U-Amose
1 Lawa amazwi ka-Amose,* owayephakathi kwabafuyi bezimvu baseThekhowa, + awabona embonweni ophathelene no-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya + inkosi yakwaJuda nasezinsukwini zikaJerobowamu + indodana kaJowashi, + inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba. + 2 Wathi:
“UJehova uyobhonga eseZiyoni,
Uyophakamisa izwi lakhe eseJerusalema.
Amadlelo abelusi ayolila,
Nesiqongo saseKarmeli siyokoma.’’ +
3 “Yilokhu uJehova akushoyo,
‘ “Ngenxa yokuvukela* kaningi* kweDamaseku, ngeke ngikushintshe engikunqumile,
Ngoba balichoboza iGileyadi ngezinto zokubhula. +
4 Ngakho ngiyothumela umlilo phezu kwendlu kaHazayeli, +
Uyoshwabadela imibhoshongo eqinile kaBheni-hadadi. +
5 Ngiyophula imigoqo yaseDamaseku; +
Ngiqothule abahlala eBhikati-aveni
Nalowo obusa* eBheti-edene;
Abantu baseSiriya bayoya eKhiri njengabadingisiwe,” + kusho uJehova.’
6 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘ “Ngenxa yokuvukela kaningi kweGaza, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,
Ngoba bathatha lonke iqembu labadingisiwe + ukuze balinikele ku-Edomi.
8 Ngiyobhubhisa abahlala e-Ashidodi +
Isandla sami siyomelana ne-Ekroni, +
Abasele kumaFilisti bayoshabalala,” + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.’
9 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘Ngenxa yokuvukela kaningi kweThire, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,
Ngoba banikela ngalo lonke iqembu labadingisiwe ku-Edomi
Nangenxa yokuthi abasikhumbulanga isivumelwano sabafowabo. +
11 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘Ngenxa yokuvukela kaningi kuka-Edomi, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,
Ngoba wajaha umfowabo ngenkemba +
Nangenxa yokuthi wenqaba ukubonisa isihe;
Ulokhu ebadwengula ngolaka lwakhe,
Akayeki ukubathukuthelela. +
13 Yilokhu uJehova akushoyo,
‘ “Ngenxa yokuvukela kaningi kwabakwa-Amoni, + ngeke ngikushintshe engikunqumile,
Ngenxa yokuthi baqhaqha* abesifazane abakhulelwe bakwaGileyadi ukuze benze indawo yabo ibe banzi. +
14 Ngakho ngiyokokhela umlilo odongeni lwaseRaba, +
Uyoshwabadela imibhoshongo yalo eqinile,
Ngesiqubulo sempi ngosuku lwempi,
Ngesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
15 Inkosi yabo iyodingiswa kanye nezikhulu zayo,” + kusho uJehova.’