Genesise
17 Lapho u-Abrama eneminyaka engu-99 ubudala, uJehova wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uMninimandla Onke. Hamba phambi kwami ungabi naphutha.* 2 Ngizokwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe + futhi ngiyokwandisa kakhulu impela.” +
3 U-Abrama waguqa wayesekhothama, uNkulunkulu waqhubeka ekhuluma naye, ethi: 4 “Mina, isivumelwano sami ngisenze nawe, + nakanjani uyoba ubaba wezizwe eziningi. + 5 Igama lakho ngeke kusathiwa u-Abrama,* kodwa kuzothiwa u-Abrahama,* ngoba ngiyokwenza ubaba wezizwe eziningi. 6 Ngiyokunika inzalo eningi kakhulu, ngiyokwenza ube izizwe, futhi kuyophuma amakhosi kuwe. +
7 “Ngiyosigcina isivumelwano sami phakathi kwami nawe + nenzalo* yakho kuzo zonke izizukulwane zayo kube isivumelwano saphakade, ukuze ngibe uNkulunkulu kuwe nasenzalweni* yakho. 8 Wena nenzalo* yakho ngiyoninika izwe enanihlala kulo njengezifiki—lonke izwe laseKhanani +—libe elenu unomphela futhi ngiyoba uNkulunkulu wayo.” +
9 UNkulunkulu waphinde wathi ku-Abrahama: “Kodwa wena kumele ugcine isivumelwano sami, wena nenzalo* yakho kuzo zonke izizukulwane zayo. 10 Nasi isivumelwano sami phakathi kwami nani, eniyosigcina wena nenzalo* yakho: Wonke umuntu wesilisa kini kumele asokwe. + 11 Kumele nisokwe, futhi lokho kuyosebenza njengophawu lwesivumelwano phakathi kwami nani. + 12 Kuzo zonke izizukulwane zenu, wonke umuntu wesilisa kini onezinsuku ezingu-8 ubudala kumele asokwe, + noma ubani ozelwe endlini yakho nanoma ubani ongeyona inzalo* yakho futhi othengwe ngemali kumuntu oyisifiki. 13 Wonke amadoda azelwe endlini yakho nawo wonke amadoda athengwe ngemali yakho kumele asokwe, + isivumelwano sami enyameni yenu kumele sisebenze njengesivumelwano saphakade. 14 Uma noma imuphi owesilisa ongasokile engeke alisike ijwabu lakhe, lowo muntu* kumele anqunywe* kubantu bakubo. Uphule isivumelwano sami.”
15 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi* + umkakho, ungambizi ngokuthi uSarayi, ngoba igama lakhe sekuzoba uSara.* 16 Ngiyombusisa futhi ngikunike indodana ngaye; + ngiyombusisa futhi uyoba yizizwe; amakhosi ezizwe ayovela kuye.” 17 U-Abrahama waguqa wakhothama futhi wahleka wathi enhliziyweni yakhe: + “Ingabe indoda eneminyaka engu-100 ubudala izozalelwa umntwana, futhi ingabe uSara, owesifazane oneminyaka engu-90 ubudala, uzozala?” +
18 Ngakho u-Abrahama wathi kuNkulunkulu weqiniso: “O kwangathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho!” + 19 UNkulunkulu wabe esethi: “Umkakho uSara nakanjani uzokuzalela indodana futhi kumele uyiqambe ngokuthi u-Isaka.* + Ngiyokwenza naye isivumelwano sami sibe isivumelwano saphakade enzalweni* yakhe. + 20 Kodwa ngokuqondene no-Ishmayeli ngikuzwile. Bheka! Ngiyombusisa futhi ngimenze azale ande kakhulu impela. Uyoveza izikhulu ezingu-12 futhi ngiyomenza abe isizwe esikhulu. + 21 Nokho, ngizokwenza isivumelwano sami no-Isaka, + uSara azokuzalela yena ngalesi sikhathi esibekiwe ngonyaka ozayo.” +
22 Lapho uNkulunkulu eqeda ukukhuluma naye, wenyuka esuka ku-Abrahama. 23 U-Abrahama wabe esethatha u-Ishmayeli indodana yakhe nawo wonke amadoda azelwe endlini yakhe nawo wonke umuntu ayemthenge ngemali, bonke abesilisa bomndeni ka-Abrahama wabasika ijwabu ngalo kanye lolo suku, njengoba nje uNkulunkulu ayekhulume naye. + 24 U-Abrahama wayeneminyaka engu-99 ubudala lapho esokwa. + 25 U-Ishmayeli, indodana yakhe, wayeneminyaka engu-13 ubudala lapho esokwa. + 26 Ngalo kanye lolo suku, u-Abrahama wasokwa kanye nendodana yakhe u-Ishmayeli. 27 Wonke amadoda omndeni wakhe, noma ubani ozelwe endlini yakhe nanoma ubani othengwe ngemali kumuntu oyisifiki, wasokwa kanye naye.