uJobe
15 U-Elifazi + umThemani waphendula wathi:
2 “Ingabe umuntu ohlakaniphile uyophendula ngamazwi angathi shu,*
Noma ingabe uyogcwalisa isisu sakhe ngomoya wasempumalanga?
3 Ukusola ngamazwi nje akusizi ngalutho,
Nokukhuluma nje akuzuzisi.
4 Ngoba wena udelela ukwesaba uNkulunkulu,
Uvimba abanye ukuba bazindle ngoNkulunkulu.
7 Nguwe yini owaba umuntu wokuqala ukuzalwa,
Noma ingabe wazalwa ngaphambi kwamagquma?
8 Uyayilalela yini inkulumo kaNkulunkulu eyimfihlo,
Noma ingabe ukuhlakanipha ukugcina kuwe wedwa?
9 Yini oyaziyo esingayazi thina? +
Yini oyiqondayo esingayiqondi thina?
11 Ayanele yini induduzo kaNkulunkulu kuwe,
Noma amazwi akhulunywa ngobumnene kuwe?
12 Kungani inhliziyo yakho ikukhukhumeza,
Futhi kungani amehlo akho egcwele intukuthelo?
13 Ngoba wenza umoya wakho uvukele uNkulunkulu ngokwakhe,
Futhi uvumela amazwi anjalo ukuba aphume emlonyeni wakho.
16 Kangakanani-ke lapho umuntu engonengekayo futhi ekhohlakele, +
Umuntu ophuza ukungalungi njengokungathi uphuza amanzi nje!
17 Ngizokutshela; ngilalele!
Ngizokuxoxela engikubonile,
18 Lokho amadoda ahlakaniphile akulandisile kuvela koyise, +
Izinto abangazange bazifihle.
19 Izwe lanikwa bona kuphela,
Futhi akukho sihambi esadabula phakathi kwabo.
20 Umuntu omubi ubhekana nokuhlushwa zonke izinsuku zakhe,
Phakathi nayo yonke iminyaka egcinelwe umashiqela.
23 Uyazulazula efuna ukudla*—kukuphi?
Wazi kahle ukuthi usuku lobumnyama luseduze.
24 Ukucindezeleka nobuhlungu kulokhu kumesabisa kakhulu;
Kumehlula njengenkosi elungele ukuhlasela.
25 Ngoba welula isandla sakhe simelane noNkulunkulu
Futhi azame ukudelela* uMninimandla Onke;
26 Ngenkani uyaphuthuma ayomelana noNkulunkulu
Ngehawu lakhe eliwugqinsi;
27 Usibekela ubuso bakhe ngamafutha,
Nezinkalo zakhe zikhuluphele;
28 Uhlala emadolobheni azobhujiswa,
Ezindlini ezingeke zihlalwe muntu,
Ezizoba inqwaba yamatshe.
29 Ngeke acebe, nomcebo wakhe ngeke wande,
Nezinto zakhe ngeke zande ezweni.
30 Ngeke abubalekele ubumnyama;
Ihlumela* lakhe liyokomiswa yilangabi,
Uyopheshulwa umoya ophuma emlonyeni kaNkulunkulu. +
31 Akufanele aphambuke athembele ezintweni ezingasizi ngalutho,
Ngoba umvuzo awutholayo ngeke ube nanzuzo;
32 Kuyokwenzeka ngaphambi kosuku lwakhe,
Amagatsha akhe awasoze abe mahle. +
33 Uyoba njengesihlahla samagilebhisi esiwisa amagilebhisi angavuthiwe,
Nanjengesihlahla somnqumo esiwisa izimbali zaso.
34 Ngoba umhlangano wabangamesabi uNkulunkulu* awunazithelo, +
Futhi umlilo uyoqothula amatende okufumbathisa.
35 Bakhulelwa inkathazo, bazale okubi,
Isibeletho sabo sikhipha inkohliso.”