UJeremiya
6 O madodana kaBhenjamini, funani indawo yokukhosela, nisuke eJerusalema.
Ngoba kuza inhlekelele ivela enyakatho, isibhicongo esikhulu. +
2 Idolobha laseZiyoni lifana nowesifazane omuhle nototoswayo. +
3 Kuzofika abelusi nemihlambi yabo.
Sukumani, masilihlasele emini!”
“Maye kithi, ngoba usuku seluyaphela,
Ngoba amathunzi okuhlwa alokhu eluleka!”
6 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho akushoyo:
“Gawulani izihlahla nakhe indunduma yokuvimbezela iJerusalema. +
Liyidolobha okumele lijeziswe;
Phakathi kwalo kukhona ukucindezela kuphela. +
7 Njengoba umthombo ugcina amanzi ebanda,
Kanjalo nalo liwumthombo wobubi.
Kuzwakala udlame nokubhubhisa kulo; +
Ukugula nesifo kuhlale kuphambi kwami.
8 O Jerusalema, xwaya, uma kungenjalo ngizokufulathela nginengekile; +
Ngizokuphendula ihlane, izwe elingahlali muntu.” +
9 Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo:
“Bayokhothoza kungasali lutho ensalini ka-Israyeli njengamagilebhisi okugcina ezihlahleni.
Phinda welule isandla sakho njengomuntu ovuna amagilebhisi ezihlahleni.”
10 “Obani okufanele ngikhulume nabo ngibaxwayise?
Ubani ozolalela?
Bheka! Izindlebe zabo zivalekile,* kangangokuba abakwazi ukulalela. +
Bheka! Izwi likaJehova liyinto edelelekile kubo; +
Abajabuli ngalo.
“Yithululele emntwaneni osemgwaqweni, +
Emaqenjini ezinsizwa abuthene.
Bayobanjwa bonke, indoda kanye nomkayo,
Amadoda amadala kanye namaxhegu. +
Ngoba ngiyokwelula isandla sami ngokumelene nezakhamuzi zezwe,” kusho uJehova.
13 “Ngoba kusukela komncane kunabo bonke kuya komkhulu kunabo bonke, ngamunye uzitholela inzuzo ngokungathembeki; +
Kusukela kumprofethi kuya kumpristi, ngamunye uyakhwabanisa. +
14 Bazama ukwelapha amanxeba* abantu bami ngokunganaki,* bethi,
‘Kukhona ukuthula! Kukhona ukuthula!’
Kube kungekho ukuthula. +
15 Ingabe banamahloni ngenxa yezinto ezinyanyekayo abazenzile?
Abanawo nhlobo amahloni!
Abazi ngisho nokuthi kunjani ukuphoxeka. +
Ngakho bayokuwa kanye nabawayo.
Lapho ngibajezisa bayokhubeka,” kusho uJehova.
16 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Yimani ezimpambanweni zemigwaqo nibone.
Buzani ngemigwaqo yasendulo,
Buzani ukuthi ikuphi indlela enhle; nihambe ngayo, +
Nizitholele ukuphumula.”
Kodwa bathi: “Ngeke sihambe ngayo.” +
Kodwa abantu bathi: “Ngeke siwunake.” +
18 “Ngakho-ke yizwani nina zizwe!
Yazini nina bantu,
Ukuthi yini ezokwenzeka kubantu baseJerusalema.
19 Lalela mhlaba!
Ngiletha inhlekelele kulaba bantu +
Ngenxa yemicabango yabo emibi,
Ngoba abawanakanga amazwi ami
Nomthetho* wami bawenqabile.”
20 “Nginandabani mina nokuthi niletha impepho evela eSheba
Nomhlanga onuka kamnandi ovela ezweni elikude?
Iminikelo yenu eshiswa ngokuphelele ayamukeleki,
Nemihlatshelo yenu ayingijabulisi.” +
21 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo:
“Ngibekela laba bantu izikhubekiso,
Zizobakhuba,
Oyise namadodana ndawonye,
Umakhelwane nomngani wakhe,
Bazoshabalala bonke.” +
22 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Bheka! Kuza isizwe sivela ezweni elisenyakatho,
Isizwe esikhulu siyovuswa sivela ezindaweni ezikude kakhulu zomhlaba. +
23 Siyobe siphethe umnsalo nomkhonto.
Sinonya, ngeke sibe nasihe.
Izwi laso liyohlokoma njengolwandle,
Sigibele amahhashi. +
Sihlelelwe impi njengamadoda empi ngokumelene nawe ndodakazi yaseZiyoni.”
24 Siwuzwile umbiko ngaso.
25 Ningaphumi niye ensimini,
Ningahambi emgwaqweni,
Ngoba isitha siphethe inkemba;
Kukhona ukwethuka nxazonke.
Lila njengokungathi ulilela indodana okuwukuphela kwayo, ukhale kalusizi, +
Ngoba umbhubhisi uzosifikela ngokuzumayo. +
27 “Ngikwenze* umvivinyi wensimbi phakathi kwabantu bami,
Ofunisisa yonke indawo;
Kumele uqaphele uhlole indlela yabo.
Banjengethusi nensimbi;
Bonke bakhohlakele.
29 Isisebenzi sivuthela umlilo ukuze sicwengisise isiliva;
Indawo yokucwenga iyashisa kodwa kuphuma umthofu kuphela.