Eyesibili KaSamuweli
15 Ngemva kwazo zonke lezi zinto, u-Absalomu wazitholela inqola namahhashi kanye namadoda angu-50 azogijima phambi kwakhe. + 2 U-Absalomu wayevuka kusesekuseni ame eceleni komgwaqo oya esangweni ledolobha. + Noma nini lapho kunomuntu onecala okumele liyoqulwa enkosini, + u-Absalomu wayembiza athi: “Uvela kuliphi idolobha?” yena athi: “Inceku yakho ivela kwesinye sezizwe zakwa-Israyeli.” 3 U-Absalomu wayethi kuye: “Uyazi ukhuluma iqiniso, kodwa akukho muntu enkosini ozolalela udaba lwakho.” 4 U-Absalomu wayeqhubeka athi: “Ukube nje bengimiswe njengomahluleli ezweni! Wonke umuntu onecala noma onempikiswano nothile ubeyoza kimi, mina bengiyoqiniseka ukuthi uyabuthola ubulungisa.”
5 Kwakuthi lapho umuntu esondela kuye ukuze amkhothamele, u-Absalomu elule isandla sakhe ambambe amqabule. + 6 U-Absalomu wayenza kanjalo kuwo wonke ama-Israyeli ayefika enkosini ezofuna isahlulelo; ngakho u-Absalomu waqhubeka ezeba izinhliziyo zamadoda akwa-Israyeli. +
7 Ekupheleni kweminyaka emine,* u-Absalomu wathi enkosini: “Ngicela ungivumele ngiye eHebroni + ngiyofeza isifungo engasenza kuJehova. 8 Ngoba inceku yakho yenza lesi sifungo esibalulekile + ngesikhathi ngihlala eGeshuri + eSiriya: ‘Uma uJehova eyongibuyisela eJerusalema, ngiyokwenza umnikelo* kuJehova.’ ” 9 Ngakho inkosi yathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Ngakho wasuka waya eHebroni.
10 U-Absalomu wathumela izinhloli kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, wathi: “Lapho nje nizwa umsindo wophondo, nimemezele nithi, ‘U-Absalomu useyinkosi eHebroni!’ ” + 11 Manje amadoda angu-200 aseJerusalema ayehambe no-Absalomu aya lapho; ayebiziwe futhi engasoli lutho, engazi ukuthi kwakwenzekani. 12 Ngaphezu kwalokho, lapho enikela imihlatshelo, u-Absalomu wathumela ukuba kuyobizwa u-Ahithofeli + waseGilo umeluleki kaDavide, + edolobheni lakubo eGilo. + Uzungu lwaluya luqina, nenani labantu abasekela u-Absalomu lalanda. +
13 Ngemva kwesikhathi kwafika umuntu kuDavide ezobika, wathi: “Izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli sezilandela u-Absalomu.” 14 Ngaso leso sikhathi uDavide wathi kuzo zonke izinceku zakhe ezazinaye eJerusalema: “Sukumani sibaleke, + ngoba akekho noyedwa kithi ozophunyuka ku-Absalomu! Sheshani, ngoba angase asheshe asifice bese esilethela inhlekelele, ahlasele leli dolobha ngenkemba!” + 15 Izinceku zenkosi zaphendula zathi enkosini: “Noma yini inkosi yami eyinqumayo, izinceku zakho zizimisele ukuyenza.” + 16 Ngakho inkosi yaphuma ilandelwa yiyo yonke indlu yayo, kodwa inkosi yashiya izancinza eziyishumi + ukuba zinakekele indlu.* 17 Inkosi yaqhubeka nendlela yayo bonke abantu beyilandela, bafike bama eBheti-merihaki.
18 Zonke izinceku zayo ezazihamba nayo* nawo wonke amaKhereti, amaPheleti + namaGiti, + amadoda angu-600 ayeyilandele esuka eGati, + babedlula njengoba inkosi ibahlola.* 19 Inkosi yase ithi ku-Ithayi + umGiti: “Kungani nawe kufanele uhambe nathi? Buyela emuva uyohlala nenkosi entsha, ngoba ungowesinye isizwe futhi udingisiwe endaweni yakini. 20 Ufike zolo lokhu, ngakho ngingakuvumela kanjani ukuba uhambe nami ngingazi nokuthi ngiyaphi! Thatha abafowenu nibuyele emuva, kwangathi uJehova angakubonisa uthando oluqotho nokwethembeka!” + 21 Kodwa u-Ithayi wayiphendula inkosi wathi: “Ngifunga uJehova futhi ngiyafunga nakuwe nkosi, noma ngabe inkosi yami ikuphi, kungaba ngenjongo yokuba ife noma ukuba iphile, yilapho inceku yakho iyoba khona!” + 22 Ngakho uDavide wathi ku-Ithayi: + “Hamba udlulele phambili.” Ngakho u-Ithayi umGiti wadlulela phambili, nawo wonke amadoda ayekanye naye nezingane.
23 Bonke abantu bakuleyo ndawo babekhala ngezwi elikhulu, kuyilapho bonke laba abanye bewela, inkosi yayimi eSigodini SaseKidroni; + bonke abantu babewelela emgwaqweni oya ehlane. 24 UZadoki + naye wayelapho kanye nawo wonke amaLevi + ayethwele umphongolo + wesivumelwano sikaNkulunkulu weqiniso; + ase ewubeka phansi uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso; u-Abhiyathara + naye wayelapho ngesikhathi bonke abantu besawela besuka edolobheni. 25 Kodwa inkosi yathi kuZadoki: “Thatha uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso uwubuyisele edolobheni. + Uma ngithole umusa emehlweni kaJehova, nami uzongibuyisela emuva angivumele ngiwubone, ngibone nendawo yawo yokuhlala. + 26 Kodwa uma engathi, ‘Angijabuli ngawe,’ makenze kimi noma yini ebonakala ilungile emehlweni akhe.” 27 Inkosi yathi kuZadoki umpristi: “Ungumboni, angithi? + Buyela edolobheni ngokuthula, thathani amadodana enu amabili nihambe nawo, u-Ahimahazi indodana yakho noJonathani + indodana ka-Abhiyathara. 28 Mina ngizolinda emazibukweni angasehlane kuze kufike umbiko ovela kini wokungazisa.” + 29 Ngakho uZadoki no-Abhiyathara bawubuyisela eJerusalema uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso, base behlala khona.
30 Njengoba uDavide ayenyuka eNtabeni* Yeminqumo, + wayekhala njengoba enyuka; ikhanda lakhe lalimboziwe, ehamba engafake lutho ezinyaweni. Bonke abantu ababenaye nabo bamboza amakhanda abo, benyuka bekhala. 31 UDavide wabikelwa, kwathiwa: “U-Ahithofeli uphakathi kwalabo abakha uzungu + no-Absalomu.” + Lapho ezwa lokho uDavide wathi: “O Jehova, + ngicela uguqule iseluleko sika-Ahithofeli sibe ubuwula!” +
32 Lapho uDavide efika esiqongweni endaweni abantu ababevame ukukhothamela kuyo uNkulunkulu, uHushayi + umArikhi + wayelapho ezomhlangabeza, ingubo yakhe iklebhukile, enenhlabathi ekhanda. 33 Nokho, uDavide wathi kuye: “Uma uwela kanye nami, uzoba umthwalo kimi. 34 Kodwa uma ubuyela edolobheni bese uthi ku-Absalomu, ‘Ngiyinceku yakho, Nkosi. Ngangiyinceku kayihlo ekuqaleni, kodwa manje sengiyinceku yakho,’ + khona-ke ungangisiza ubhuntshise iseluleko sika-Ahithofeli. + 35 Angithi uZadoki no-Abhiyathara abapristi bazobe benawe lapho? Yonke into oyizwayo endlini yenkosi kumele uyitshele uZadoki no-Abhiyathara abapristi. + 36 Amadodana abo amabili, u-Ahimahazi + indodana kaZadoki noJonathani + indodana ka-Abhiyathara alapho kanye nabo, kufanele nithumele wona azongitshela konke enikuzwayo.” 37 Ngakho uHushayi, umngani kaDavide, + waya edolobheni wafika ngesikhathi u-Absalomu engena eJerusalema.