U-Isaya
38 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wacishe wafa. + Kwabe sekufika u-Isaya umprofethi + indodana ka-Amozi kuye wathi, “Yilokhu uJehova akushoyo: ‘Nikeza umndeni wakho* iziqondiso, ngoba uzofa; ngeke ululame.’ ” + 2 UHezekiya waphenduka wabheka odongeni wathandaza kuJehova, wathi: 3 “O Jehova, ngiyakuncenga, ngicela ukhumbule + indlela engihambe ngayo phambi kwakho ngokwethembeka nangenhliziyo ephelele, + ngenze okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wabe esekhala kakhulu.
4 Izwi likaJehova lafika ku-Isaya, lathi: 5 “Phindela emuva uthi kuHezekiya, + ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho akushoyo: “Ngiwuzwile umthandazo wakho. + Ngizibonile izinyembezi zakho. + Nginezela iminyaka engu-15 ekuphileni kwakho, *+ 6 futhi ngizokusindisa wena naleli dolobha esandleni senkosi yase-Asiriya, ngizolivikela leli dolobha. + 7 Yilolu uphawu oluvela kuJehova ukuze ubone ukuthi uJehova uzoligcwalisa izwi alikhulumile: + 8 Bheka ngizokwenza ukuba isithunzi esisezitebhisini* zika-Ahazi siphindele emuva ngamagxathu ayishumi.” ’ ” + Ngakho ilanga labuyela emuva ngamagxathu ayishumi ezitebhisini elase lehlile kuzo.
9 Umbhalo kaHezekiya inkosi yakwaJuda ngesikhathi egula wabe eselulama ekuguleni kwakhe.
Ngizophucwa iminyaka yami esele.”
11 Ngathi: “Ngeke ngimbone uJah,* uJah ezweni labaphilayo. +
Ngeke ngisasibuka isintu
Lapho sengikanye nabahlala ezweni lokufa.
Ngigoqe ukuphila kwami njengalapho umuntu osebenzisa uhlaka lokweluka indwangu egoqa indwangu;
Unginquma njengemicu ohlakeni lokweluka.
Kusukela emini kuze kuhlwe ulokhu ungiletha esiphethweni. +
13 Ngiyaziduduza kuze kube sekuseni.
Njengebhubesi, uqhubeka ewaphula wonke amathambo ami;
Kusukela emini kuze kuhlwe ulokhu ungiletha esiphethweni. +
15 Yini engingayisho?
Ukhulume nami wathatha isinyathelo.
Ngizohamba ngokuthobeka* yonke iminyaka yami
Ngenxa yobuhlungu benhliziyo yami.
Wena uyongiphilisa ungilonde. +
17 Bheka! Esikhundleni sokuthula ngangisosizini;
Kodwa wangilonda egodini lokubhubha,
Ngenxa yokuthi uyangithanda. +
Zonke izono zami uziphonse ngemva kwakho. *+
Labo abehlela egodini abanakuthembela ekubeni kwakho neqiniso. +
19 Abaphilayo kuphela abangakudumisa,
Njengoba nje ngikwazi namuhla.
Ubaba angawafundisa amadodana akhe ngokuba neqiniso kwakho. +
Zonke izinsuku zokuphila kwethu endlini kaJehova.’ ” +
21 U-Isaya wathi: “Lethani ikhekhe lamakhiwane omisiwe agxishiwe, nilibeke ethumbeni ukuze alulame.” + 22 UHezekiya wayebuzile wathi: “Yiluphi uphawu engizobona ngalo ukuthi ngizoya endlini kaJehova?” +