Amaphuzu Avelele EBhayibheli AmaHubo 42 Kuya Ku-72
Lindela UJehova
Izinceku zikaJehova zingabhekana nokuvivinywa kokholo ngokubekezela ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyisiPhephelo sazo noMkhululi. Yeka ukuthi lokhu kuboniswe kahle kanjani eNcwadini yesiBili yamaHubo! Yebo, amaHubo 42 kuya ku-72 abonisa ukuthi singabekezela uma ngomthandazo silindela uJehova ukuba athathe isinyathelo ngenxa yethu.
‘Lindela UNkulunkulu’
Siza ufunde amaHubo 42 kuya ku-45. UmLevi odingisiwe udangele ngokuthi akanakuya endlini kaJehova, kodwa kuyamenelisa ‘ukulindela uNkulunkulu’ ukuba abe nguMkhululi wakhe. (AmaHubo 42, 43) Khona-ke kufika ukunxusa ngenxa yesizwe esisengozini, mhlawumbe kubhekisela ekuhlaseleni kweAsiriya uJuda osukwini lweNkosi uHezekiya. (IHubo 44) Ngokulandelayo, ingoma yomshado wasebukhosini ikhomba kuMesiya, uJesu Kristu.—IHubo 45.
◆ 42:1—Kukanjani umhubi ‘ayenjengendluzele ilangazelela amanzi’?
Ngenxa yesizathu esithile, lomLevi wayesekudingisweni. Ngakho wakukhumbula kakhulu ukukhulekela endlini kaJehova kangangokuba wazizwa efana nendluzele ezingelwayo, eyomile, noma inyamazane yensikazi enezimpondo ezimagatshagatsha, elangazelela amanzi ezweni eliwugwadule elingenamanzi. ‘Womela,’ noma walangazelela, uJehova nelungelo lokukhulekela uNkulunkulu endlini yaKhe.—Ivesi 2.
◆ 45:1—Iyini ‘indaba enhle’ eyashukumisa inhliziyo yomhubi?
Ingxenye yalelihubo iyasetshenziswa kuJesu Kristu. (IHubo 45:6, 7; Heberu 1:8, 9) Ngakho inhliziyo yomhubi yashukunyiswa okwakuzokwenzeka esikhathini esizayo—ukumiswa koMbuso wobuMesiya ngo-1914. OFakazi BakaJehova nabo bashukunyiselwa ukumemezela ‘lendaba enhle.’
Isifundo Esisitholayo: Okuhlangenwe nakho komhubi esekudingisweni kumelwe kusishukumisele ukuba sibonise ukwazisa okujulile ngokuhlanganyela esikujabulelayo manje nabantu bakaJehova. Uma ukuvalelwa ngenxa yoshushiso kusivimbela okwesikhashana ekubeni sibe nabo, singazindla ngezinjabulo ezidlule enkonzweni engcwele futhi sithandazele ukulubekezelela kuyilapho ‘silindele uNkulunkulu’ ukuba asibuyisele ekuhlanganyeleni okushukumayo nabakhulekeli bakhe.—IHubo 42:4, 5, 11; 43:3-5.
Isiphephelo Sethu Esinomusa
Funda amaHubo 46 kuya ku-51. UJehova, iSiphephelo sethu, uyophelisa izimpi. (IHubo 46) ‘UyiNkosi phezu komhlaba wonke,’ futhi loMvikeli ongehluleki unguNkulunkulu wethu phakade. (AmaHubo 47, 48) Abacindezelweyo kumelwe balindele uJehova, kodwa bonke labo ‘abanikela umnikelo wokubonga njengemihlatshelo yabo’ ‘bayakubona insindiso kuNkulunkulu.’ (AmaHubo 49, 50) Uma senza amaphutha kodwa siphenduka, njengoba kwenza uDavide ngesono sakhe noBati-Sheba, uNkulunkulu uyosikhulula ekubeni necala legazi ngoba ‘inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo akayikuyedelela.’—IHubo 51.
◆ 46:2—Kukanjani ‘umhlaba ungaguquka’?
Ngisho noma izintaba zidilikela olwandle ekuzamazameni komhlaba okungokwemvelo, labo abethembela kuNkulunkulu abayikwesaba. Kungakhathaliseki ukuthi yini eyenzekayo, bangaba nokuthembela okungenakunyakaziswa kuJehova njengeSiphephelo sabo.
◆ 51:5—Sono sini uDavide ayebhekisela kuso?
Wayengachazi ukuthi ubuhlobo bomshado, ukukhulelwa, nokuzala kuyisono; futhi wayengabhekiseli kunoma isiphi isono esithile sikanina. Kunalokho, wayeqaphela isimo sakhe esinesono njengefa elivela kuAdamu. (Jobe 14:4; Roma 5:12) UJehova akabonisanga uDavide umusa ngenxa yesivumelwano soMbuso kuphela kodwa futhi nangenxa yokuthi wayephenduka.—2 Samuweli 7:12-16.
Isifundo Esisitholayo: IHubo 46 lingafanelana nesikhathi lapho iJerusalema lalisongelwe amaAsiriya. Ngokwazi ukuthi ‘uNkulunkulu uyisiphephelo, ufunyaniswa ewusizo ngesikhathi sokuhlupheka,’ iNkosi uHezekiya yathandaza kuJehova, futhi umuzi wakhululwa ngokuyisimangaliso. (2 AmaKhosi, isahluko 19) Nathi, lapho sisekuhluphekeni simelwe senze uNkulunkulu isiphephelo sethu. Kanjani? Ngokwethembela kuye, sinamathela eZwini lakhe, futhi sinamathele enhlanganweni yakhe.
Ukukhululwa Kuqinisekisiwe
Funda amaHubo 52 kuya ku-57. UNkulunkulu uyosiphula umuntu omubi ‘ezweni labaphilayo’ ‘asakaze namathambo’ anoma ubani ophikisa abantu baKhe. (AmaHubo 52, 53) Lapho ezingelwa uSawule, uDavide wathembela ekukhululeni kwaphezulu, futhi njengesisulu sokukhohliswa, waphonsa umthwalo wakhe kuJehova. (AmaHubo 54, 55) Umhubi wayenelisekile ngokulindela uNkulunkulu ukuba aphelise ukuhlupheka.—AmaHubo 56, 57.
◆ 52:8—Kukanjani olungileyo enjengomuthi womnqumo?
Umuthi womnqumo ungafanekisela ukuthela, ubuhle, nesizotha. (Jeremiya 11:16; Hoseya 14:6) Kulelihubo, umklami omubi oyofika esiphethweni esibi uqhathaniswa nomuntu olungileyo ovikelekile nochumayo njengomuthi womnqumo othelayo.
◆ 54:1—Kungani uDavide athi, “Ngisindise ngegama lakho”?
Igama laphezulu alinawo amandla amangalisayo kodwa lingamelela uNkulunkulu ngokwakhe. Ngakho-ke, ngalokhu kunxusa, uDavide wavuma ukuthi uJehova uyakwazi ukusindisa abantu baKhe. (Eksodusi 6:1-8) Nakuba abaseZifi bembula eNkosini uSawule indawo uDavide ayekuyo, ukuhlasela kwamaFilisti uIsrayeli kwanqamula ukuzingela kukaSawule uDavide. (1 Samuweli 23:13-29; IHubo 54, umbhalo ongenhla Ngakho uJehova wamsindisa uDavide.
Isifundo Esisitholayo: Izitha zikaDavide zazimbe umgodi phambi kwakhe. (IHubo 57:6) Umgodi onjalo wokucupha umuntu wawuyobonisa izimo eziyingozi noma amacebo afaka izinceku zikaJehova engozini. Kodwa abaphikisi babantu bakaNkulunkulu bangacushwa ngamacebo abo siqu. Ngakho uma sincika kuJehova futhi sisebenzise isixwayiso, ukukhululwa kwethu kuqinisekisiwe.—IzAga 11:21; 26:27.
“Ukulinda Ngokuthula”
Funda amaHubo 58 kuya ku-64. Enokukhathalela ngokwahlulela ngokungalungi, uDavide wathandazela ukubuyiselwa kwaphezulu kwababi. (AmaHubo 58, 59) Lapho esongelwa ngokwehlulwa, wanxusela ukukhululwa futhi wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayeyonyathela izitha. (IHubo 60) UJehova kakade wayeye waba isiphephelo kuDavide; ngakho wayengalindela insindiso ngokuthula. (AmaHubo 61, 62) Ephoqelelwa ukuya ehlane, mhlawumbe ngesikhathi uAbisalomu ehlubukile, uDavide wathola ukwethaba ‘ethunzini lamaphiko kaNkulunkulu.’ (IHubo 63) Umhubi futhi wathandazela isivikelo ‘esixukwini sabenza okubi’ futhi wayeqiniseka ngokuthi olungileyo uthola isiphephelo kuJehova.—IHubo 64.
◆ 58:3-5—Kukanjani ababi benjengenyoka?
Izinkulumo zamanga, ezinyundelayo zababi zingonakalisa idumela elihle lesisulu, ngisho nanjengoba ubuthi benyoka bungabulala. (IHubo 140:3; Roma 3:13; Jakobe 3:8) Ngaphezu kwalokho, ababi ‘bayizithulu njengebululu elivimba indlela yalo,’ ngoba benqaba ukuzwa nokwamukela isiqondiso.
◆ 63:3—Kukanjani umusa kaNkulunkulu “umnandi kunokuphila”?
Ukuphila kokuzehlukanisa noNkulunkulu kuntula injongo yeqiniso. Kodwa uthando oluqotho lukaJehova olwaboniswa kuDavide lwanikeza injongo yangempela ekuphileni kwakhe. Ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu ngaso sonke isikhathi benza ukuphila kwezinceku zakhe ezamukelekayo kube nenjongo, buziqinisekisa ngosizo lwaphezulu nokuqondiswa, futhi buzenza zikwazi ukubheka phambili ekuphileni okujabulisayo kwaphakade.
Isifundo Esisitholayo: UDavide wayeneliswa ‘ukulindela ngokuthula’ uNkulunkulu ukuba athathe isinyathelo ngenxa yakhe. (IHubo 62:1-7) Esezithobile entandweni kaJehova, wazizwa elondekile futhi waba nokwethembela okuphelele kuNkulunkulu. Uma sinokwethembela okunjalo kuJehova, “ukuthula kukaNkulunkulu” kuyolondoloza izinhliziyo zethu nemicabango lapho silindela ukukhululwa kwaphezulu ezitheni nasosizini.—Filipi 4:6, 7; IHubo 33:20.
Dumisani UMkhululi Wethu
Funda amaHubo 65 kuya ku-72. UJehova udunyiswa njengoMthombo wezitshalo eziningi, izimvula ezinkulu, amadlelo avundile, nemfuyo eningi. (IHubo 65) Ukuhlabelela kumelwe kwenzelwe ‘inkazimulo yegama lakhe.’ (IHubo 66) Ufanele ukudunyiswa, futhi udunyiswa ‘njengoNkulunkulu wokukhulula.’ (AmaHubo 67, 68) Ukuhlupheka kukaMesiya kubikezelwe, futhi uJehova ukhazinyuliswa ‘njengoMlungiseleli wensizakalo’ lowo umhubi azolindela usizo lwakhe. (AmaHubo 69-71) Ukuthembela okunjalo kuyovuzwa, ngoba ukuchuma nokukhululwa komhlaba wonke ekucindezelekeni kuqinisekisiwe phakathi nokubusa okubusisiwe kukaMesiya.—IHubo 72.
◆ 68:11—Obani abenza “isixuku esikhulu” sabesifazane?
Ngemva kokuba uJehova esebenzise amadoda empi akwaIsrayeli ukunqoba isitha, abesifazane bakwaIsrayeli bamemezela izindaba ezinhle zokunqoba ngomculo, ngehubo nangokusina. (1 Samuweli 18:6, 7; qhathanisa noEksodusi 15:20, 21.) Elalela ‘amazwi,’ noma umyalo kaNkulunkulu, amadoda akwaIsrayeli alwa nezizwe eziyizitha zeZwe Lesithembiso futhi azinqoba. Lokhu kwanika abesifazane bakwaIsrayeli izindaba ezinhle zokuzimemezela ekugubheni imikhosi yokunqoba. Namuhla, abamemezeli besifazane bafeza indima ephawulekayo njengabamemezeli boMbuso ababika izindaba ezinhle eziphathelene ‘namazwi’ kaJehova, lawo ahlanganisa ukunikeza isixwayiso ezizweni sokuthi ngokushesha zizonqotshwa yiNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu.
◆ 69:23—Kungani uNkulunkulu acelwa ukuba atengezelise izinkalo zezitha?
Lapho izicubu ezinamandla ezinkalweni ziqiniswa, zinganikeza amandla amakhulu. Kodwa amandla ayaphela lapho izinkalo zixega, noma zitengezela mhlawumbe ngenxa yokwesaba. Kulokhu kunxusa kokukhululwa, uDavide wacela ukuba uNkulunkulu aphuce izitha zakhe amandla azo asetshenziswa kabi.
◆ 72:16—Lenala ibonisani?
‘Ukuthela njengeLebanoni’ kungabonisa ukolweni okhula ngokusondelana futhi ube mude kangangokuthi wawufana nezixhobo zemithi ephakeme, eluhlaza yaseLebanoni. Mhlawumbe ukuhluma emhlabathini phezulu esiqongweni sezintaba, iziqu ezinde nezinkulu ezisekela izinhloko ezisindayo zikakolweni zingaqhathaniswa nemisedari ekhulile nephakeme yaseLebanoni. Lokhu kubhekisela esivunweni esikhulu ngokungavamile ngesikhathi sokubusa kukaMesiya. Futhi iqiniso lokuthi labo ‘abavela emizini bayakukhahlela njengotshani’ likhomba ukuthi abayobuswa uJesu emhlabeni bayoba baningi impela.
Isifundo Esisitholayo: Umhubi wathandaza: “Ngokuba uye wangibonisa usizi nokuhlupheka okuningi, [Jehova] kwangathi ungabuye ungiphilise.” (IHubo 71:20, NW) Nakuba uNkulunkulu engabubangeli ubunzima obunjalo, uyasivumela ukuba sivivinywe futhi sinikeze impendulo kuMsoli wakhe uDeveli. (Jakobe 1:13; IzAga 27:11) UJehova akasiyekeleli ukuba silingwe ngokungaphezu kwalokho esinokukuthwala futhi angasisiza ukuba sidlule ezilingweni sinokholo oluqinile. (1 Korinte 10:13; 1 Petru 1:6, 7) AmaKristu agcotshiwe abona “usizi nokuhlupheka okuningi” lapho eshushiswa emvuthwadaba weMpi Yezwe I. Kodwa uJehova ‘wabuye wawaphilisa’ ngo-1919, futhi aqhubeka enkonzweni yoMbuso, kamuva “isixuku esikhulu” sahlanganyela nawo. (IsAmbulo 7:9) Ngenxa yomphumela onjalo, ngempela udumo kumelwe luye kuMkhululi oMkhulu.
Ukholo ludingekile ukuze silindele uNkulunkulu athathe isinyathelo ngenxa yethu. Kungase kufanele silinde ngokuthula ngoba asinakwenza lutho ukuze sishintshe izimo zethu ezinzima. Nokho, siyokwazi ukubekezela, njengoba kwenza abahubi, uma saneliswa ukulindela uJehova.