Ihubo lika-Asafa. +
82 UNkulunkulu umi endaweni yakhe emhlanganweni wasezulwini; +
Uyahlulela phakathi konkulunkulu: +
2 “Kuyoze kube nini nilokhu nahlulela ngokungabi nabulungisa +
Nikhetha ababi? + (Sela)
3 Vikelani ophansi nentandane. +
Yenzelani ohluphekile noswele ubulungisa. +
4 Khululani ophansi nompofu;
Nibasindise esandleni sababi.”
5 Abahluleli abazi futhi abaqondi; +
Bahambahamba ebumnyameni;
Zonke izisekelo zomhlaba ziyantengantengiswa. +
6 “Mina ngithe, ‘Ningonkulunkulu, +
Nonke ningamadodana oPhezukonke.
7 Kodwa niyofa njengoba kufa abantu; +
Niyowa njengezinye izikhulu!’ ” +
8 O Nkulunkulu, sukuma wahlulele umhlaba, +
Ngoba zonke izizwe zingezakho.