33 Memezani ngenjabulo ngenxa kaJehova nina enilungile. +
Kuyafaneleka ukuba abaqotho bamdumise.
2 Bongani uJehova ngehabhu;
Mhubeleni ngensimbi yomculo enezintambo eziyishumi.
3 Mhlabeleleni ingoma entsha; +
Khiphani lonke ikhono ekudlaleni izinsimbi ezinezintambo, nimemeze ngenjabulo.
4 Ngoba izwi likaJehova liqotho, +
Singakwethemba konke akwenzayo.
5 Uyakuthanda ukulunga nobulungisa. +
Umhlaba ugcwele uthando lukaJehova oluqotho. +
6 Ngezwi likaJehova amazulu enziwa, +
Nakho konke okukuwo ngomoya womlomo wakhe.
7 Ubuthela amanzi olwandle ndawonye njengokungathi ayidamu; +
Ufaka amanzi agubhayo ezinqolobaneni.
8 Bonke abasemhlabeni mabamesabe uJehova. +
Bonke abakhile emhlabeni mabakhexe ngenxa yakhe.
9 Ngoba wakhipha izwi, kwaba khona; +
Wayala, kwama kwaqina. +
10 UJehova uwabhuntshisile amacebo ezizwe; +
Uzibhuntshisile izinhlelo zezizwe. +
11 Kodwa izinqumo zikaJehova ziyokuma kuze kube phakade; +
Imicabango yenhliziyo yakhe isuka esizukulwaneni iye kwesinye isizukulwane.
12 Siyajabula isizwe esinoNkulunkulu onguJehova, +
Isizwe asikhethile ukuba sibe ngesakhe. +
13 UJehova ubheka phansi esemazulwini;
Ubona wonke amadodana abantu. +
14 Esendaweni ahlala kuyo,
Ubuka bonke abahlala emhlabeni.
15 Nguye obumba izinhliziyo zabo bonke;
Uhlola yonke imisebenzi yabo. +
16 Ayikho inkosi esindiswa yibutho lempi elikhulu; +
Iqhawe alisindiswa ngamandla alo. +
17 Ukuthembela ehhashini ukuba likusindise kuwukuzikhohlisa; +
Ukuba kwalo namandla amakhulu akusho ukuthi uzophunyuka.
18 Bheka! Iso likaJehova liqapha abamesabayo, +
Labo abalinde uthando lwakhe oluqotho,
19 Ukuba abakhulule ekufeni
Nokuba abalonde ngesikhathi sendlala. +
20 Silindele uJehova.
Ungumsizi wethu nehawu lethu. +
21 Izinhliziyo zethu ziyajabula ngaye,
Ngoba sithembele egameni lakhe elingcwele. +
22 O Jehova, uthando lwakho oluqotho malube phezu kwethu, +
Njengoba sikulindile. +