Genesise
23 USara waphila iminyaka engu-127; leyo kwakuyiminyaka eyaphilwa uSara. + 2 USara wafela eKiriyati-ariba, + okungukuthi, eHebroni, + ezweni laseKhanani, + u-Abrahama waqala ukumlilela nokumkhalela uSara. 3 U-Abrahama wabe esesukuma phambi komkakhe oshonile wayesethi emadodaneni kaHeti: + 4 “Ngingowakwelinye izwe futhi ngiyisifiki phakathi kwenu. + Nginikeni indawo ezoba indawo yokungcwaba phakathi kwenu ukuze ngingcwabe umkami.” 5 Amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama: 6 “Silalele, nkosi yami. Uyisikhulu sikaNkulunkulu* phakathi kwethu. + Ungamngcwaba umkakho endaweni ekhetheke kunazo zonke izindawo zethu zokungcwaba. Akekho noyedwa kithi ozokugodlela indawo yakhe yokungcwaba, akuvimbele ukuba ungcwabe umkakho.”
7 Ngakho u-Abrahama wasukuma waguqa wayesekhothama kubantu bakulelo zwe, emadodaneni kaHeti, + 8 wathi kubo: “Uma ningivumela ukuba ngithathe umkami ngiyomngcwaba, ngilaleleni nincenge u-Efroni indodana kaZohari 9 ukuba angidayisele umhume wakhe waseMakaphela; usemaphethelweni ensimu yakhe. Makangidayisele wona nikhona ngenani eliphelele lesiliva + ukuze ngibe nendawo yokungcwaba.” +
10 Manje u-Efroni wayehlezi namadodana kaHeti. Ngakho u-Efroni umHeti waphendula u-Abrahama kuzwa amadodana kaHeti naphambi kwabo bonke abangena esangweni ledolobha, + wathi: 11 “Cha, nkosi yami! Ngilalele. Ngikunika kokubili insimu nomhume okuyo. Ngikunika kona kukhona amadodana abantu bakithi. Ngcwaba umkakho.” 12 U-Abrahama waguqa wayesekhothama phambi kwabantu bakulelo zwe 13 wakhuluma no-Efroni kuzwa abantu, wathi: “Ngicela ungilalele. Ngizokunika inani eliphelele lesiliva wena unginike insimu. Lithathe, ukuze ngingcwabe umkami kuyo.”
14 Ngemva kwalokho u-Efroni wamphendula u-Abrahama: 15 “Nkosi yami, ngilalele. Le ndawo ibiza amashekeli* esiliva angu-400, kodwa lokho akubalulekile kangako. Ngakho ngcwaba umkakho.” 16 U-Abrahama wamlalela u-Efroni, u-Abrahama wakalela u-Efroni inani lesiliva ayelishilo kuzwa amadodana kaHeti, amashekeli* esiliva angu-400 ngokwesisindo esasamukelwa abathengisi. + 17 Ngakho insimu ka-Efroni eseMakaphela, eyayiphambi kwaseMamre—insimu nomhume okuyo nazo zonke izihlahla ezingaphakathi komngcele wensimu—kwaqinisekiswa 18 njengendawo ka-Abrahama ayithenge kukhona amadodana kaHeti, phambi kwabo bonke ababengena ngesango ledolobha. 19 Ngemva kwalokho u-Abrahama wamngcwaba umkakhe uSara emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kwaseMamre, okungukuthi, eHebroni, ezweni laseKhanani. 20 Ngakho insimu nomhume owawukuyo, amadodana kaHeti akudlulisela ku-Abrahama njengendawo yokungcwaba. +