Duteronomi
3 “Ngemva kwalokho saphenduka sakhuphuka ngeNdlela YaseBhashani. U-Ogi, inkosi yaseBhashani, waphuma nabo bonke abantu bakhe weza kithi empini e-Edireyi. + 2 Ngakho uJehova wathi kimi, ‘Ungamesabi, ngoba ngizomnikela kuwe yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe, wenze kuye njengoba nje wenzile kuSihoni inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.’ 3 Ngakho uJehova uNkulunkulu wethu waphinde wanikela kithi u-Ogi inkosi yaseBhashani nabo bonke abantu bakhe, sababulala kwaze kwangasala ngisho noyedwa. 4 Sabe sesithumba wonke amadolobha akhe. Akukho dolobhana esingalithathanga kubo—amadolobha angu-60, sonke isifunda sase-Arigobhi, umbuso ka-Ogi eBhashani. + 5 Wonke la madolobha ayevikelwe ngezindonga eziphakeme, amasango nemigoqo kanye namadolobhana amaningi kakhulu asemaphandleni. 6 Nokho, sawaqothula + njengoba nje sasenzile kuSihoni inkosi yaseHeshibhoni, ngokuqothula wonke amadolobha, kuhlanganise namadoda, abesifazane nabantwana. + 7 Sazithathela yonke imfuyo nempahla yamadolobha.
8 “Ngaleso sikhathi salidla izwe lamakhosi amabili ama-Amori + ayesesifundeni saseJordani, kusukela eSigodini Sase-Arinoni* kuze kufike eNtabeni iHermoni + 9 (amaSidoni ayebiza le ntaba ngokuthi iSiriyoni, ama-Amori eyibiza ngokuthi iSeniri), 10 wonke amadolobha ezwe elindlalekile,* lonke iGileyadi nalo lonke iBhashani kuze kufike eSaleka nase-Edireyi, + amadolobha ombuso ka-Ogi eBhashani. 11 Ngoba u-Ogi inkosi yaseBhashani uyena owayesele kumaRefa. Uhlaka lwakhe lokungcwaba* lwalwenziwe ngensimbi,* futhi luseseRaba labakwa-Amoni. Ubude balo bungamamitha* amane, nobubanzi balo bungamamitha angu-1,8. 12 Ngaleso sikhathi sathatha leli zwe: kusukela e-Aroweri, + elingaseSigodini Sase-Arinoni,* nohhafu wesifunda esinezintaba saseGileyadi, amadolobha aso ngiwanike abakwaRubeni nabakwaGadi. + 13 Yonke ingxenye esele yeGileyadi nalo lonke iBhashani lombuso ka-Ogi ngikunike uhhafu wesizwe sakwaManase. + Sonke isifunda sase-Arigobhi, esingesaseBhashani, sasibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
14 “UJayire + indodana kaManase wasithatha sonke isifunda sase-Arigobhi + kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowamaMahakhati, + waqamba lezo zindawo zaseBhashani ngegama lakhe, ngokuthi iHavoti-jayire, *+ kuze kube manje. 15 UMakiri ngimnike iGileyadi. + 16 AbakwaRubeni nabakwaGadi + ngibanike indawo esukela eGileyadi kuye eSigodini Sase-Arinoni,* inkaba yesigodi yaba umngcele, futhi kuze kufike eJabhoki, isigodi esiwumngcele wabakwa-Amoni, 17 ne-Araba neJordani nomngcele, kusukela eKhinereti kuya oLwandle Lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti,* phansi ezindaweni ezehlelayo zasePhisiga ngasempumalanga. +
18 “Nganinika lo myalo ngaleso sikhathi, ngathi, ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninike leli zwe ukuba nilithathe. Wonke amadoda enu angamaqhawe ayothatha izikhali awele phambi kwabafowenu, ama-Israyeli. + 19 Kuphela omkenu, izingane zenu nemfuyo yenu (ngazi kahle ukuthi ninemfuyo eningi kakhulu), okuzosala emadolobheni engininike wona, 20 kuze kube yilapho uJehova ephumuza abafowenu, njengoba enza kini, futhi nabo sebelithathile izwe uJehova uNkulunkulu wenu azobanika lona ngaphesheya kweJordani. Ngemva kwalokho niyobuya, kube yilowo nalowo efeni lakhe engininike lona.’ +
21 “Ngaleso sikhathi ngayala uJoshuwa, + ngathi: ‘Uzibonele ngawakho lokho uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kula makhosi amabili. UJehova uyokwenza into efanayo kuyo yonke imibuso enizowelela kuyo. + 22 Akumele niyesabe ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo.’ +
23 “Ngaleso sikhathi nganxusa uJehova, ngathi, 24 ‘O Nkosi EnguMbusi Jehova, usuqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nengalo yakho enamandla, + ngoba yimuphi unkulunkulu emazulwini noma emhlabeni owenza izenzo ezinamandla njengawe? + 25 Ngicela ungivumele ngiwele ngibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, lesi sifunda esihle esinezintaba neLebhanoni.’ + 26 Kodwa uJehova wayesangithukuthelele ngenxa yenu, + akazange angilalele. Kunalokho, uJehova wathi kimi, ‘Kwanele manje! Ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba. 27 Yenyukela esiqongweni sePhisiga + ubheke entshonalanga, enyakatho, eningizimu nasempumalanga ubuke izwe ngamehlo akho, ngoba ngeke uliwele leli Jordani. + 28 Beka uJoshuwa, + umkhuthaze, umqinise, ngoba nguye ozowela + phambi kwalesi sizwe futhi nguye ozosenza ukuba silizuze njengefa izwe ozolibona.’ 29 Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi sihlala esigodini esiphambi kweBheti-peyori. +