NgokukaMathewu
20 “UMbuso wamazulu unjengomninindlu owaphuma ekuseni kakhulu eyoqasha izisebenzi ezizosebenza ensimini yakhe yamagilebhisi. + 2 Lapho esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela ensimini yakhe yamagilebhisi. 3 Ephuma futhi cishe ngehora lesithathu,* wabona abanye bemile bengaqashiwe emakethe; 4 nakulabo wathi, ‘Nani futhi hambani niye ensimini yamagilebhisi, ngizoninika noma yini efanele.’ 5 Ngakho bahamba. Waphinde waphuma cishe ngehora lesithupha* nangehora lika-9* wenza okufanayo. 6 Ekugcineni, cishe ngehora lika-11* waphuma futhi wathola abanye bemile, wathi kubo, ‘Kungani benilokhu nimi lapha usuku lonke ningaqashiwe?’ 7 Bathi kuye, ‘Kungenxa yokuthi akekho osiqashile.’ Wathi kubo, ‘Nani hambani niye ensimini yamagilebhisi.’
8 “Lapho kuhwalala, umnikazi wensimu yamagilebhisi wathi enduneni yakhe, ‘Biza izisebenzi uziholele imali yazo, + uqale ngesokugcina ugcine ngesokuqala.’ 9 Lapho abantu behora lika-11 befika, ngamunye wathola udenariyu.* 10 Ngakho lapho abokuqala befika, bacabanga ukuthi babezothola okwengeziwe, kodwa nabo baholelwa ngesilinganiso sikadenariyu.* 11 Lapho bewamukela bakhononda ngomninindlu 12 bathi, ‘La madoda okugcina enze umsebenzi wehora elilodwa; noma kunjalo uwenze alingana nathi esithwale umthwalo osindayo wosuku nokushisa okukhulu!’ 13 Kodwa yena ephendula omunye wabo, wathi, ‘Mfo, angikonanga ngalutho. Sivumelene ngodenariyu,* akunjalo? + 14 Thatha okungokwakho uhambe. Ngifuna ukunika lona wokugcina okufanayo nengikunika wena. 15 Anginalo yini ilungelo lokwenza engikuthandayo ngezinto zami? Noma ingabe iso lakho linomona* ngoba ngenze okuhle kubo?’ *+ 16 Kanjalo abokugcina bayoba ngabokuqala, abokuqala babe ngabokugcina.” +
17 Njengoba bekhuphukela eJerusalema, uJesu wathatha abafundi abangu-12 waya nabo ngasese wathi kubo endleleni: + 18 “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali. Bazoyinika isigwebo sokufa, + 19 bayinikele kubantu bezizwe ukuba bahlekise ngayo, bayibhaxabule futhi bayibulalele esigxotsheni; + kodwa ngosuku lwesithathu izovuswa.” +
20 Khona-ke unina wamadodana kaZebedewu + weza kuye ehamba namadodana akhe, wamkhothamela wacela okuthile kuye. + 21 Wathi kuye: “Ufunani?” Yena wamphendula wathi: “Khipha izwi lokuba la madodana ami amabili ahlale enye ngakwesokudla sakho enye ngakwesobunxele sakho, eMbusweni wakho.” + 22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuphuza indebe esengizoyiphuza?” + Bathi kuye: “Singakwazi.” 23 Wathi kubo: “Nizoyiphuza ngempela indebe yami, + kodwa ukuhlala ngakwesokudla sami nangakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.” +
24 Lapho abanye abayishumi bezwa ngakho, bazithukuthelela lezi zelamani ezimbili. + 25 Kodwa uJesu wababizela kuye, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza izingqongqo phezu kwazo nabantu abakhulu basebenzisa igunya phezu kwazo. + 26 Akumele kube njalo phakathi kwenu; + kodwa noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumele abe yisikhonzi senu, + 27 futhi noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumele abe yinceku yenu. + 28 Njengoba nje neNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza + nokunikela ngokuphila* kwayo kube yisihlengo sabaningi.” +
29 Njengoba bephuma eJeriko, walandelwa isixuku esikhulu. 30 Izimpumputhe ezimbili ezazihlezi eceleni komgwaqo zezwa ukuthi kwakudlula uJesu, zamemeza zathi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” + 31 Kodwa isixuku sazikhuza, sizitshela ukuba zithule; nokho zamemeza ngisho nakakhulu, zithi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide!” 32 Ngakho uJesu wama, wazibiza wathi: “Nifuna nginenzeleni?” 33 Zathi kuye: “Nkosi, yenza amehlo ethu avuleke.” 34 UJesu wazihawukela wathinta amehlo azo, + masinyane zabona, zamlandela.