Eyokuqala KwabaseKorinte
13 Uma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi kodwa ngingenalo uthando, ngiyobe ngiyinsimbi yethusi enomsindo noma insimbi ekhencezayo. 2 Uma nginesiphiwo sokuprofetha futhi ngiziqonda zonke izimfihlo ezingcwele nalo lonke ulwazi, + uma nginalo lonke ukholo ukuze ngigudluze* izintaba, kodwa ngingenalo uthando, angilutho. *+ 3 Uma nginikela ngakho konke enginakho ukuze kondliwe abanye, + uma nginikela ngomzimba wami ukuze ngiziqhayise, kodwa ngingenalo uthando, + angizuzi lutho nhlobo.
4 Uthando + luyabekezela + futhi lunomusa. + Uthando alunamona. + Aluzigabisi, aluzikhukhumezi, + 5 aluziphathi ngokuhlazisayo, *+ aluzifuneli izinzuzo zalo, + alucasuki. + Alunamagqubu. + 6 Alujabuli ngokungalungi, + kodwa lujabulela iqiniso. 7 Lubekezelela zonke izinto, + lukholelwa yizo zonke izinto, + luthemba zonke izinto, + lukhuthazelela zonke izinto. +
8 Uthando alusoze lwaphela nanini. Kodwa uma kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; uma kukhona izilimi,* ziyophela; uma kukhona ulwazi, luyoqedwa. 9 Ngoba sinolwazi oluyingxenye + futhi siprofetha ingxenye, 10 kodwa lapho lokho okuphelele kufika, lokho okuyingxenye kuyophela. 11 Ngesikhathi ngiseyingane, ngangikhuluma njengengane, ngicabanga njengengane, ngisebenzisa ingqondo njengengane; kodwa njengoba sengiyindoda, sengizilahlile izici zobungane. 12 Ngoba manje sibona kalufifi* ngesibuko sensimbi, kodwa ngaleso sikhathi kuyoba ubuso nobuso. Okwamanje ngazi ingxenye, kodwa ngaleso sikhathi ngiyokwazi ngokunembile,* njengoba nje nami ngaziwa ngokunembile. 13 Nokho, manje kusele lokhu okuthathu: ukholo, ithemba, uthando; kodwa okukhulu kunakho konke kulezi zinto uthando. +