Eyokuqala KaPetru
2 Ngakho lahlani bonke ububi + nakho konke ukukhohlisa nobuzenzisi nomona nakho konke ukunyevuza.* 2 Njengezinsana ezisanda kuzalwa, + langazelelani ubisi olungonakalisiwe* lwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni, + 3 ngoba seninambithile* ukuthi iNkosi inomusa.
4 Njengoba niza kuyo, itshe eliphilayo elenqatshwa ngabantu + kodwa elikhethiwe neliyigugu kuNkulunkulu, + 5 nani njengamatshe aphilayo niyakhiwa nibe yindlu engokomoya + ukuze nibe ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo engokomoya + eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. + 6 Ngoba kuthiwa emBhalweni: “Bheka! Ngibeka itshe elikhethiwe eZiyoni, itshe eliyinhloko lesisekelo eliyigugu, akekho obonisa ukholo kulo oyoke adumazeke.” *+
7 Ngakho-ke, uyigugu kini, ngoba ningamakholwa; kodwa kulabo abangakholwa, “itshe elenqatshwa abakhi + selibe yitshe legumbi* eliyinhloko” + 8 “netshe lokukhubekisa nedwala lokucasula.” + Bayakhubeka ngoba abalilaleli izwi. Bamiselwa le njongo. 9 Kodwa “niluhlanga olukhethiwe, abapristi abangamakhosi, isizwe esingcwele, + isizwe esiyimpahla ekhethekile, + ukuze nimemezele kabanzi ubuhle” + baLowo owanibiza ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. + 10 Ngoba kade ningesona isizwe, kodwa manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; + naningaboniswanga isihe, kodwa manje seniboniswe isihe. +
11 Bathandekayo, ngininxusa njengezifiki nezakhamuzi zesikhashana + ukuba niqhubeke nideda ezifisweni zenyama, + ezilwa nani. + 12 Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, + ukuze kuthi lapho zinimangalela ngokuthi ningabenzi bokubi, zizibonele imisebenzi yenu emihle, + bese zikhazimulisa uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe.
13 Ngenxa yeNkosi zithobeni kuwo wonke amagunya abekwe ngabantu, *+ kungaba senkosini + njengephakeme 14 noma kubabusi njengabathunywe yiyo ukuba bajezise abenzi bokubi kodwa badumise labo abenza okuhle. + 15 Ngoba kuyintando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise* abantu abangenangqondo + abakhuluma ngokumelene nani ngenxa yokungazi. 16 Yibani ngabantu abakhululekile, + nokho ningasebenzisi inkululeko yenu njengesembozo* sokwenza okubi, + kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. + 17 Hloniphani zonke izinhlobo zabantu, + thandani bonke enikholwa nabo, *+ mesabeni uNkulunkulu, + dumisani inkosi. +
18 Izinceku mazizithobe emakhosini azo ngakho konke ukwesaba okufanele, + hhayi nje kuphela kwamahle nabonelelayo, kodwa nakulawo okunzima ukuwajabulisa. 19 Ngoba kuyamukeleka lapho umuntu ebekezelela ubunzima* futhi ehlupheka ngokungafanele ukuze abe nonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu. + 20 Ngoba kunanzuzoni uma nishaywa ngenxa yokona futhi nikukhuthazelela? + Kodwa uma nikhuthazelela ukuhlupheka ngenxa yokwenza okuhle, lokhu kuyinto eyamukelekayo kuNkulunkulu. +
21 Eqinisweni, nabizelwa khona lokhu, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, + enishiyela isibonelo ukuze nilandele izinyathelo zakhe eduze. + 22 Akenzanga sono, + nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe. + 23 Lapho ethukwa, + akaphindiselanga ngokuthuka. + Lapho ehlupheka, + akasongelanga, kodwa wathembela kuLowo owahlulela + ngokulunga. 24 Yena ngokwakhe wathwala izono zethu + emzimbeni wakhe esigxotsheni, *+ ukuze sikhululwe ezonweni* futhi siphilele ukulunga. Futhi “nelashwa ngamanxeba akhe.” + 25 Ngoba naninjengezimvu ezidukayo, + kodwa manje senibuyele kumalusi + nombonisi wemiphefumulo yenu.*