uJobe
—Abancane ngeminyaka kunami,
Oyise engangiyokwenqaba
Ukubabeka nezinja ezaziqapha umhlambi wami.
2 Amandla ezandla zabo ayengisiza ngani?
Ubungqabavu babo buphelile.
3 Bazacile ngenxa yokuswela nendlala;
Baququda umhlabathi owomile
Owawusuwonakele futhi ushiywe dengwane.
4 Bakha amacembe anosawoti ezihlahleni
Nezimpande ezibabayo ezihlahleni ukuze badle.
7 Bakhala phakathi kwezihlahla,
Baqoqane ndawonye phakathi kwezimbabazane.
8 Njengoba bengamadodana abantu abangenangqondo nabangelutho,
Baxoshiwe ezweni.
12 Bavumbuka ngakwesokudla sami beyiqulu,
Bangijahe,
Babeke izikhubekiso endleleni yami ukuze ngehlelwe inhlekelele.
14 Bangena njengokungathi bangena ngembobo enkulu odongeni;
Batheleka phezu kwesimo esibucayi.
15 Ngikhungethwe ukwesaba;
Isithunzi sami sipheshulwe njengomoya,
Ithemba lokukhululwa kwami linyamalala njengefu.
19 UNkulunkulu ungiphonse phansi odakeni;
Sengifana nothuli nomlotha.
23 Ngoba ngiyazi ukuthi uyongiyisa ekufeni,
Endlini okuyohlangana kuyo wonke umuntu ophilayo.
25 Angibakhalelanga yini labo abawe ngezikhathi ezinzima?*
Angibalilelanga yini abampofu. +
26 Nakuba ngangilindele okuhle, kwafika okubi;
Ngangilindele ukukhanya, kodwa kwafika ubumnyama.
28 Ngihambahamba ebumnyameni; + akukho ukukhanya kwelanga.
Ngiyasukuma ebandleni ngicele usizo.
31 Ihabhu lami elabalilayo kuphela,
Negemfe lami elabakhalayo kuphela.