Ukususa Ekuhlanganyeleni—Indlela Okumelwe Kubhekwe Ngayo
“Jehova, . . . ngubani oyokwakha entabeni yakho engcwele na? Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga.”—IHu. 15:1, 2.
1, 2. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ulindele abakhulekeli bakhe ukuba banamathele ezindinganisweni zakhe?
UJEHOVA ulungile futhi ungcwele. Nakuba enomusa futhi ekuqondisisa ukungapheleli kwabantu, ulindele labo abamkhulekelayo ukuba babonakalise ubungcwele bakhe ngokuzama ukunamathela ezindinganisweni zakhe zokulunga.”—IHu. 103:8-14; Num. 15:40.
2 UmIsrayeli owayephula ngamabomu imiyalo kaNkulunkulu, njengaleyo emelene nokuhlubuka, ukuphinga noma ukubulala kwakumelwe anqunywe, abulawe. (Num. 15:30, 31; 35:31; Dut. 13:1-5; Lev. 20:10) Lokhukuqina ekunamatheleni ezindinganisweni zikaNkulunkulu ezinengqondo nezifanelekile kwakuzuzisa wonke amaIsrayeli, ngoba kwasiza ekulondolozeni ukuhlanzeka kwebandla. Futhi kwawasiza ekunqandeni noma ubani ukuba angandisi ukonakala phakathi kwabantu ababenegama likaNkulunkulu.
3. Sasiyini isimo somJuda owayexoshiwe esinagogeni?
3 Eminyakeni yekhulu lokuqala C.E. amaJuda ngaphansi kokubusa kwamaRoma ayengenalo igunya lokukhipha isijeziso sokubulala. (Joh. 18:28-31) Kodwa umJuda onecala lokwephula uMthetho wayengaxoshwa esinagogeni. Umphumela walesijeziso esibuhlungu wawungukuthi amanye amaJuda ayeyomgwema noma amxwaye umuntu oxoshiwe. Kuthiwa amanye ayengasoze axhumane ngisho nangentengiselwano nalowo ngaphandle nje kokumthengisela izinto ezidingekayo zokuphila.a—Joh. 9:22; 12:42; 16:2.
4, 5. Ibandla lobuKristu kwakumelwe lisiphathe kanjani isoni esingaphenduki?
4 Ngemva kokubunjwa kwebandla lobuKristu, langena esikhundleni sesizwe samaJuda ngokuba negama likaNkulunkulu kulona. (Math. 21:43; IzE. 15:14) Ngokuvumelana nalokho, amaKristu ngokufanelekile ayengalindelwa ukuba aphakamise ukulunga kukaJehova. Umphostoli uPetru wabhala: “Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe-ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Manibe-ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.” (1 Pet. 1:14-16) UJehova uyabathanda abantu bakhe futhi ufuna ukuvikela ukuhlanzeka kwebandla lobuKristu. Ngakho wamisa ilungiselelo lokwenqaba noma ukuxosha umuntu ophikelela enkambweni ehlambalaza uNkulunkulu nefaka ibandla engozini.
5 Umphostoli uPawulu weluleka: “Umuntu onezimfundiso ezidukisayo, eselulekwé kanye nakabili male, wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.” (Thithu 3:10, 11) Yebo, abadala abangokomoya, njengoba uThithu wayenjalo, okokuqala ngothando bazama ukusiza owonile. Uma engasabeli osizweni lwabo futhi aphikelele enkambweni yo‘kona,’ banalo igunya lokubumba ikomiti yabadala ukuze ‘yahlulele abangaphakathi [amalungu kanye nabo, Today’s English Version].’ (1 Kor. 5:12) Uthando ngoNkulunkulu nokuhlanzeka kwabantu bakhe kufuna ukuba labo “abakanye nabo,” ibandla, bamale umuntu onjalo.
6. Kungani kwakulungile futhi kufanelekile ukuxosha izoni ezingaphenduki?
6 Ekhulwini lokuqala izoni ezinjalo zaba-khona oHimenewu noAleksandru babayilolohlobo, abantu aba“felwa umkhumbi wokukholwa.” UPawulu wathi: “Engibanikele kuSathane ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.” (1 Thim. 1:19, 20) Ukususa lawomadoda amabili kwakuyisijeziso esibuhlungu, noma isiyalo, isijeziso esasingase siwafundise ukuba angahlambalazi uNkulunkulu ongcwele nophilayo. (Qhathanisa noLuka 23:16, lapho okusetshenziswe khona izwi elingokwesisekelo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuyala.”) Kwakufanelekile ngalabahlambalazi ukuba banikelwe egunyeni likaSathane, balahlelwe ebumnyameni bezwe elingaphansi kwethonya likaSathane.—2 Kor. 4:4; Efe. 4:17-19; 1 Joh. 5:19; qhathanisa nezEnzo 26:18.
INDLELA OKUMELWE BAPHATHWE NGAYO ABASUSIWE EKUHLANGANYELENI
7, 8. Singanquma kanjani ukuthi ukuziphatha kwethu kumelwe kube njani kumuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?
7 Nokho, imibuzo ethile iyaphakama ngendlela okumelwe siphathe ngayo owayeyilungu lebandla osusiwe. Ngokubongekayo, uNkulunkulu eZwini lakhe uye walungiselela izimpendulo neziqondiso esingaqiniseka ukuthi ziphelele, zilungile futhi zifanelekile.—Jer. 17:10; Dut. 32:4.
8 Kwesinye isehlakalo umuntu ebandleni lobuKristu wayeziphatha kabi futhi kunokwenzeka wayengaphenduki. UPawulu wabhala ukuthi lomuntu ‘akhishwe phakathi kwabo,’ ngoba wayefana nemvubelo encane eyayingase ibile, noma yonakalise inhlama yonke. (1 Kor. 5:1, 2, 6) Kodwa, uma eke wasuswa, kwakumelwe yini aphathwe njengomuntu wezwe ovamile amaKristu angase ahlangane naye emphakathini noma ekuphileni kwansuku zonke? Qaphela lokho uPawulu akusho.
9. Siyini iseluleko sikaPawulu ngokuphathelene nokusebenzelana nabantu abangalungile ngokuvamile?
9 “Nganilobela encwadini yami ukuba ningahlangani nezifebe, angisho izifebe zalomhlaba, nokuba abahahayo nabaphangi, nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni.” (1 Kor. 5:9, 10) Ngalamazwi uPawulu ngokunengqondo wayevuma ukuthi abantu abaningi esithintana nabo ezindabeni zansuku zonke abakaze bamazi uNkulunkulu noma balandela izindlela zakhe. Kungenzeka bayizihlobongi, abahahayo noma abakhonza izithombe, ngakho-ke ababona abantu amaKristu angabakhetha njengabangane abaseduze, abavamile. Futhi, sikulomhlaba phakathi kwesintu, futhi singase siphoqeleleke ukuba sibe phakathi kwabantu abanjalo sixoxe nabo emsebenzini, esikoleni, nakomakhelwane.
10, 11. Kungani amaKristu eziphatha ngokwehlukile kumuntu owonayo osusiwe ekuhlanganyeleni?
10 Evesini elilandelayo uPawulu uqhathanisa lesimo nendlela amaKristu okufanele aziphathe ngayo kulowo owayengu“mzalwane” ongumKristu kodwa oye wasuswa ebandleni ngenxa yokona: “Kepha manje nganilobela ukuba ningahlangani [“ningadlelani,” NW; “ningenzi-buhlobo,” TEV] nomuntu obizwa ngokuthi umzalwane uma eyisifebe, noma engohahayo, noma engokhonza izithombe, noma eyisithuki, noma eyisidakwa, noma engumphangi, ningaze nadla nokudla nonjalo.”—1 Kor. 5:11.
11 Umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni akayena nje umuntu wezwe owayengamazi uNkulunkulu noma owayengakaze alandele indlela yokuphila yokwesaba uNkulunkulu. Kunalokho, wayeyazi indlela yeqiniso nokulunga, kodwa uye wayishiya leyondlela futhi ngokungaphenduki waphikelela esonweni kwaze kwaba seqophelweni lokuba kufuneke asuswe. Ngakho-ke kumelwe aphathwe ngokwehlukile.b UPetru waphawula ngendlela abanjalo ababengamaKristu abehluka ngayo kumuntu “ovamile.” Umphostoli wathi: “Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi inkosi nomsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala. . . . Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo, nokuthi: Ingulube igezwé qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”—2 Pet. 2:20-22; 1 Kor. 6:11.
12. (a) Kungani “ukususa ekuhlanganyeleni” kungamagama afanelekile? (b) Umlando ubonisani ngokuphathelene nendlela ababezishaya amaKristu abaphatha ngayo izoni ezikhathini zakuqala?
12 Yebo, iBhayibheli liyala amaKristu ukuba angadlelani noma ahlanganyele nomuntu oye wasuswa ebandleni. Kanjaloke, oFakazi BakaJehova bakubiza ngokufanelekile ukukhishwa futhi okulandela ukuxwaya isoni esinjalo esingaphenduki ngokuthi “ukususwa ekuhlanganyeleni.” Ukwenqaba kwabo ukuhlanganyela nomuntu osusiwe nganoma iliphi izinga elingokomoya nelokuhlalisana emphakathini kubonakalisa ukwethembeka ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulalela umyalo wakhe ku-1 Korinte 5:11, 13. Lokhu kuvumelana neseluleko sikaJesu sokuthi umuntu onjalo kumelwe abhekwe ngendlela efanayo naleyo ‘umuntu wezizwe’ ayebhekwa ngayo amaJuda angalesosikhathi. Esikhathini esithile ngemva kokufa kwabaphostoli, labo ababethi bangamaKristu ngokunokwenzeka basilandela lesimiso seBhayibheli.c Kodwa mangaki amasonto namuhla alandela iziqondiso ezisobala zikaNkulunkulu ngokuphathelene nalokhu?
LABO ABAZEHLUKANISA NGOKWABO
13. Kumelwe kwenziweni endabeni yomuntu oba buthakathaka futhi opholayo?
13 UmKristu angase abe buthakathaka ngokomoya, mhlawumbe ngenxa yokungatadishi njalo iZwi likaNkulunkulu, ukuba nezinkinga zomuntu siqu noma ukubhekana nokushushiswa. (1 Kor. 11:30; Roma 14:1) Umuntu onjalo angase ayeke ukuba-khona emihlanganweni yamaKristu. Kumelwe kwenziweni? Khumbula ukuthi abaphostoli bamshiya uJesu ngobusuku bokuboshwa kwakhe. Nokho uKristu wayenxuse uPetru, “Nxa usuphendukile, uqinise abafowenu [nabo abamshiya uJesu].” (Luka 22:32) Ngakho-ke, ngothando abadala abangamaKristu nabanye bangase bamhambele futhi bamsize oye waba buthakathaka futhi waphola. (1 Thes. 5:14; Roma 15:1; Heb. 12:12, 13) Nokho, ngenye indaba, lapho umuntu ekuphika ukuba kwakhe umKristu futhi azehlukanise ngokwakhe.
14. Umuntu angazehlukanisa kanjani ngokwakhe?
14 Umuntu oye waba umKristu weqiniso angase ayishiye indlela yeqiniso, ethi akasazibheki ngokwakhe njengomunye woFakazi BakaJehova futhi akasafuni ukuba aziwe njengonjalo. Lapho lesisehlakalo esingavamile senzeka, umuntu uyakuphika ukuma kwakhe njengomKristu, ngamabomu uzehlukanisa ngokwakhe nebandla. Umphostoli uJohane wabhala: “Baphuma kithi, kodwa babengesibo abakithi; ngokuba uma bebengabakithi, babeyakuhlala nathi.”—1 Joh. 2:19.
15, 16. (a) Umuntu futhi angazehlukanisa ngayiphi indlela? (b) AmaKristu kumelwe ababheke futhi abaphathe kanjani abantu abazehlukanisile?
15 Noma, umuntu angase ayilahle indawo yakhe ebandleni lobuKristu ngezenzo zakhe, njengokuba ingxenye yenhlangano enezinhloso eziphikisana neBhayibheli, futhi, ngenxa yalokho, abe ngaphansi kokwahlulelwa uJehova uNkulunkulu. (Qhathanisa nesAmbulo 19:17-21; Isaya 2:4) Ngakho-ke uma umuntu owayengumKristu ekhetha ukuhlanganyela nalabo uNkulunkulu angabavumeli, kuyoba ngokufanelekile ngebandla ukuba laziswe ngesaziso esifushane ukuthi uzehlukanisile ngokwakhe futhi akaseyena omunye woFakazi BakaJehova.
16 Abantu abazenza ngokwabo ukuba ‘bangabi abakithi’ ngokulahla ngabomu ukholo nezinkolelo zoFakazi BakaJehova ngokufanelekile kumelwe babhekwe futhi baphathwe njengalabo abaye basuswa ngenxa yokona.
UKUBAMBISANA NEBANDLA
17, 18. Yini ehilelekile ekubambisaneni kwethu nebandla ngokuphathelene nokususa ekuhlanganyeleni?
17 Nakuba amaKristu ejabulela ubudlelwano obungokomoya lapho exoxa noma efunda iBhayibheli nabafowabo noma nabantu abathakazelayo, ngeke afuna ukuba nokunjalo ukudlelana nesoni esisusiwe (noma lowo oye walahla ukholo nezinkolelo zoFakazi BakaJehova, ozehlukanisa ngokwakhe.) Umuntu osusiwe uye ‘waliwa,’ e‘zahlukanisa ngokwakhe’ ngenxa yo‘kona,’ futhi abasebandleni bamukela isahlulelo sikaNkulunkulu futhi banamathela kuso. Nokho, ukususa ekuhlanganyeleni, kusho okungaphezu nje kokuyeka ukudlelana okungokomoya.—Thithu 3:10, 11.
18 UPawulu wabhala: “Ningadlelani . . . ningaze nadla nokudla nonjalo.” (1 Kor. 5:11, NW) Ukudla isikhathi sokunethezeka nokujabulela ubuhlobo. Ngakho-ke, iBhayibheli liyakulahla ukuhlanganyela ubuhlobo, okunjengokuhamba nomuntu osusiwe kumapikniki noma ephathini, emdlalweni webhola, ukuya ebhishi noma ebhayisikobho, noma ukuhlala phansi udle naye.d (Izinkinga ezikhethekile ezihilela izihlobo eziye zasuswa ekuhlanganyeleni zicatshangelwe esihlokweni esilandelayo.)
19. Kungani ngezinye izikhathi kungase kube nzima ukunamathela elungiselelweni lokususa ekuhlanganyeleni, kodwa kungani kubalulekile ukuba sikwenze?
19 Ngezinye izikhathi umKristu angazizwa engaphansi kokucindezeleka okukhulu kokuba angasinaki iseluleko seBhayibheli. Imizwelo yakhe ingase imcindezele, noma angase acindezelwe abangane. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane wacindezeleka ukuba engamele emshadweni wabantu ababili abasusiwe ekuhlanganyeleni. Ingabe inkonzo enjalo ingabhekwa nje njengomusa? Umuntu angase azizwe kanjalo. Kodwa kungani kwakufunwa izinkonzo zakhe kunezemeya yedolobha noma elinye inxusa lombuso elishadisayo? Ingabe kwakungengenxa yokuma kwakhe njengesikhonzi sikaNkulunkulu nekhono lakhe lokunikeza iseluleko somshado esivela eZwini likaNkulunkulu? Ukuyekethisa ekucindezeleni okunjalo kwakungase kumhilele ekuhlanganyeleni nombhangqwana, abantu abaye basuswa ebandleni ngenxa yendlela yabo yokungasabi uNkulunkulu.—1 Kor. 5:13.
20. Kumelwe kube yini ukusabela kwethu uma umngane webhizinisi esusiwe ekuhlanganyeleni?
20 Ezinye izinkinga ziyaphakama ngokuphathelene nebhizinisi noma ukuqasha. Kuthiwani uma uqashwe umuntu manje osusiwe ebandleni, noma uye waqasha okuye kwenzeka lokho kuye? Kwenziwani-ke? Uma ubophekile ngokwenkontilaki, noma ngokwezimali ukuba uqhubeke nobuhlobo bebhizinisi okwesikhashana, ngokuqinisekile manje ubuyoba nombono owehlukile ngomuntu osusiwe. Ukuxoxa izindaba zebhizinisi naye noma ukuthintana naye emsebenzini kungase kudingeke, kodwa izingxoxo ezingokomoya nokujabulela ubungane akunakwenziwa. Ngaleyondlela uyobe ubonakalisa ukulalela kwakho uNkulunkulu futhi ube nomncele oyisivikelo kuwe ngokwakho. Futhi, lokhu kungase kugcizelele kuyena ukuthi isono sakhe siye samlahlekiselani ngezindlela ezihlukahlukene.—2 Kor. 6:14, 17.
KUNGAXOXWA YINI NOMUNTU OSUSIWE EKUHLANGANYELENI NOMA OZEHLUKANISILE?
21, 22. ImiBhalo inikeza siphi iseluleko ngokuphathelene nokuxoxa nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?
21 Ingabe ukunamathela ekulungeni kukaNkulunkulu naselungiselelweni lakhe lokususa ekuhlanganyeleni kusho ukuthi umKristu akumelwe nakancane axoxe nomuntu osusiwe, angasho neze nokuthi “Sawubona?” Abanye baye bazibuza ngalokho, ngenxa yeseluleko sikaJesu sokuthanda izitha zethu noku‘bingelela abafowethu bodwa.’—Math. 5:43-47.
22 Eqinisweni, ngokuhlakanipha kwakhe uNkulunkulu akazamanga ukuba asingathe isimo ngasinye esinokwenzeka. Esikudingayo ukuthola umqondo walokho uJehova akushoyo ngokuphathwa komuntu osusiwe, ngoba ngaleyondlela singalwela ukunamathela embonweni waKhe. Ngomphostoli uJohane, uNkulunkulu uyachaza:
“Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; . . . uma kufika umuntu kini engalethi lokhokufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli; ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.”—2 Joh. 9-11.
23, 24. Kungani kuwukuhlakanipha ukugwema ukuxoxa nabantu abasusiwe ekuhlanganyeleni?
23 Umphostoli owanikeza lesosixwayiso esihlakaniphile wayeseduze kakhulu noJesu futhi wayazi kahle kamhlophe lokho uKristu ayekushilo ngokubingelela abanye. Wayazi futhi ukuthi ukubingelela okuvamile kwalesosikhathi kwakuwukuthi “Ukuthula.” Ngokungafani ne“sitha” esithile somuntu noma umuntu wezwe onegunya ophikisa amaKristu, umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma ozehlukanisile ozama ukuthuthukisa noma ukuthethelela ukucabanga kwakhe kokuhlubuka noma oqhubeka ngokuziphatha kwakhe kokungamesabi uNkulunkulu ngokuqinisekile akayena umuntu ongafiselwa “ukuthula.” (1 Thim. 2:1, 2) Futhi sonke siyazi ngokwethu okuhlangenwe nakho kweminyaka eminingi ukuthi u“Sawubona” ovamile kothile angase abe isinyathelo sokuqala esiholela engxoxweni futhi ngisho nasebunganini. Ingabe sifuna ukuthatha lesosinyathelo sokuqala kumuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?
24 ‘Kodwa kuthiwani uma kubonakala sengathi uyaphenduka futhi udinga isikhuthazo?’ omunye angase azibuze. Likhona ilungiselelo lokusingatha izimo ezinjalo. Ababonisi ebandleni bakhonza njengabelusi abangokomoya nabavikeli bomhlambi. (Heb. 13:17; 1 Pet. 5:2) Uma umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma ozehlukanisile ecela, noma enikeza ubufakazi bokuthi ufuna ukubuyela emseni kaNkulunkulu, abadala bangaxoxa naye. Ngomusa bayochaza adinga ukukwenza futhi bangase bamnikeze neseluleko esifanelekile. Bangasebenzelana naye ngokwesisekelo samaqiniso esono sakhe sesikhathi esedlule nesimo sakhe. Abanye ebandleni abanakho ukwaziswa okunjalo. Ngakho-ke uma othile enomuzwa wokuthi umuntu osusiwe noma ozehlukanisile ‘uyaphenduka,’ ingabe kungenzeka lokho kwahlulela kusekelwe ekuhlatshweni umxhwele esikhundleni sokwaziswa okunembile? Uma ababonisi bebeneliseka ngokuthi umuntu uyaphenduka futhi uveza izithelo zokuphenduka,e ubeyobuyiselwa ebandleni. Ngemva kwalokho, lonke ibandla lingamamukela ngokufudumele emihlanganweni, limxolele, limduduze futhi liqinisekise uthando lwalo ngaye, njengoba uPawulu anxusa abaseKorinte ukuba benze njalo ngomuntu owayebuyiselwe eKorinte.—2 Kor. 2:5-8.
UKUNGAHLANGANYELI EMISEBENZINI EMIBI
25, 26. UNkulunkulu welulekani ngokuphathelene noku“hlanganyela” nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?
25 Wonke amaKristu athembekile kumelwe afake enhliziyweni iqiniso elingathi sína uNkulunkulu aphefumlela uJohane ukuba alilobe: “Ngokuba ombingelelayo [oyisoni esisusiwe esiqhubekela phambili nemfundiso engalungile noma inkambo yokungamesabi uNkulunkulu] uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.”—2 Joh. 11.
26 Izikhulumi eziningi zeLobukholwa zimbekela eceleni owesi-2 Johane 11. Zithi yi‘seluleko esingesona esobuKristu, esiphikisana nomoya weNkosi yethu,’ noma esikhuthaza ukungabekezeli. Nokho imizwa enjalo ivela ezinhlanganweni zenkolo ezingawusebenzisi umyalo kaNkulunkulu wo‘kuxosha omubi phakathi kwazo,’ lezo ezingavamile uma zike zikwenze ukususa emasontweni azo ngisho nezoni ezidume ngobubi obukhulu. (1 Kor. 5:13) “Ukubekezela” kwazo akuvumelani nombhalo, akubona ubuKristu.—Math. 7:21-23; 25:24-30; Joh. 8:44.
27. UmKristu angaba kanjani ‘umhlanganyeli,’ futhi namuphi umphumela?
27 Kodwa akukhona okungalungile ukuthembeka kuNkulunkulu weBhayibheli olungile noqotho. Usitshela ukuthi uyokwamukela ‘entabeni yakhe engcwele’ kuphela labo abahamba ngokungenacala, abenza ukulunga nabakhuluma iqiniso. (IHu. 15:1-5) Nokho, uma umKristu ehlanganyela nesoni esiye sanqatshwa uNkulunkulu noma sasuswa, noma esizihlukanise ngokwaso, lokhu kufana nje nokuthi ‘Nami angiyifuni indawo entabeni kaJehova engcwele.’ Uma abadala bembona ehamba ngaleyonkambo ngokuhlanganyela ngaso sonke isikhathi nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni, ngothando nangokubekezela bayozama ukumsiza ukuba azuze umbono kaNkulunkulu. (Math. 18:18; Gal. 6:1) Bayomkhuza futhi uma kudingeka, ‘bamyalisise.’ Bafuna ukumsiza ukuba ahlale ‘entabeni kaNkulunkulu engcwele.’ Kodwa uma engayeki ukudlelana nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni, khona-ke uyobe uzenze ngokwakhe ‘umhlanganyeli (umsekeli) emisebenzini emibi’ futhi kumelwe axoshwe ebandleni, asuswe ekuhlanganyeleni.—Thithu 1:13; Juda 22, 23; qhathanisa noNumeri 16:26.
UKWETHEMBEKA EMBONWENI KANKULUNKULU
28. Singakubonakalisa kanjani ukwethembeka kwethu embonweni kaJehova?
28 Ukwethembeka kuJehova uNkulunkulu naselungiselelweni lakhe umthombo wenjabulo, ngoba zonke izindlela zakhe zilungile, ziqotho futhi zinhle. Lokhu kuyiqiniso futhi, ngokuphathelene nelungiselelo lakhe lokususa ekuhlanganyeleni izoni ezingaphenduki. Njengoba sibambisana nalelolungiselelo, singathemba emazwini kaDavide: “Yazini ukuthi uJehova uzahlukanisele omesabayo.” (IHu. 4:3) Yebo, uNkulunkulu uzehlukanisele, uyabasiza futhi abaqondise abathembekileyo kuyena nasezindleleni zakhe. Phakathi kwezibusiso eziningi esizithola ngenxa yokwethembeka okunjalo yinjabulo yokuba phakathi kwalabo uNkulunkulu abavumelayo nabamukela ‘entabeni yakhe engcwele.’—IHu. 84:10, 11.
UYAWAKHUMBULA YINI LAMAPHUZU?
Lapho amaJuda exoshwa esinagogeni, ayephathwa kanjani?
UPawulu wabonisa kanjani ukuthi uyini umehluko ekuphatheni
(1) abantu bezwe abaziphatha kabi?
(2) abantu abasusiwe ebandleni abaziphatha kabi?
AmaKristu kumelwe ambheke kanjani umuntu ozehlukanisile ngokwakhe ebandleni?
“Ukususa ekuhlanganyeleni” kusho ukuphela kwaziphi izinhlobo zobudlelwano?
Kungani amaKristu engambingeleli noma amkhulumise umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?
Ngokuphathelene nokususwa ekuhlanganyeleni, yini okudingeka siyenze ukuze sihlale ‘entabeni kaNkulunkulu engcwele’?
[Imibhalo yaphansi]
a “Kusukela kulesosikhathi wayefana nomuntu ofile. Wayengavunyelwa ukuba afunde nabanye, kungekho ukudlelana [kokuzijabulisa] okufanele kwenziwe naye, wayengafanele aboniswe ngisho nendlela. Nokho, angase athenge izidingo zokuphila, kodwa kwakwenqatshelwe ukudla, noma ukuphuza nomuntu onjalo.”—The Life and Times of Jesus the Messiah, ngo-A. Edersheim, Umq. II k. 184.
b Ngokuvumelana nalemfundiso yeBhayibheli, uAdam Clarke uqhamisa umehluko, ethi: “Ningabi nabudlelwano [nesoni esixoshiwe] ezintweni ezingcwele noma zomphakathi. Ningashintshiselana ngezinto nomuntu ongamazi uNkulunkulu, nongasho ukuthi ungumKristu, kungakhathaliseki ukuthi uziphethe kanjani; kodwa akumelwe nakancane namukele umuntu othi ungumKristu, oziphethe kabi. Makathole loluphawu olwengeziwe lokwenyanya kwenu zonke izono.”
c Umlobi-mlando wesonto uJoseph Bingham ubhala lokhu ngokuqondene namakhulu eminyaka akuqala: “Ukuyala kwesonto kwakunamandla okuncisha abantu bazo izinzuzo namalungelo okubhapathizwa, ngokubakhiphela ngaphandle komphakathi nobudlelwano besonto, . . . futhi wonke umuntu wayebaxwaya futhi abagweme ezingxoxweni ezivamile, ngesizathu esiyingxenye sokuqinisa izinyathelo zesonto zokusola nezinqubo ngokumelene nabo, futhi ngokwengxenye ukubathela ngamahloni, futhi ngokwengxenye ukuzivikela ngokwabo engozini yokuthonywa ububi.” “. . . akukho muntu okwakumelwe amamukele ekhaya lakhe umuntu osusiwe, noma ngisho ukudla naye etafuleni elifanayo; kwakungamelwe baxoxe nabo ngokukhululekile, lapho besaphila; noma ngisho ukubangcwaba, lapho sebefile, . . . leziziqondiso zazimisiwe ngokwemithetho yabaphostoli eyayivimbela amaKristu ukunikeza noma yikuphi ukuvumela izoni ezimbi.”—The Antiquities of the Christian Church, kk. 880, 891.
d INqabayokulinda kaFebruary 15, 1982, yaxoxa ngabesi-2 Thesalonika 3:14, 15 lapho iBhayibheli lithi khona kungase kudingeke ‘ukuphawula’ umKristu ophikelela enkambweni engafanelekile. Nokho usengumzalwane futhi kumelwe ayalwe njengonjalo, kodwa amanye amaKristu kumelwe ‘ayeke ukuhlanganyela naye.’ Uma kufuneka ukudlelana naye ngokuzijabulisa nje, khona-ke umehluko omkhudlwana kumelwe ube-khona endabeni yezoni ezisusiwe ekuhlanganyeleni noma ezizehlukanisile.
e Ngengxoxo yokuphenduka, bheka INqabayokulinda kaFebruary 15, 1982.