uJobe
29 UJobe waqhubeka nenkulumo* yakhe, wathi:
2 “Ukube nje bengingabuyela ezikhathini zakudala,
Ezinsukwini uNkulunkulu ayengiqapha ngazo;
3 Lapho ayekhanyisa khona isibani sakhe phezu kwekhanda lami,
Lapho ngangihamba ngidabule ebumnyameni ngokukhanya kwakhe, +
4 Ezinsukwini zami zobungqabavu,
Lapho ngangibuzwa khona ubungani bami noNkulunkulu emzini wami, +
5 Ngesikhathi uMninimandla Onke esenami,
Lapho izingane* zami zonke zingizungezile,
6 Lapho ngangihamba khona ebhoteleni eliningi,
Namadwala engithululela imifudlana yamafutha. +
7 Lapho ngangivame ukuphuma ngiye esangweni ledolobha, +
Ngifike ngihlale esigcawini, +
8 Izinsizwa zazingibona ziqhele,*
Ngisho namakhehla ayesukuma ame. +
9 Izikhulu zazizibamba zingakhulumi;
Zazibeka izandla zazo emilonyeni.
10 Izwi labaholi lalingazwakali;
Ulimi lwabo lwalunamathele olwangeni lwabo.
11 Noma ubani owayengizwa wayekhuluma kahle ngami,
Nalabo ababengibona babefakaza kahle ngami.
14 Ukulunga ngangikugqoka njengengubo;
Ngangibonisa ubulungisa kuzo zonke izinqumo zami.
15 Ngangingamehlo koyimpumputhe,
Ngiyizinyawo kolunyonga.
19 Ngiyofana nesihlahla esinezimpande ezifinyelela emanzini,
Amazolo ayohlala ubusuku bonke emagatsheni aso.
20 Idumela lami livuselelwa njalo,
Umnsalo osesandleni sami uzoqhubeka ucibishela.’
22 Uma sengikhulumile, babengabi nalutho abazolusho;
Amazwi ami ayezwakala* kamnandi ezindlebeni zabo.