31 Amazwi eNkosi uLemuweli, umyalezo onamandla unina amnika wona ukuze amfundise: +
2 O ndodana yami, yini okufanele ngikutshele yona,
Yini ndodana yesibeletho sami,
Yini enye ndodana yezithembiso zami? +
3 Unganiki abesifazane amandla akho, +
Ungalandeli izindlela ezenza amakhosi abhubhe. +
4 Akukhona okwamakhosi, Lemuweli,
Akukhona okwamakhosi ukuphuza iwayini
Noma okwababusi ukuba bathi: “Buphi utshwala bami?” +
5 Ukuze bangaphuzi bese bekhohlwa okunqunyiwe,
Baphendukezele amalungelo abantu abaphansi.
6 Banikeni utshwala labo abashabalalayo +
Nibanike iwayini labo abanosizi. +
7 Mabaphuze bakhohlwe ukuhlupheka kwabo;
Mabangabe besazikhumbula izinkathazo zabo.
8 Khulumela abangakwazi ukuzikhulumela;
Lwela amalungelo abo bonke abashabalalayo. +
9 Kufanele ukhulume futhi wahlulele ngokulunga;
Lwela amalungelo abantu abaphansi nabahluphekayo. +
א [Aleph]
10 Ubani ongathola umfazi okhaliphile? +
Ubaluleke ukwedlula amakhorali.
ב [Beth]
11 Umyeni wakhe umethemba ngokusuka enhliziyweni,
Akantuli lutho oluyigugu.
ג [Gimel]
12 Uvuza umyeni wakhe ngokuhle hhayi ngokubi,
Zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
ד [Daleth]
13 Ufuna uvolo nelineni;
Uyakujabulela ukusebenza ngezandla zakhe. +
ה [He]
14 Unjengemikhumbi yomthengisi, +
Ukulanda kude ukudla kwakhe.
ו [Waw]
15 Uvuka kusesebusuku,
Aphe umndeni wakhe ukudla
Anike nezincekukazi zakhe izabelo. +
ז [Zayin]
16 Ucabanga ngensimu, ayihlole bese eyayithenga;
Utshala insimu yamagilebhisi ngenzuzo ayitholile.
ח [Heth]
17 Uzilungiselela ukusebenza kanzima, +
Uqinisa izingalo zakhe.
ט [Teth]
18 Uyabona ukuthi ukuhweba kwakhe kunenzuzo;
Isibani sakhe asicimi ebusuku.
י [Yod]
19 Izandla zakhe zibamba uthi lokubamba imicu,
Izandla zakhe zibamba uthi lokuphotha. +
כ [Kaph]
20 Welula isandla sakhe asize abampofu,
Futhi uvulela abahluphekile izandla zakhe. +
ל [Lamed]
21 Akakhathazeki ngomndeni wakhe ebusika,
Ngoba wonke umndeni wakhe wembathe izingubo ezifudumele.
מ [Mem]
22 Uzenzela izembozo zombhede wakhe.
Izingubo zakhe ezelineni noboya obuphephuli.
נ [Nun]
23 Umyeni wakhe ungumuntu owaziwayo emasangweni edolobha, +
Lapho ehlala khona phakathi kwamadoda amadala ezwe.
ס [Samekh]
24 Wenza futhi athengise izingubo zelineni
Anike nabahwebi amabhande.
ע [Ayin]
25 Unesibindi futhi uyahlonishwa
Ubheka ikusasa ngokuqiniseka.
פ [Pe]
26 Umlomo wakhe uwuvula ngokuhlakanipha; +
Umthetho womusa usolimini lwakhe.
צ [Tsade]
27 Uyayibheka imisebenzi eyenziwa endlini yakhe,
Akasidli isinkwa sobuvila. +
ק [Qoph]
28 Izingane zakhe ziyasukuma zimdumise;
Umyeni wakhe uyasukuma amdumise.
ר [Resh]
29 Baningi abesifazane abakhaliphile,
Kodwa wena—wena ubadlula bonke.
ש [Shin]
30 Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube obesikhashana, +
Kodwa owesifazane owesaba uJehova uyothola udumo. +
ת [Taw]
31 Mnikeni umvuzo ngomsebenzi wakhe, +
Imisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni edolobha. +