UZakariya
11 “O Lebhanoni, vula iminyango yakho,
Ukuze umlilo ushise imisedari yakho.
2 Khala sihlahla somjunipha, ngoba umsedari uwile;
Izihlahla ezinkulu ngokubabazekayo zibhujisiwe!
Khalani nina zihlahla ze-oki zaseBhashani,
Ngoba ihlathi elicinene liwile!
3 Lalelani! Ukukhala kwabelusi,
Ngoba ubukhulu babo obubabazekayo bucekelwe phansi.
Lalelani! Ukubhonga kwamabhongo amabhubesi,*
Ngoba ihlathi elicinene elingaseJordani licekelwe phansi.
4 “Yilokhu uJehova uNkulunkulu wami akushoyo, ‘Yalusa umhlambi ohloselwe ukuhlatshwa, + 5 obulawa + ngabathengi bawo kodwa bangathweswa cala. Labo abawuthengisayo + bathi, “Kwangathi uJehova angadunyiswa ngoba ngizoceba.” Abelusi bawo abawubonisi ububele.’ +
6 “ ‘Ngeke ngisazibonisa ububele izakhamuzi zezwe,’ kusho uJehova. ‘Ngakho ngizobangela ukuba yilowo nalowo acindezelwe yisandla sikamakhelwane wakhe nesenkosi yakhe; bayolicekela phansi izwe, ngeke ngibakhulule esandleni sabo.’ ”
7 Ngawelusa umhlambi ohloselwe ukuhlatshwa, + ngenxa yenu, nina bahluphekile bomhlambi. Ngakho ngathatha izindondolo ezimbili, olunye ngaluqamba ngokuthi ubuMnandi, olunye ngaluqamba ngokuthi ukuHlangana, + ngelusa umhlambi. 8 Ngaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba ngaphelelwa isineke ngabo, nabo bangenyanya. 9 Ngathi: “Ngeke ngisaqhubeka nginelusa. Ofayo makafe, oshabalalayo makashabalale. Labo abasele mabashwabadelane, yilowo nalowo inyama yomunye.” 10 Ngakho ngathatha udondolo lwami ubuMnandi + ngalunqamula, ngaphula isivumelwano sami engangisenze nazo zonke izizwe. 11 Saphulwa ngalolo suku, abahluphekile bomhlambi ababengibhekile bazi ukuthi kwakuyizwi likaJehova.
12 Ngathi kubo: “Uma kukuhle kini, nginikeni inkokhelo yami; kodwa uma kungenjalo, yekani.” Banginika* inkokhelo yami, izinhlamvu zesiliva ezingu-30. +
13 UJehova wabe esethi kimi: “Yiphonse endaweni yokugcina ingcebo—inani elibabazekayo* abalibona lingifanele.” + Ngakho ngathatha lezi zinhlamvu zesiliva ezingu-30 ngaziphonsa endaweni yokugcina ingcebo endlini kaJehova. +
14 Nganqamula udondolo lwami lwesibili, ukuHlangana, + nganqamula ubuhlobo phakathi kukaJuda no-Israyeli. +
15 UJehova wathi kimi: “Thatha amathuluzi kamalusi ongenalusizo. + 16 Ngivumela ukuba kuvuke umalusi ezweni. Ngeke azinakekele izimvu ezishabalalayo; + ngeke alifune izinyane, noma elaphe imvu elimele + noma azinike ukudla lezo ezikwazi ukuzimela. Kunalokho, uyayishwabadela inyama yekhuluphele, + ahlephule izinselo zezimvu. +
17 Maye kumalusi wami ongasizi ngalutho, + oshiya umhlambi! +
Inkemba iyoshaya ingalo yakhe neso lakhe lesokudla.
Ingalo yakhe iyobuna ngokuphelele,
Iso lakhe lesokudla liyovaleka ngokuphelele lingaboni.”*