Genesise
50 UJosefa wabe eseziphonsa kuyise + wamkhalela, wamqabula. 2 Ngemva kwalokho uJosefa wayala izinceku zakhe, odokotela, ukuba bagcobe* + uyise. Ngakho odokotela bamgcoba u-Israyeli, 3 bathatha izinsuku ezingu-40 ezigcwele, ngoba yilesi sikhathi esasidingeka ukuze kugcotshwe isidumbu futhi amaGibhithe aqhubeka emkhalela izinsuku ezingu-70.
4 Lapho sezidlulile izinsuku zokumlilela, uJosefa wakhuluma nezikhulu zikaFaro,* wathi: “Uma ngithole umusa kini, ngidluliseleni lo myalezo kuFaro: 5 ‘Ubaba wangifungisa, + wathi: “Bheka! Sengiyafa. + Kumele ungingcwabe endaweni yami + engazilungisela yona ezweni laseKhanani.” + Ngicela ungivumele ngikhuphuke ngiyongcwaba ubaba, ngemva kwalokho ngizobuya.’” 6 UFaro waphendula: “Hamba uyongcwaba uyihlo njengoba nje akufungisa.” +
7 Ngakho uJosefa wakhuphuka wayongcwaba uyise, zonke izinceku zikaFaro zahamba naye, amadoda amadala + endlu yakhe nawo wonke amadoda amadala asezweni laseGibhithe 8 nabo bonke abomndeni kaJosefa nabafowabo nomndeni kayise. + Bashiya abantwana babo abancane nemihlambi yabo kuphela ezweni laseGosheni. 9 Kwakhuphuka kanye naye izinqola + nabagibeli bamahhashi, iqembu lalilikhulu kakhulu. 10 Bafika esibuyeni* sase-Athadi, esisesifundeni saseJordani, bafike balila kakhulu ngendlela edabukisayo, uJosefa waqhubeka elilela uyise izinsuku eziyisikhombisa. 11 Abantu bakulelo zwe, amaKhanani, bababona belila esibuyeni sase-Athadi, bababaza bathi: “Yisililo esikhulu samaGibhithe!” Yingakho saqanjwa ngokuthi i-Abela-mizirayimi,* esesifundeni saseJordani.
12 Ngakho amadodana akhe enza njengoba nje ayewayalile. + 13 Amadodana akhe amthwala amyisa ezweni laseKhanani amngcwaba emhumeni wensimu yaseMakaphela, insimu ephambi kwaseMamre u-Abrahama ayeyithenge ku-Efroni umHeti njengendawo yokungcwaba. + 14 Ngemva kokungcwaba uyise, uJosefa wabuyela eGibhithe nabafowabo nabo bonke ababehambe naye beyongcwaba uyise.
15 Lapho abafowabo bakaJosefa bebona ukuthi uyise wayesefile, bathi: “Kungenzeka ukuthi uJosefa ufukamele inzondo ngathi futhi uzoziphindiselela kithi ngakho konke okubi esikwenze kuye.” + 16 Ngakho bathumela umyalezo kuJosefa: “Uyihlo wakhipha lo myalo ngaphambi kokuba afe: 17 ‘Yilokhu eniyokusho kuJosefa: “Ngiyakuncenga, siza uxolele isiphambeko sabafowenu nesono abasenza ngokwenza okubi kuwe.”’ Manje sicela uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala lapho bekhuluma naye. 18 Ngemva kwalokho abafowabo beza bawa phambi kwakhe bathi: “Bheka, sifana nezigqila kuwe!” + 19 UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Ingabe ngisesikhundleni sikaNkulunkulu? 20 Nakuba nina nanifuna ukungilimaza, + uNkulunkulu wayehlose ukukushintsha lokho asindise abantu abaningi, njengoba enza namuhla. + 21 Ngakho manje ningesabi. Mina ngizoqhubeka ngininika ukudla nina nabantwana benu abancane.” + Wabaduduza wabaqinisekisa.
22 UJosefa waqhubeka ehlala eGibhithe, yena nomndeni kayise, futhi waphila iminyaka engu-110. 23 Wabona isizukulwane sesithathu samadodana ka-Efrayimi, + namadodana kaMakiri, + indodana kaManase. KuJosefa ayefana nezingane zakhe.* 24 Ekugcineni uJosefa wathi kubafowabo: “Sengiyafa, kodwa ngokuqinisekile uNkulunkulu uyoninaka, + nakanjani uyonikhuphula anikhiphe kuleli zwe aniyise ezweni afunga ngalo ku-Abrahama, ku-Isaka nakuJakobe.” + 25 Ngakho uJosefa wafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “Nakanjani uNkulunkulu uyoninaka. Kumele nithathe amathambo ami niwakhuphule niwakhiphe lapha.” + 26 UJosefa wafa eneminyaka engu-110, bamgcoba + ukuze angaboli, wayesefakwa ebhokisini lokungcwaba eGibhithe.