Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 Korinte 10
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 Korinte Okuphakathi

      • UPawulu uvikela inkonzo yakhe (1-18)

        • Izikhali zethu akuzona ezenyama (4, 5)

2 Korinte 10:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 11:29, 30
  • +1Ko 2:3
  • +2Ko 10:10

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    INqabayokulinda,

    4/1/2003, k. 24

    8/1/1994, kk. 15-16

2 Korinte 10:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngokwenyama.”

2 Korinte 10:3

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    Ukubonisana, k. 310

2 Korinte 10:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:52; 1Ti 1:18, 19
  • +2Ko 6:4, 7

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    INqabayokulinda (Efundwayo),

    9/2016, k. 8

    INqabayokulinda,

    2/15/2010, kk. 12-13

    9/15/2009, k. 22

    10/1/1999, kk. 11-12

    2/1/1994, k. 12

    Ukubonisana, k. 310

2 Korinte 10:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 1:19, 20; 3:19, 20; 2Ti 2:24, 25

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    INqabayokulinda (Efundwayo),

    6/2019, kk. 8-13

    INqabayokulinda,

    8/15/2013, k. 27

    2/15/2010, kk. 12-13

    10/1/1999, kk. 11-12

    2/1/1994, k. 12

    2/1/1987, k. 13

    I-Phaphama!,

    6/8/1994, k. 21

2 Korinte 10:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ti 1:20

2 Korinte 10:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Heb 13:17

2 Korinte 10:10

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    INqabayokulinda,

    6/15/2000, k. 13

    11/15/1996, k. 13

2 Korinte 10:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “lokho esiyikho ngezwi.”

  • *

    NgesiGreki, “esiyoba yikho ngesenzo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 13:2

2 Korinte 10:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 5:12
  • +IzA 26:12; Gal 6:3

2 Korinte 10:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 9:15; Gal 2:8

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    INqabayokulinda,

    7/15/2008, k. 28

2 Korinte 10:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 3:10; 4:15

2 Korinte 10:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 9:24; 1Ko 1:31

Izikhombo

  • INcwadi Yokucwaninga

    I-Phaphama!,

    7/8/1999, kk. 20-21

2 Korinte 10:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 18:10-14
  • +1Ko 4:5; 2Ti 2:15

Ukulandisa Kwamanye AmaBhayibheli

Cofa inombolo yevesi ukuze ubone amavesi eBhayibheli anokulandisa okufanayo.

Okunye

2 Kor. 10:1Mat 11:29, 30
2 Kor. 10:11Ko 2:3
2 Kor. 10:12Ko 10:10
2 Kor. 10:4Mat 26:52; 1Ti 1:18, 19
2 Kor. 10:42Ko 6:4, 7
2 Kor. 10:51Ko 1:19, 20; 3:19, 20; 2Ti 2:24, 25
2 Kor. 10:61Ti 1:20
2 Kor. 10:8Heb 13:17
2 Kor. 10:112Ko 13:2
2 Kor. 10:122Ko 5:12
2 Kor. 10:12IzA 26:12; Gal 6:3
2 Kor. 10:13IzE 9:15; Gal 2:8
2 Kor. 10:141Ko 3:10; 4:15
2 Kor. 10:17Jer 9:24; 1Ko 1:31
2 Kor. 10:18Luk 18:10-14
2 Kor. 10:181Ko 4:5; 2Ti 2:15
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • Funda Kuleli Bhayibheli: INguqulo Yezwe Elisha (bi12)
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Korinte 10:1-18

Eyesibili KwabaseKorinte

10 Manje mina Pawulu, nginincenga ngobumnene nangomusa kaKristu, + nakuba ngiphansi lapho ngiphakathi kwenu sibhekene ubuso nobuso, + kodwa nginesibindi uma ngingekho nani. + 2 Nginethemba lokuthi lapho ngifika kini ngeke kudingeke ngibathathele izinyathelo eziqinile labo abacabanga ukuthi sihamba njengabantu baleli zwe.* 3 Ngoba nakuba sihamba enyameni, asilwi impi ngokwalokho esiyikho enyameni. 4 Ngoba izikhali zempi yethu azizona ezenyama, + kodwa ngoNkulunkulu zinamandla + okugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile. 5 Ngoba sigumbuqela imicabango kanye nayo yonke into ephakeme ephakanyiswe yamelana nolwazi ngoNkulunkulu, + futhi sithumba yonke imicabango ukuze siyenze ilalele uKristu; 6 sikulungele ukukhipha isijeziso ngakho konke ukungalaleli, + lapho nje nibonisa ukuthi nilalela ngokugcwele.

7 Nibheka izinto ngokubonakala kwazo kwangaphandle. Uma umuntu ezithemba yena ukuthi ungokaKristu, makaphinde acabange ngaleli qiniso: Njengoba nje engokaKristu, nathi singabakhe. 8 Ngisho noma ngingaziqhayisa kakhudlwana ngegunya iNkosi eyasinika lona lokuba sinakhe hhayi ukuba sinidilize, + ngeke ngihlazeke. 9 Ngoba angifuni kubonakale sengathi ngangizama ukunesabisa ngezincwadi zami. 10 Ngoba bathi: “Izincwadi zakhe zinesisindo futhi zinamandla, kodwa ukuba khona kwakhe ngokoqobo kubuthakathaka nokukhuluma kwakhe kudelelekile.” 11 Umuntu onjalo makacabange ngokuthi lokho esikushoyo* ngezincwadi uma singekho, yikho futhi esiyokwenza* uma sikhona. + 12 Ngoba asilokothi sizifake esigabeni sabathile noma siziqhathanise nabathile abazitusa bona. + Kodwa lapho bezikala ngabo ngokwabo futhi beziqhathanisa nabo ngokwabo, abanakho ukuqonda. +

13 Nokho, ngeke siziqhayise ngaphandle kwemingcele yethu esiyabelwe, kodwa phakathi komngcele wendawo uNkulunkulu asikalele yona, eyenza ifinyelele ngisho nakini. + 14 Ngempela, asenzi lutho ngaphandle kwemingcele esiyabelwe njengokungathi asizange sifike kini, ngoba sasingabokuqala ukuba sifike kini nezindaba ezinhle mayelana noKristu. + 15 Cha, asiziqhayisi ngaphandle kwemingcele yethu esiyabelwe ngomshikashika womunye umuntu, kodwa sinethemba lokuthi njengoba ukholo lwenu luqhubeka lwanda, lokho esikwenzile kungandiswa endaweni yethu. Khona-ke sizovama nakakhulu, 16 ukuze simemezele izindaba ezinhle emazweni angaphesheya kwenu, ukuze singaziqhayisi ngento esiyenziwe endaweni yomunye umuntu. 17 “Kodwa lowo oziqhayisayo, makaziqhayise ngoJehova.” *+ 18 Ngoba akuyena ozitusayo owamukelekayo, + kodwa yilowo otuswa uJehova. *+

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela