Ihubo likaDavide.
15 O Jehova, ngubani ongaba yisimenywa etendeni lakho?
Ngubani ongahlala entabeni yakho engcwele? +
2 Yilowo ohamba ngobuqotho, +
Owenza okulungile +
Nokhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe. +
3 Akanyundeli ngolimi lwakhe, +
Akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, +
Akakhulumi kabi ngabangani bakhe. +
4 Noma ngubani onengekayo uyamala, +
Kodwa labo abesaba uJehova uyabadumisa.
Akasephuli isithembiso sakhe, ngisho noma sizomlimaza. +
5 Akabolekisi ngemali yakhe ukuze ibuye nenzalo, +
Akasithathi isifumbathiso ukuze alahle omsulwa. +
Noma ubani owenza lezi zinto akasoze antengantengiswa. +