uJobe
21 UJobe waphendula wathi:
2 “Kulalelisiseni lokhu engikushoyo;
Lokhu makube induduzo eninginika yona.
4 Ingabe ngikhalaza kumuntu?
Ukube bekunjalo, bengingeke* yini ngiphelelwe isineke?
5 Ngibukeni, ningigqolozele nimangele;
Nibeke isandla senu emlonyeni.
8 Izingane zabo zihlale zinabo,
Bathola nethuba lokubona inzalo yezingane zabo.
11 Abafanyana babo batshakadula ngaphandle njengomhlambi,
Nezingane zabo ziyagxumagxuma.
14 Kodwa bathi kuNkulunkulu weqiniso, ‘Hlukana nathi!
Asifuni ukuzazi izindlela zakho. +
15 Ungubani uMninimandla Onke ukuba simkhonze? +
Kuzosisiza ngani ukusondela kuye?’ +
16 Kodwa ngiyazi ukuthi ukuchuma kwabo akukho emandleni abo. +
Indlela ababi abacabanga ngayo* ikude nami. +
17 Kukangaki isibani sababi sicinywa? +
Kukangaki behlelwa inhlekelele?
Kukangaki uNkulunkulu ebabhubhisa ngolaka lwakhe?
18 Kuke kwenzeke yini babe njengotshani endaweni enomoya,
Nanjengamakhoba apheshulwa isivunguvungu?
19 Isijeziso somuntu uNkulunkulu uyosigcinela amadodana akhe.
Kodwa kwangathi uNkulunkulu angamjezisa* naye ukuze asizwe. +
20 Kwangathi amehlo akhe angakubona ukuwohloka kwakhe,
Futhi kwangathi kungaba nguye ophuza olakeni loMninimandla Onke. +
23 Umuntu oyedwa ufa enobungqabavu +
Lapho engasenazo ngokuphelele izinkathazo futhi ekhululekile, +
24 Lapho amathanga akhe egcwele amanoni
Futhi enamathambo aqinile.*
25 Kodwa omunye umuntu ufa ecindezeleke kakhulu,
Engakaze azinambithe izinto ezinhle.
29 Anizibuzanga yini izihambi?
Anizihlolisisi yini izinto* ezizibonile,
30 Ukuthi umuntu omubi uyavikelwa ngosuku lwenhlekelele,
Asindiswe ngosuku lwentukuthelo?
31 Ubani oyombuza ngezindlela zakhe,
Ubani oyombuyisela ngalokho akwenzile?
32 Lapho eyiswa emathuneni,
Ithuna lakhe liyoqashwa.
33 Amagabade omhlabathi wesigodi* ayoba mtoti kuye, +
Futhi sonke isintu siyamlandela *+
Njengabaningi abangaphambi kwakhe.
34 Pho kungani ningiduduza ngeze? +
Izimpendulo zenu zigcwele inkohliso!”