KuThithu
3 Qhubeka ubakhumbuza ukuba bazithobe futhi balalele ohulumeni neziphathimandla, + ukuba balungele yonke imisebenzi emihle, 2 bangakhulumi kabi ngamuntu, bangathandi izingxabano, kodwa babe abalinganiselayo, + bebonisa bonke ubumnene kubantu bonke. + 3 Ngoba nathi sake saba abangenangqondo, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezifiso ezihlukahlukene nezenjabulo, siqhubeka ebubini nasemoneni, singabenyanyekayo, sizondana.
4 Nokho, lapho umusa woMsindisi wethu, uNkulunkulu, + nothando analo ngabantu kubonakaliswa 5 (hhayi ngenxa yanoma yimiphi imisebenzi yokulunga esasiyenzile, + kodwa ngenxa yesihe sakhe), + wasisindisa ngokusigeza okwasiletha ekuphileni + nangokusenza basha ngomoya ongcwele. + 6 Wathululela lo moya phezu kwethu ngokucebile* ngoJesu Kristu uMsindisi wethu, + 7 ukuze ngemva kokuba sekuthiwe silungile ngenxa yomusa wakhe omkhulu, + sibe izindlalifa + ezinethemba lokuphila okuphakade. +
8 La mazwi athembekile, futhi ngifuna uqhubeke uzigcizelela lezi zinto, ukuze labo asebeye bakholwa kuNkulunkulu bagcine izingqondo zabo zigxile ekwenzeni imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi ziyabazuzisa abantu.
9 Kodwa ungazifaki ezimpikiswaneni eziwubuwula neziphathelene nezinhlu zozalo, nasekuxabaneni nokulwisana ngoMthetho, ngoba akuzuzisi futhi kuyize. + 10 Male + umuntu osakaza imfundiso engamanga + ngemva kokumeluleka* okokuqala nokwesibili, + 11 wazi ukuthi umuntu onjalo uphambukile endleleni futhi uyona, ezilahla yena.
12 Lapho ngithumela u-Arethema noma uThikhiku + kuwe, yenza konke okusemandleni akho ukuba uze kimi eNikopholi, ngoba nginqume ukubuchitha khona ubusika. 13 Qikelela ukuthi unikeza uZena, onolwazi ngoMthetho, no-Apholo abakudingayo ukuze bangasweli lutho ohambweni lwabo. + 14 Kodwa abafowethu mabafunde ukuqhubeka benza imisebenzi emihle ukuze basize lapho kunezidingo eziphuthumayo, + ukuze bangabi abangatheli. *+
15 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Ungikhonzele kulabo abasithandayo okholweni.
Kwangathi umusa omkhulu ungaba nani nonke.