , bese kuqalwa isifundo . . . ngokushesha ngangokunokwenzeka.” Yebo, umgomo wethu ekwenzeni izimpindelo uwukuqala isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi sisiqhube njalo.a Ukuba nobungane nokumkhathalela ngothando umuntu othakazelayo kusishukumisela ukuba silungiselele kahle futhi sisiqhube ngendlela ephumelelayo isifundo.
18. Singabasiza kanjani abathakazelayo ukuba babe ngabafundi bakaJesu Kristu?
18 Ngosizo lwencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade nezincwajana ezinjengethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?, singaqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziphumelelayo futhi kanjalo sihlanganyele ekusizeni abasanda kuthakazela ukuba babe ngabafundi. Njengoba sifuna ukulingisa uMfundisi Omkhulu, uJesu Kristu, cishe abafundi beBhayibheli abanjalo bayofunda nasesimweni sethu esinokuthula nenjabulo, ebuqothweni bethu nasekuhlonipheni kwethu izindinganiso neziqondiso zikaJehova. Lapho sisiza abathakazelayo ukuba bathole izimpendulo zemibuzo yabo, masenze okusemandleni ukuze sibafundise nokuthi bangabaphendula kanjani labo abababuzayo. (2 Thimothewu 2:1, 2; 1 Petru 2:21) Njengezisebenzi zokuvuna ezingokomfanekiso, singajabula ngempela ngokuthi ngonyaka wenkonzo odlule kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezilinganiselwa ku-4 766 631. Sijabula ngokukhethekile uma siphakathi kwezisebenzi zokuvuna ezihlanganyela emsebenzini wezifundo zeBhayibheli zasekhaya.
Qhubeka UJabula Ekuvuneni
19. Kungani kwakunezizathu ezizwakalayo zokujabula ekuvuneni phakathi nenkonzo kaJesu nangemva nje kwayo?
19 Kwakunezizathu ezizwakalayo zokujabula ekuvuneni phakathi nenkonzo kaJesu nangemva nje kwayo. Ngaleso sikhathi, baba baningi abasabela kahle ezindabeni ezinhle. Ukujabula kwaba kukhulu ngokukhethekile ngePhentekoste lika-33 C.E., ngoba ngaleso sikhathi abangaba ngu-3 000 bamukela isiqondiso sikaPetru, bathola umoya ongcwele kaJehova futhi baba yingxenye yesizwe sikaNkulunkulu sika-Israyeli ongokomoya. Ngempela, amanani abo aqhubeka anda, futhi injabulo yachichima njengoba ‘uJehova ayeqhubeka enezela kubo nsuku zonke labo abasindiswayo.’—IzEnzo 2:37-41, 46, 47; Galathiya 6:16; 1 Petru 2:9.
20. Yini esilethela injabulo echichimayo emsebenzini wethu wokuvuna?
20 Ngaleso sikhathi, kwakugcwaliseka isiprofetho sika-Isaya: “[Wena Jehova] uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.” (Isaya 9:3) Nakuba manje sisibona sesiphelele leso ‘sizwe esandile’ sabagcotshiwe, injabulo yethu iyachichima njengoba sibona inani lezinye izisebenzi zokuvuna landa unyaka ngamunye.—IHubo 4:7; Zakariya 8:23; Johane 10:16.
21. Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?
21 Sinezizathu ezizwakalayo ngempela zokuqhubeka sijabula emsebenzini wokuvuna. Isigijimi sethu sethemba, ukufuna kwethu abafanelekayo nesimo sethu sengqondo sokwakha ukuthula—zonke lezi zici zisilethela injabulo njengezisebenzi zokuvuna. Nokho, zibangela ukusabela okungekuhle kwabaningi. Umphostoli uJohane wabhekana nalokhu. Waboshelwa esiqhingini sasePhatmose “ngenxa yokukhuluma ngoNkulunkulu nangenxa yokufakaza ngoJesu.” (IsAmbulo 1:9) Singayilondoloza kanjani-ke injabulo yethu lapho sishushiswa futhi siphikiswa? Yini eyosisiza sibhekane nesimo sengqondo esiya siba lukhuni sabaningi esishumayela kubo manje? Isihloko esilandelayo sinikeza usizo olungokomBhalo ekuphenduleni le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Izifundo zaqale zaqhutshelwa ezindaweni okwakungahlangana kuzo amaqembu abantu abathakazelayo. Nokho, ngokushesha izifundo zaqhutshwa nabantu ngabanye nemikhaya.—Bheka ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, ikhasi 574, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Uyini umsebenzi wokuvuna ongokomfanekiso?
• Luhlobo luni lwesigijimi esisimemezelayo?
• Kungani ukufuna kwethu abafundi kuphumelela?
• Sikulondoloza kanjani ukuthula emsebenzini wokuvuna?
• Kungani siqhubeka sijabule ekuvuneni?
[Izithombe ekhasini 12, 13]
Ukushumayela ekhulwini lokuqala nakwelama-20
[Izithombe ekhasini 13]
NjengoPawulu, izisebenzi zokuvuna zanamuhla zizama ukufinyelela abantu yonke indawo
[Isithombe ekhasini 13]
Memezela izindaba ezinhle ngomoya omuhle