uJobe
16 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngizwe izinto eziningi ezifana nalezi ngaphambili.
Nonke ningabaduduzi abayinkathazo! +
3 Ayaphela yini amazwi angathi shu?*
Yini enenza niphendule kanje?
4 Nami bengingakhuluma njengani.
5 Kunalokho, bengiyoniqinisa ngamazwi omlomo wami,
Induduzo yezindebe zami ibiyonilethela impumuzo. +
6 Uma ngikhuluma, ubuhlungu bami abupheli, +
Uma ngiyeka ukukhuluma, izinhlungu zami zincipha kangakanani?
8 Uphinde ungibambe, futhi sekube ubufakazi,
Kangangokuba ukuzaca kwami kuyaphakama kufakaze ebusweni bami.
9 Intukuthelo yakhe ingidwengule ngaba izicucu, futhi ungifukamelela inzondo. +
Ungigedlela amazinyo.
Amehlo esitha sami athe njo kimi. +
10 Bawuvule kakhulu umlomo wabo ngokumelene nami, +
Bashaye izihlathi zami ngendelelo;
Bangihlasela beyibutho elikhulu. +
12 Bengingenazinkathazo, kodwa wangichoboza; +
Wangibamba ngentamo wangiphihliza;
Wangenza isisulu sakhe.
13 Abacibisheli bakhe bangihaqile; +
Uqhekeza izinso zami + angabi nabubele;
Uthululela inyongo yami emhlabathini.
14 Uyangibhodloza evula izimbobo ngezimbobo;
Ugijimela kimi njengeqhawe.
16 Ubuso bami bubomvu ngenxa yokukhala, +
Kunobumnyama obuzungeze amehlo ami,
17 Nakuba izandla zami zingenzanga bubi
Nomthandazo wami umsulwa.
18 O mhlaba, ungalimbozi igazi lami! +
Mangingathuliswa ekukhaleni kwami!
19 Ngisho kwamanje, ufakazi wami usemazulwini;
Ongangifakazela usezindaweni eziphakeme.