Eyesibili YeziKronike
4 Ngemva kwalokho wenza i-altare lethusi, + ubude balo buyizingalo ezingu-20, ububanzi balo buyizingalo ezingu-20, ukuphakama kwalo kuyizingalo eziyishumi.
2 Wenza uLwandle *+ lwensimbi. Lwaluyindilinga, lungamamitha amane ukusuka kolunye unqenqema lwalo kuya kolunye unqenqema, ukuphakama kwalo kungamamitha amabili, kwakuthatha intambo yokukala engamamitha angu-13 ukulujikeleza lonke. + 3 Kwakunemihlobiso emise okwamaselwa *+ ngaphansi konqenqema lwalo olungaphezulu iluzungezile, iyishumi engalweni eyodwa nxazonke zoLwandle. Amaselwa ayeyizinhlu ezimbili, kubunjwe kanye nalo. 4 Lwaluphezu kwezinkunzi ezingu-12, + ezintathu zibheke enyakatho, ezintathu zibheke entshonalanga, ezintathu zibheke eningizimu nezintathu zibheke empumalanga; uLwandle lwaluhlezi phezu kwazo, zonke izinkunzi zazilufulathele. 5 Lwalulingana nobubanzi besandla* ukuba wugqinsi; unqenqema lwalo lwalwenziwe njengonqenqema lwenkomishi, lumise okwembali yomnduze. Lwalungamumatha amalitha angu-66 000.*
6 Ngaphezu kwalokho, wenza izindishi zokugeza, wabeka ezinhlanu kwesokudla nezinhlanu kwesobunxele. + Babeyakaza kuzo izinto ezazisetshenziselwa umnikelo oshiswayo. + Kodwa uLwandle kwakugezela kulo abapristi. +
7 Wabe esenza izinti zezibani zegolide, + njengoba kushiwo, + wazibeka ethempelini, ezinhlanu ngakwesokudla nezinhlanu ngakwesobunxele. +
8 Wenza namatafula ayishumi wawabeka ethempelini, amahlanu ngakwesokudla namahlanu ngakwesobunxele; + wenza izitsha zegolide ezingu-100.
9 Wabe esenza igceke + labapristi + negceke* elikhulu + neminyango yegceke, iminyango yalo wayinameka ngethusi. 10 Wabeka uLwandle ohlangothini olungakwesokudla, ngaseningizimu-mpumalanga. +
11 UHiramu wenza namakani, amahalavu nezitsha. +
Ngakho uHiramu wawuqeda umsebenzi ayewenzela iNkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu weqiniso: + 12 izinsika ezimbili + nezihloko ezimise okwendishi ezaziphezu kwezinsika ezimbili; okusasisefo okubili + okumboza izihloko ezimbili ezimise okwendishi ezaziphezu kwezinsika; 13 amahalananda angu-400 + alokhu okusasisefo okubili, izinhlu ezimbili zamahalananda esisefweni ngasinye ukuze zimboze izihloko ezimbili ezimise okwendishi ezaziphezu kwezinsika; + 14 izinqola* eziyishumi nezindishi eziyishumi phezu kwezinqola; + 15 uLwandle nezinkunzi ezingu-12 ngaphansi kwalo; + 16 amakani, amafosholo, izimfologo + nazo zonke ezinye izinto, uHiramu-abivi + wakwenzela iNkosi uSolomoni ngethusi elicwebezelayo ukuba kube okwendlu kaJehova. 17 Inkosi yakubumbela esifundeni saseJordani endaweni ewubumba phakathi kweSukoti + neZereda. 18 Zonke lezi zinto uSolomoni wazenza zaba ziningi kakhulu; isisindo sethusi asizange sitholakale. +
19 USolomoni wenza zonke izinto + zendlu kaNkulunkulu weqiniso: i-altare legolide; + amatafula + ayenesinkwa sokubukwa phezu kwawo; + 20 izinti zezibani nezibani zazo zegolide elihlanzekile, + ukuze zikhanyiswe phambi kwekamelo elingaphakathi ngokwalokho okwakudingeka; 21 izimbali, izibani nezindlawu* kwegolide, igolide elihlanzeke kunalo lonke; 22 izinto zokucisha umlilo, izitsha, izindebe nemicengezi yomlilo, kwegolide elihlanzekile; nomnyango wendlu, izicabha zayo zangaphakathi zeNgcwelengcwele + nezicabha zendlu yethempeli, kwegolide. +