UJeremiya
Khona-ke bengiyokhala imini nobusuku
Ngenxa yababulewe kubantu bakithi.
2 O ukube benginendawo yokuhlala ehlane!
“Ngoba basuka kokubi baye kokubi,
Abanginaki nokunginaka,” + kusho uJehova.
4 “Yilowo nalowo makaqaphe umakhelwane wakhe,
Ungamethembi ngisho nomfowenu.
5 Yilowo nalowo ukhohlisa umakhelwane wakhe,
Akekho okhuluma iqiniso.
Bafundise ulimi lwabo ukukhuluma amanga. +
Bazikhathaza ngokwenza okubi.
6 Wena uphila phakathi kwabantu abakhohlisayo.
Ngenkohliso yabo benqabile ukungazi,” kusho uJehova.
7 Ngakho yilokhu uJehova wamabutho akushoyo:
“Ngizobancibilikisa futhi ngibahlole, +
Ngoba yini enye engingayenza ngalaba bantu?
8 Ulimi lwabo luwumcibisholo obulalayo, luyakhohlisa.
Ngomlomo wakhe, umuntu ukhuluma kahle nomakhelwane wakhe,
Kodwa enhliziyweni yakhe umakhela uzungu.”
9 “Akufanele yini ngibahlulele ngenxa yalezi zinto?” kusho uJehova.
“Akufanele yini ngiziphindiselele esizweni esinjengalesi? +
10 Ngiyokhala ngilile ngenxa yezintaba,
Ngihlabelele ingoma yokulila ngenxa yamadlelo asehlane,
Ngoba ashisiwe ukuze kungadluli muntu,
Akukho msindo wemfuyo ozwakalayo.
Izinyoni zezulu nezilwane kubalekile; kuhambile. +
11 Ngizokwenza iJerusalema libe yinqwaba yamatshe, + indawo okuhlala kuyo izimpungushe, +
Ngizokwenza amadolobha akwaJuda abe amanxiwa, kungahlali muntu. +
12 Ubani ohlakaniphile ukuba akuqonde lokhu?
Ubani uJehova amtshele ngalokhu ukuze akumemezele kwabanye?
Kungani izwe lishabalele?
Kungani lishisiwe njengehlane,
Ukuze kungabi namuntu odabula kulo?”
13 UJehova wathi: “Ngenxa yokuthi bawushiyile umthetho* wami engabanika wona, nangenxa yokuthi abazange bawulandele futhi abalilalelanga izwi lami, 14 kodwa ngenkani balandele izinhliziyo zabo + nemifanekiso yoBhali, njengoba babefundiswe oyise. + 15 Yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo, ‘Ngenza ukuba laba bantu badle umhlonyane, ngizobenza baphuze amanzi anoshevu. + 16 Ngizobahlakazela ezizweni abangazange bazazi bona nokhokho babo, + futhi ngizothumela inkemba emva kwabo kuze kube yilapho sengibaqothulile.’ +
17 Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo,
‘Yibani nokuqonda.
Bizani abesifazane abahlabelela izingoma zokulila, +
Nibize abesifazane abanekhono,
18 Ukuze basheshe bahlabelele ingoma yokulila,
Ukuze amehlo ethu ageleze izinyembezi
Nezinkophe zethu ziconse amanzi. +
19 Ngoba kuzwakale umsindo wesililo eZiyoni: +
“Yeka indlela esishaqeke ngayo!
Sinamahloni!
Ngoba silishiyile izwe futhi bayibhidlizile imizi yethu.” +
20 Nina besifazane, yizwani izwi likaJehova.
Kwangathi indlebe yenu ingalamukela izwi lakhe.
Fundisani amadodakazi enu lesi sililo,
Nifundisane ingoma yokulila. +
21 Ngoba ukufa kungene ngamafasitela ethu;
Kungene emibhoshongweni yethu enezivikelo
Ukuze kubulale abantwana emigwaqweni,
Nezinsizwa ezigcawini.’ +
22 Yithi, ‘Yilokhu uJehova akushoyo:
“Izidumbu zabantu ziyoba njengomquba emhlabathini,
Njengezixha zokudla okusanhlamvu ezisanda kusikwa umvuni,
Kungekho muntu ozibuthayo.” ’ ” +
23 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Umuntu ohlakaniphile makangazigabisi ngokuhlakanipha kwakhe; +
Indoda enamandla mayingazigabisi ngamandla ayo;
Umuntu ocebile makangazigabisi ngengcebo yakhe.” +
24 “Kodwa ozigabisayo makazigabise ngenxa yalokhu:
Ukuthi unokuqonda futhi uyangazi, +
Ukuthi nginguJehova, Lowo obonisa uthando oluqotho, ubulungisa, nokulunga emhlabeni, +
Ngoba lezi zinto ziyangijabulisa,” + kusho uJehova.
25 “Bheka! Kuza izinsuku,” kusho uJehova, “engiyojezisa ngazo wonke umuntu osokile kodwa ebe engasokile ngempela, + 26 eGibhithe, + kwaJuda, + kwa-Edomi, + kwa-Amoni + nakwaMowabi + nabo bonke abashefe amahwanqa abahlala ehlane; + ngoba zonke izizwe azisokile, nayo yonke indlu ka-Israyeli ayisokile enhliziyweni.” +