uJobe
1 Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uze, igama lakhe kunguJobe. *+ Wayeqotho; *+ emesaba uNkulunkulu futhi ekugwema okubi. + 2 Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. 3 Imfuyo yakhe yayiyizimvu ezingu-7 000, amakamela angu-3 000, izinkomo ezingu-1 000* nezimbongolo* ezingu-500 kanye nezinceku eziningi kakhulu; waba mkhulu kunabo bonke abantu baseMpumalanga.
4 Indodana ngayinye yayenza idili endlini yayo ngosuku lwayo.* La madodana ayemema odadewabo abathathu ukuba bazodla baphuze nawo. 5 Lapho izinsuku zamadili seziphelile, uJobe wayethumela ukuba ayobizwa ukuze awangcwelise. Wayevuka ekuseni kakhulu anikelele indodana ngayinye umhlatshelo oshiswayo. + Ngoba uJobe wayethi: “Mhlawumbe amadodana ami onile athuka noNkulunkulu enhliziyweni yawo.” Yilokho uJobe ayekwenza ngaso sonke isikhathi. +
6 Kwafika usuku lokuba amadodana kaNkulunkulu weqiniso *+ angene ukuze ame phambi kukaJehova, + noSathane + wangena kanye nawo. +
7 UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi?” USathane waphendula uJehova wathi: “Bengizulazula emhlabeni ngihambahamba kuwo.” + 8 UJehova wathi kuSathane: “Ingabe uyiqaphelile* inceku yami uJobe? Akekho ofana nayo emhlabeni. Iqotho, *+ yesaba uNkulunkulu futhi iyakugwema okubi.” 9 USathane waphendula uJehova wathi: “Ukube uJobe akatholanga lutho, ubezomesaba yini uNkulunkulu? + 10 Awuzange yini umbiyele + yena nendlu yakhe nakho konke anakho? Uwubusisile umsebenzi wezandla zakhe + nemfuyo yakhe yande kakhulu ezweni. 11 Kodwa manje ake welule isandla sakho, uthathe konke anakho, nakanjani uzokuthuka ebusweni bakho.” 12 UJehova wabe esethi kuSathane: “Bheka! Konke anakho kusesandleni sakho.* Kuphela nje ungeluleli isandla sakho kuye!” Ngakho uSathane wasuka phambi* kukaJehova. +
13 Ngolunye usuku lapho amadodana namadodakazi kaJobe edla futhi ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo, + 14 kwafika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkomo bezilima nezimbongolo ziklabile eceleni kwazo 15 lapho amaSabheya ehlasela futhi ezithatha, abulala nezinceku ngenkemba. Yimina kuphela engiphunyukile ukuze ngikubikele.”
16 Ngesikhathi lesi sithunywa sisakhuluma, kwafika esinye sathi: “Kwehle umlilo* kaNkulunkulu uvela emazulwini wavutha phakathi kwezimvu nezinceku wazishwabadela! Yimina kuphela engiphunyukile ukuze ngikubikele.”
17 Sisakhuluma leso, kwafika esinye sathi: “AmaKhaledi + enze amaviyo amathathu, ahlasela amakamela awathatha, abulala nezinceku ngenkemba. Yimina kuphela engiphunyukile ukuze ngikubikele.”
18 Sisakhuluma naleso, kwafika nesinye sathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ebedla futhi ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo. 19 Kungazelelwe kufike umoya omkhulu uvela ehlane, washaya amakhona amane endlu, yawela phezu kwalaba bantu abasebasha bafa. Yimina kuphela engiphunyukile ukuze ngikubikele.”
20 Lapho uJobe ezwa lokho, wasukuma, waklebhula ingubo yakhe, wagunda izinwele zakhe; ngemva kwalokho wawela emhlabathini wakhothama 21 wathi:
“Ngaphuma ngihamba-ze esibelethweni sikamama,
Futhi ngizobuyela khona ngihamba-ze. +
UJehova uphile, + uJehova uthathile.
Maliqhubeke lidunyiswa igama likaJehova.”
22 Kukho konke lokhu, uJobe akazange one noma asole uNkulunkulu ngokuthi kukhona okungalungile akwenzile.*