Joshuwa
15 Izwe elabelwa *+ imindeni yesizwe sakwaJuda lafinyelela emngceleni wakwa-Edomi, + ihlane laseZini, kuya eNegebhi emkhawulweni wayo oseningizimu. 2 Umngcele walo oseningizimu wawusuka emaphethelweni oLwandle Lukasawoti, *+ ethekwini elibheke eningizimu. 3 Wawuqhubekela ngaseningizimu emqanseni wase-Akarabimi, + uwelele eZini bese wenyuka usuka eningizimu uye eKadeshi-barineya, + uwelele eHezironi, ukhuphukele e-Adari bese uzungeza uye eKaraka. 4 Wawube usudlulela e-Azimoni + bese uya eMhosheni* WaseGibhithe, + lo mngcele wawuphelela oLwandle.* Lona kwakuwumngcele wale mindeni oseningizimu.
5 Umngcele osempumalanga kwakuwuLwandle Lukasawoti* kuze kufike phezulu emaphethelweni eJordani, umngcele ongasenyakatho wawuqala ethekwini lolwandle, emaphethelweni eJordani. + 6 Lo mngcele wawenyukela eBheti-hogila + uwelele enyakatho yeBheti-araba, + wenyukele etsheni likaBohanu + indodana kaRubeni. 7 Umngcele wawukhuphukela eDebhiri eSigodini Sase-Akori, *+ ujikele ngasenyakatho uye eGiligali, + ephambi komqansa wase-Adumimi oseningizimu yomhosha, uwelele emanzini ase-Eni-shemeshi + bese uphelela e-Eni-rogeli. + 8 Lo mngcele wawukhuphukela eSigodini Sendodana KaHinomu + ugudle izintaba zamaJebusi + eningizimu, okungukuthi eJerusalema, + wawube usukhuphukela esiqongweni sentaba ebhekene neSigodi SikaHinomu entshonalanga, esisemaphethelweni eSigodi SamaRefa* enyakatho. 9 Umngcele wawube ususuka esiqongweni sentaba uze uyofika emthonjeni waseNefitowa, + udlulele emadolobheni aseNtabeni i-Efroni; umngcele wawuze ufike eBhahala, okungukuthi eKiriyati-jeyarimi. + 10 Lo mngcele wawuzungeza usuka eBhahala uye ngasentshonalanga eNtabeni iSeyiri, udlule uyogudla iNtaba iJeharimu enyakatho, okungukuthi eKhesaloni, wehlele eBheti-shemeshi + bese uwelela eThimna. + 11 Umngcele wawudlula uyogudla intaba yase-Ekroni + enyakatho, uze uyofika eShikeroni udlulele eNtabeni iBhahala uqhubekele eJabiniyeli, uze uyophelela olwandle.
12 Umngcele osentshonalanga kwakuwuLwandle Olukhulu *+ nogu lwalo. Lona kwakuwumngcele wenzalo yakwaJuda ngokwemindeni yayo zinhlangothi zonke.
13 Wanika uKalebi + indodana kaJefune isabelo phakathi kwenzalo kaJuda ngokuvumelana nomyalo kaJehova awunika uJoshuwa, wamnika iKiriyati-ariba (u-Ariba wayenguyise ka-Anaki), okungukuthi iHebroni. + 14 Ngakho uKalebi wawaxosha lapho amadodana amathathu ka-Anaki: + uSheshayi, u-Ahimani noTalimayi, + inzalo ka-Anaki. 15 Ngemva kwalokho wakhuphuka wayokulwa nabaseDebhiri. + (IDebhiri lalikade libizwa ngokuthi iKiriyati-seferi.) 16 UKalebi wabe esethi: “Indoda ezohlasela iKiriyati-seferi ilinqobe, ngizoyinika indodakazi yami u-Akisa ibe umkayo.” 17 U-Otheniyeli + indodana kaKhenazi, + umfowabo kaKalebi, walinqoba. Ngakho wamnika u-Akisa indodakazi yakhe + waba umkakhe. 18 Lapho u-Akisa eseya emzini wakhe, wancenga umyeni wakhe ukuba acele insimu kuyise. U-Akisa wabe esehla embongolweni.* UKalebi wathi kuye: “Ufunani?” + 19 Wathi: “Ngicela ungiphe isipho esiyisibusiso, ngoba unginike isiqephu sezwe esomile kuphela esiseningizimu;* nginike neGulothi-mayimi.”* Ngakho wamnika iGulothi Elingenhla neGulothi Elingezansi.
20 Leli kwakuyifa lesizwe sakwaJuda ngokwemindeni yaso.
21 Amadolobha ayesemaphethelweni esizwe sakwaJuda ukuya ngasemngceleni wakwa-Edomi + eningizimu kwakuyilawa: iKabiziyeli, i-Edere, iJaguri, 22 iKhina, iDimona, i-Adada, 23 iKedeshi, iHazori, i-Itinani, 24 iZifi, iThelemi, iBheyaloti, 25 iHazori-hadatha, iKheriyoti-hezironi, okungukuthi iHazori, 26 i-Amamu, iShema, iMolada, + 27 iHazari-gada, iHeshimoni, iBheti-pheleti, + 28 iHazari-shuwali, iBheri-sheba, + iBhiziyothiya, 29 iBhahala, i-Imi, i-Ezemi, 30 i-Elitoladi, iKhesili, iHorma, + 31 iZikilagi, + iMadimana, iSanisana, 32 iLebhawoti, iShilihimi, i-Ayini neRimoni +—esewonke amadolobha ayengu-29 kanye nemizi engaphansi kwawo.
33 EShefela + kwakuyilawa: i-Eshitawoli, iZora, + i-Ashina, 34 iZanowa, i-Eni-ganimi, iTaphuwa, i-Enamu, 35 iJarimuthi, i-Adulamu, + iSoko, i-Azeka, + 36 iShaharayimi, + i-Aditayimi, iGedera neGederotayimi*—amadolobha angu-14 nemizi engaphansi kwawo.
37 IZenani, iHadasha, iMigidali-gadi, 38 iDileyani, iMispe, iJokiteyeli, 39 iLakishi, + iBhozikati, i-Egiloni, 40 iKhabhoni, iLahimamu, iKhitilishi, 41 iGederoti, iBheti-dagoni, iNahama neMakheda +—amadolobha angu-16 nemizi engaphansi kwawo.
42 ILibhina, + i-Etere, i-Ashani, + 43 i-Ifita, i-Ashina, iNezibi, 44 iKheyila, i-Akizibi neMareshahi—amadolobha angu-9 nemizi engaphansi kwawo.
45 I-Ekroni namadolobhana angaphansi kwayo* nemizi yawo; 46 kusukela e-Ekroni ngasentshonalanga, konke okuseceleni kwe-Ashidodi nemizi engaphansi kwayo.
47 I-Ashidodi, + amadolobhana angaphansi kwalo* nemizi yawo; iGaza, + amadolobhana angaphansi kwalo nemizi yawo, kwehle kuze kuyofika eMhosheni WaseGibhithe, uLwandle Olukhulu* nezindawo ezigudle ugu lwalo. +
48 Izindawo ezisezintabeni, iShamiri, iJatiri, + iSoko, 49 iDana, iKiriyati-sana, okungukuthi iDebhiri, 50 i-Anabi, i-Eshitemo, + i-Animi, 51 iGosheni, + iHoloni neGilo +—amadolobha angu-11 nemizi engaphansi kwawo.
52 I-Arabhu, iDuma, i-Eshani, 53 iJanimi, iBheti-taphuwa, i-Afeka, 54 iHumitha, iKiriyati-ariba, okungukuthi iHebroni, + neZiyori—amadolobha angu-9 nemizi engaphansi kwawo.
55 IMawoni, + iKarmeli, iZifi, + iJutha, 56 iJizreyeli, iJokideyamu, iZanowa, 57 iKhayine, iGibheya neThimna +—amadolobha ayishumi nemizi engaphansi kwawo.
58 IHalihuli, iBheti-zuri, iGedori, 59 iMaharati, iBheti-anoti ne-Elitekoni—amadolobha ayisithupha nemizi engaphansi kwawo.
60 IKiriyati-bhali, okungukuthi iKiriyati-jeyarimi + neRaba—amadolobha amabili nemizi engaphansi kwawo.
61 Ehlane, iBheti-araba, + iMidini, iSekaka, 62 iNibishani, iDolobha LikaSawoti ne-Eni-gedi +—amadolobha ayisithupha nemizi engaphansi kwawo.
63 Kepha amadoda akwaJuda awakwazanga ukuwaxosha + amaJebusi + ayehlala eJerusalema, + ngakho amaJebusi asahlala nabantu bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.