Ihubo likaDavide, lapho esehlane lakwaJuda. +
63 O Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngilokhu ngikufuna. +
Ngiyakulangazelela. +
Ngiphelelwe amandla ngenxa yokukulangazelela
Ezweni elomile neliwugwadule, lapho kungenamanzi khona. +
2 Ngakho ngikubhekile endaweni engcwele;
Ngiwabonile amandla akho nenkazimulo yakho. +
3 Ngenxa yokuthi uthando lwakho oluqotho lungcono kunokuphila, +
Ngizokudumisa ngezindebe zami. +
4 Ngizokudumisa ukuphila kwami konke;
Ngizophakamisa izandla zami ngibize igama lakho.
5 Nganelisekile ngokudla okungcono nokwekhethelo,
Ngakho ngizokudumisa ngezwi eligcwele injabulo. +
6 Ngiyakukhumbula lapho ngisembhedeni wami;
Ngizindla ngawe phakathi nobusuku. +
7 Ngoba ungumsizi wami, +
Ngimemeza ngenjabulo emthunzini wamaphiko akho. +
8 Ngibambelele kuwe;
Isandla sakho sokudla singibambe sangiqinisa. +
9 Kodwa labo abafuna ukungibulala
Bayokwehlela egodini.
10 Bayobulawa ngenkemba;
Bayoba ukudla kwezimpungushe.
11 Kodwa inkosi iyojabula ngoNkulunkulu.
Wonke umuntu ofunga igama laKhe uyothokoza,
Ngoba umlomo walabo abanamanga uyovalwa.