Eyesibili YeziKronike
15 Umoya kaNkulunkulu wafika ku-Azariya indodana ka-Odedi. 2 Ngakho waphuma wayohlangana no-Asa wathi kuye: “O Asa nawo wonke uJuda noBhenjamini, ngizweni! UJehova unani uma nje nina niqhubeka ninaye; + uma nimfuna, niyomthola, + kodwa uma nimshiya naye uyonishiya. + 3 Kwase kuyisikhathi eside* u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, engenaye umpristi ofundisayo, engenawo nomthetho. + 4 Kodwa lapho ecindezelekile wabuyela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, wamfuna futhi wamthola uNkulunkulu. + 5 Ngalezo zikhathi akekho owayehamba ngokuphepha, ngoba zaziziningi iziyaluyalu phakathi kwabo bonke abantu bakulawo mazwe. 6 Isizwe sasichotshozwa esinye isizwe, idolobha lichotshozwa elinye, ngoba uNkulunkulu wabagcina beyaluza ngazo zonke izinhlobo zosizi. + 7 Kodwa nina, yibani namandla ningadikibali, + ngoba umsebenzi wenu uyovuzwa.”
8 Ngokushesha nje lapho u-Asa ezwa la mazwi nesiprofetho sika-Odedi umprofethi, waba nesibindi wasusa izithixo ezinyanyekayo kulo lonke izwe lakwaJuda + nelakwaBhenjamini nasemadolobheni ayewathumbe esifundeni esinezintaba sakwa-Efrayimi, wabuyisela ne-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova. + 9 Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini nabantu bakwamanye amazwe ababekanye nabo abavela kwa-Efrayimi nakwaManase nakwaSimeyoni, + ngoba babehlamukele kuye bebaningi besuka kwa-Israyeli lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye. 10 Ngakho baqoqana eJerusalema ngenyanga yesithathu yonyaka ka-15 wokubusa kuka-Asa. 11 Ngalolo suku benzela uJehova umhlatshelo ngempahla ababeyiphangile, izinkomo ezingu-700 nezimvu ezingu-7 000. 12 Ngaphezu kwalokho, bangena esivumelwaneni sokufuna uJehova uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo* wabo. + 13 Noma ubani owayengeke amfune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kwakufanele abulawe, kungakhathaliseki ukuthi mncane noma mkhulu, owesilisa noma owesifazane. + 14 Ngakho bafunga kuJehova ngezwi elikhulu, ngokumemeza kwenjabulo nangamacilongo nezimpondo. 15 Wonke uJuda wajabula ngaleso sifungo, ngoba babefunge ngenhliziyo yabo yonke, bamfunisisa bamthola, + uJehova waqhubeka ebanika ukuphumula kuzo zonke izitha zabo ezazibazungezile. +
16 INkosi u-Asa yasusa ngisho nogogo wayo uMahakha + esikhundleni sakhe sokuba yindlovukazi,* ngoba wayenze isithixo esinengekayo ukuze sisetshenziswe ekukhonzeni isigxobo esingcwele. *+ U-Asa wasigawula isithixo sakhe esinengekayo, wasigaya saba izicucu wasishisa eSigodini SaseKidroni. + 17 Kodwa izindawo eziphakeme azizange zisuswe + kwa-Israyeli. + Noma kunjalo, inhliziyo ka-Asa yayizinikele ngokuphelele* konke ukuphila* kwakhe. + 18 Wangenisa endlini kaNkulunkulu weqiniso izinto yena noyise ababezenze zaba ngcwele—isiliva, igolide nezinto ezihlukahlukene. + 19 Impi ayizange ibe khona kwaze kwaba unyaka ka-35 wokubusa kuka-Asa. +