Numeri
4 UJehova wakhuluma noMose no-Aroni, wathi: 2 “Kufanele kubalwe amadodana kaKohati + phakathi kwamadodana kaLevi, ngokwemindeni yawo nangokwezindlu zoyise, 3 wonke lawo aneminyaka engu-30 + kuya kwengu-50 ubudala + aseqenjini elabelwe ukusebenza etendeni lokuhlangana. +
4 “Lena inkonzo yamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana. + Yinto engcwelengcwele: 5 Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumele bangene behlise ikhethini + elilenga eduze komphongolo + wobuFakazi bawumboze ngalo. 6 Bayobeka isembozo sesikhumba semvu yamanzi phezu kwawo, bendlale indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka phezu kwawo bafake nezinduku zawo zokuwuthwala. +
7 “Bayondlala nendwangu eluhlaza okwesibhakabhaka phezu kwetafula lesinkwa sokubukwa, + babeke phezu kwalo izindishi, izindebe, izitsha, nojeke bomnikelo ophuzwayo; + phezu kwalo kufanele kuhlale kunomnikelo wesinkwa + wasikhathi sonke. 8 Bayondlala indwangu ebomvu phezu kwako, balimboze ngesembozo sesikhumba semvu yamanzi bafake nezinduku zokulithwala. + 9 Bayobe sebethatha indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka bamboze uthi lwesibani + sokukhanyisa kanye nezibani zalo, + izindlawu zalo zokucisha* ilangabi, imicengezi yalo yomlilo, + nazo zonke izitsha zalo zamafutha asetshenziselwa ukulunakekela. 10 Kumele balusonge nazo zonke izinto zalo ngesembozo sesikhumba semvu yamanzi bakubeke ogodweni lokukuthwala. 11 Phezu kwe-altare legolide + bayondlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, balimboze ngesembozo sesikhumba semvu yamanzi, bafake izinduku zokulithwala. + 12 Ngemva kwalokho bayothatha zonke izinto + zenkonzo abakhonza ngazo njalo endaweni engcwele, bazibeke endwangwini eluhlaza okwesibhakabhaka bese bezimboza ngesembozo sesikhumba semvu yamanzi bazibeke ogodweni lokuzithwala.
13 “Kufanele basuse umlotha* e-altare, + bendlale indwangu yoboya obuphephuli phezu kwalo. 14 Bayobeka phezu kwalo zonke izinto zalo abazisebenzisa lapho bekhonza e-altare: imicengezi yomlilo, izimfoloko, amahalavu, izitsha nazo zonke izinto ze-altare; + kufanele bendlale phezu kwalo isembozo sesikhumba semvu yamanzi, bafake izinduku zalo zokulithwala. +
15 “U-Aroni namadodana akhe kumele babe sebeqedile ukumboza indawo engcwele + nazo zonke izinto zendawo engcwele lapho ikamu lisuka. Ngemva kwalokho amadodana kaKohati ayongena ukuze akuthwale, + kodwa akumele athinte indawo engcwele ngoba ayokufa. + Lezi zinto ziwumsebenzi* wamadodana kaKohati ngokuqondene netende lokuhlangana.
16 “Umsebenzi ka-Eleyazare + indodana ka-Aroni umpristi ukwengamela amafutha ezibani, + impepho enamakha, + umnikelo wokudla okusanhlamvu owenziwa njalo namafutha okugcoba. + Wengamele lonke itabernakele nakho konke okukulo, okuhlanganisa nendawo engcwele nezinto zalo.”
17 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose no-Aroni, wathi: 18 “Ningavumi ukuba isizwe semindeni yamaKohati + sife phakathi kwamaLevi. 19 Kodwa senzeleni lokhu ukuze siqhubeke siphila singafi ngenxa yokusondela ezintweni ezingcwelengcwele. + U-Aroni namadodana akhe bayongena babele umuntu ngamunye kuso umsebenzi wakhe nalokho azokuthwala. 20 Akumele singene sibone izinto ezingcwele ngisho nesikhashana nje, ngoba sizofa.” +
21 UJehova wabe esekhuluma noMose, wathi: 22 “Kufanele kubalwe amadodana kaGereshoni + ngokwezindlu zoyise nangokwemindeni yawo. 23 Kufanele ubhalise wonke aneminyaka engu-30 kuya kwengu-50 ubudala aseqenjini elabelwe ukukhonza etendeni lokuhlangana. 24 Nakhu imindeni yamaGereshoni eyabelwe ukuba ikwenze nokuba ikuthwale: + 25 Izothwala izindwangu zetende zetabernakele, + itende lokuhlangana, isembozo salo nesembozo sesikhumba semvu yamanzi esiphezu kwalo, + ikhethini* lomnyango wetende lokuhlangana, + 26 amakhethini alengayo egceke, + ikhethini* lesango legceke + elizungeza itabernakele ne-altare, izintambo zako zamatende nazo zonke izinto zako, nazo zonke izinto okwenziwa ngazo inkonzo yalo. Lesi isabelo sayo. 27 Yonke inkonzo nemithwalo yamaGereshoni + kufanele yenganyelwe u-Aroni namadodana akhe; niyowabela yonke le mithwalo njengomsebenzi wawo. 28 Lena inkonzo okumele yenziwe imindeni yamaGereshoni etendeni lokuhlangana, + futhi imisebenzi yawo iqondiswa u-Itamari + indodana ka-Aroni umpristi.
29 “Amadodana kaMerari + uyowabhalisa ngokwemindeni yawo nangokwezindlu zoyise. 30 Uyobhalisa aneminyaka engu-30 kuya kwengu-50 ubudala, wonke aseqenjini elabelwe ukukhonza etendeni lokuhlangana. 31 Nakhu anesibopho sokukuthwala + ngokuqondene nenkonzo yawo etendeni lokuhlangana: izinhlaka zamapulangwe + zetabernakele, izingodo zalo, + izinsika zalo, + izisekelo zalo ezinezimbobo; + 32 izinsika + ezizungeze igceke, izisekelo zazo ezinezimbobo, + izikhonkwane zazo zetende, + izintambo zazo zetende kanye nazo zonke izimpahla zazo nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto. Uyokwabela umuntu ngamunye lokho azokuthwala. 33 Lena indlela imindeni yamadodana kaMerari + okufanele ikhonze ngayo etendeni lokuhlangana, iqondiswa u-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.” +
34 UMose no-Aroni nezikhulu + zenhlangano babe sebebhalisa amadodana amaKohati + ngokwemindeni yawo nangokwezindlu zoyise, 35 wonke aneminyaka engu-30 kuya kwengu-50 ubudala aseqenjini elabelwe ukukhonza etendeni lokuhlangana. + 36 Sebebonke ababhaliswa ngokwemindeni yabo babengu-2 750. + 37 Laba babhaliswa emindenini yamaKohati, bonke labo ababekhonza etendeni lokuhlangana. UMose no-Aroni bababhalisa ngokomyalo kaJehova ngoMose. +
38 Amadodana kaGereshoni + abhaliswa ngokwemindeni yawo nangokwezindlu zoyise, 39 wonke aneminyaka engu-30 kuya kwengu-50 ubudala aseqenjini elabelwe ukukhonza etendeni lokuhlangana. 40 Ingqikithi yalabo ababhaliswa ngokwemindeni yabo nangokwezindlu zoyise yayingu-2 630. + 41 Yilaba ababhaliswa emindenini yamadodana kaGereshoni, bonke labo ababekhonza etendeni lokuhlangana. UMose no-Aroni bababhalisa ngokomyalo kaJehova. +
42 Amadodana kaMerari abhaliswa ngokwemindeni yawo nangokwezindlu zoyise, 43 wonke aneminyaka engu-30 kuya kwengu-50 ubudala aseqenjini elabelwe ukukhonza etendeni lokuhlangana. + 44 Ingqikithi yalabo ababhaliswa kubo ngokwemindeni yabo yayingu-3 200. + 45 Yilaba ababhaliswa emindenini yamadodana akwaMerari, uMose no-Aroni abababhalisa ngokomyalo kaJehova ngoMose. +
46 UMose no-Aroni nezikhulu zakwa-Israyeli babhalisa wonke la maLevi ngokwemindeni yawo nangokwezindlu zoyise; 47 ayeneminyaka engu-30 kuya kwengu-50 ubudala, wonke ayabelwe ukukhonza nokuthwala imithwalo ngokuqondene netende lokuhlangana. + 48 Ingqikithi yalabo ababhaliswa yayingu-8 580. + 49 Babhaliswa ngokomyalo kaJehova ngoMose, yilowo nalowo ngokwenkonzo yakhe ayabelwe nomthwalo wakhe; babhaliswa njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.