U-Isaya
48 O wena ndlu kaJakobe, yizwa lokhu,
Nina enizibiza ngegama lika-Israyeli +
Enivela emanzini kaJuda,*
Nina enifunga ngegama likaJehova +
Enibiza igama likaNkulunkulu ka-Israyeli,
Kodwa hhayi ngeqiniso nangokulunga. +
2 Ngoba bazibiza ngegama ledolobha elingcwele +
Bafuna usizo kuNkulunkulu ka-Israyeli, +
OnguJehova wamabutho igama lakhe.
3 “Ngakutshela kudala ngezinto zesikhathi esidlule.*
Ngazisho ngomlomo wami,
Ngazenza zaziwa. +
Kungazelelwe ngathatha isinyathelo, zenzeka. +
4 Ngoba ngangazi ukuthi unenkani kangakanani
—Ukuthi umsipha wentamo yakho uyinsimbi nesiphongo sakho siyithusi +—
5 Ngakutshela kudala.
Ngaphambi kokuba kwenzeke, ngabangela ukuba ukuzwe,
Ukuze ungasho ukuthi, ‘Kwenziwe yisithixo sami;
Kuyalwe yisithombe sami esibaziwe nesithombe sami sensimbi.’*
6 Ukuzwile wakubona konke lokhu.
Kusukela manje ngimemezela izinto ezintsha kuwe, +
Izimfihlo ezigciniwe obungazazi.
7 Yima zidalwa, azidalwanga kudala,
Izinto obungakazizwa ngaphambi kwanamuhla,
Ukuze ungasho ukuthi, ‘Bheka! Bengivele ngizazi.’
9 Kodwa ngenxa yegama lami ngizoyibamba intukuthelo yami; +
Ngenxa yodumo lwami ngizozibamba,
Ngeke ngikubhubhise. +
10 Bheka! Ngikucwengile kodwa hhayi njengesiliva. +
Ngikuvivinyile* esithandweni sokuncibilikisa, okuwukuthi ukuhlupheka. +
11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngizothatha isinyathelo, +
Ngoba ngingavuma kanjani ukuba ngingcoliswe? +
Anginiki muntu inkazimulo yami.*
12 O Jakobe, ngilalele, nawe Israyeli engikubizile.
Ngingofanayo. + Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. +
Lapho ngiwabiza, ama ndawonye.
14 Qoqanani ndawonye nonke, nilalele.
Ngubani phakathi kwabo omemezele lezi zinto?
UJehova umthandile. +
15 Mina ngikhulumile, ngimbizile. +
Ngimlethile, indlela yakhe iyophumelela. +
16 Sondelani kimi nizwe lokhu.
Kusukela ekuqaleni angizange ngikhulume endaweni efihlekile. +
Kusukela esikhathini okwenzeka ngaso ngangikhona.”
Manje iNkosi EnguMbusi uJehova ingithumile kanye nomoya wayo.
17 Yilokhu uJehova akushoyo, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli: +
“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho,
Lowo okufundisayo ukuze uzuze, *+
Lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo. +
18 Ukube nje ubuyoyilalela imiyalo yami! +
Ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula +
Nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle ahlale egubha. +
Igama layo belingeke linqunywe noma libhuqwe phambi kwami.”
Balekani nisuke kumaKhaledi!
Kumemezeleni ngenjabulo! Kumemezeleni! +
Yenzani ukuba kwaziwe emikhawulweni yomhlaba. +
Thanini: “UJehova uyihlengile inceku yakhe uJakobe. +
21 Abomanga lapho ebahola ezindaweni ezibhuqiwe. +
Wabangela ukuba kugeleze amanzi edwaleni ukuze baphuze;
Waqhekeza idwala wenza ukuba kugobhoze amanzi.” +